Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 12/1 kk. 6-7
  • Ukuthola Usizo Lokuqonda IBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Usizo Lokuqonda IBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INDLELA ABANTU ABABESIZWA NGAYO ENDULO
  • INDLELA ABANTU ABASIZWA NGAYO NAMUHLA
  • Ingosi Eyingqayizivele
    I-Phaphama!—2014
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2014
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2014
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 12/1 kk. 6-7

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGAKWAZI UKULIQONDA IBHAYIBHELI

Ukuthola Usizo Lokuqonda IBhayibheli

Ake uzicabange uvakashele ezweni ongalazi. Uhlangana nabantu, amasiko, ukudla nemali ongayijwayele. Kuyaqondakala ukuthi ungase uzizwe ukhungathekile.

Ungase uzizwe ngendlela efanayo lapho ufunda iBhayibheli okokuqala. Uzithola usezweni ongalazi lasendulo. Kulelo zwe, uhlangana nabantu ababizwa ngokuthi amaFilisti, ubona izinto ezikumangazayo njengabantu ‘abaklebhula izingubo zabo,’ noma ubona ukudla okubizwa ngokuthi imana nemali ebizwa ngokuthi amadrakma. (Eksodusi 16:31; Joshuwa 13:2; 2 Samuweli 3:31; Luka 15:9) Konke lokhu kungakudida. Njengalapho usuke uvakashele izwe ongalazi, cishe ubuyokujabulela ukuba othile akusize akuchazele izinto.

INDLELA ABANTU ABABESIZWA NGAYO ENDULO

Kusukela ngesikhathi imiBhalo engcwele eyaqala ukulotshwa ngaso ngekhulu le-16 leminyaka B.C.E., abantu bebelokhu besizwa ukuba baqonde imiBhalo. Ngokwesibonelo, uMose umholi wokuqala wesizwe sakwa-Israyeli ‘wachaza’ okwakulotshiwe.​—Duteronomi 1:5.

Ngisho nangemva kweminyaka eyinkulungwane, babesekhona abafundisi bemiBhalo abafanelekayo. Ngo-455 B.C.E., iqembu elikhulu lamaJuda, kuhlanganise nezingane eziningi, lalibuthene endaweni yomphakathi emzini waseJerusalema. Abafundisi beBhayibheli babelapho ‘befunda ngokuzwakalayo’ incwadi yomthetho. Kodwa benza okungaphezu kwalokho. Basiza abantu ukuba baqonde “lokho okwakufundwa.”​—Nehemiya 8:​1-8.

Ngemva kweminyaka engu-500, uJesu Kristu wayenza umsebenzi ofanayo wokufundisa. Empeleni, ngokuyinhloko wayaziwa njengomfundisi. (Johane 13:13) Wafundisa izixuku nabantu ngabanye. Ngesinye isikhathi, wakhuluma nesixuku esikhulu, wanikeza iNtshumayelo Yasentabeni futhi “izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” (Mathewu 5:​1, 2; 7:28) Entwasahlobo ka-33 C.E., uJesu wakhuluma nabafundi bakhe ababili ngesikhathi besendleleni eya emzaneni ongaseJerusalema, ‘ebakhanyisela imiBhalo ngokugcwele.’​—Luka 24:​13-15, 27, 32.

Abafundi bakaJesu nabo babengabafundisi beZwi likaNkulunkulu. Ngesinye isikhathi, isikhulu saseTopiya sasifunda ingxenye ethile yemiBhalo. Umfundi obizwa ngokuthi uFiliphu weza kuso wasibuza: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” Samphendula sathi: “Ngingakwazi kanjani nje nempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” UFiliphu wabe esesichazela lokho okushiwo umBhalo.​—IzEnzo 8:​27-35.

INDLELA ABANTU ABASIZWA NGAYO NAMUHLA

Belingisa abafundisi beBhayibheli bangesikhathi esidlule, oFakazi BakaJehova namuhla bahlanganyela emsebenzini wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emazweni angu-239. (Mathewu 28:​19, 20) Isonto ngalinye, basiza abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-9 ukuba baqonde iBhayibheli. Iningi lalabo bafundi liyaziqabuka izinto elizifundayo. Abantu bafundiswa iBhayibheli mahhala futhi bangafundela emakhaya abo nakunoma iyiphi enye indawo abayikhethayo. Abanye abantu bajabulela ukufundiswa ngocingo noma nge-video, kusetshenziswa i-computer noma umakhalekhukhwini.

Ukuze uthole okwengeziwe ngendlela ongazuza ngayo kuleli lungiselelo, sicela uxhumane noFakazi BakaJehova. Uzothola ukuthi kunokuba iBhayibheli libe incwadi engaqondakali, ‘linenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni,’ ukuze ‘ukufanelekele ngokugcwele, uyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’​—2 Thimothewu 3:​16, 17.

Bukela i-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? engosini ethi www.pr2711.com/zu

Bukela i-video ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? engosini ethi www.pr2711.com/zu

Ukuthola Usizo Kuyi-Internet

Owesifazane ohlezi esitolo sekhofi, uhlola ingosi ethi jw.org

Ungathanda yini ukuzihlolela iBhayibheli kuyi-Internet? Ukuze wenze kanjalo, ngena engosini ethi jw.org. Le ngosi inokwaziswa okutholakala mahhala mayelana neBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-700. Ungase ukujabulele ukufunda ngezihloko ezilandelayo:

Imibuzo evame ukubuzwa abantu

  • Iyini injongo yokuphila?

  • Kungani abantu befa?

  • Kwenzekani lapho ufa?

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI)

Izinkinga zomuntu siqu

  • Indlela ongabhekana ngayo nokukhathazeka

  • Ukuphila nesifo esingamahlalakhona

  • Izinkinga zemali nezikweletu

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI)

Usizo lomkhaya

  • Indlela yokunqanda ukuqagulisana

  • Ukukhulisa izingane ukuba zibe abantu abadala abavuthiwe

  • Fundisa izingane zakho ukuziphatha

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > ABASHADILE NABAZALI)

Iseluleko sentsha

  • Ngingabhekana kanjani nokuhlukunyezwa ngokobulili

  • Ngenzenjani uma ngixhashazwa

  • Indlela yokubhekana nesizungu

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela