Imihlangano Yenkonzo Ka-May
Isonto Eliqala NgoMay 4
INgoma 72
10 imiz: Izaziso zabandla neZaziso ezikhethiwe ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza abamemezeli ukuba babe senkonzweni kulempela-sonto. Ummemezeli ngamunye kufanele akwenze umgomo wakhe ukuba ahlanganyele njalo enkonzweni isonto ngalinye futhi alethe umbiko ngokushesha ekupheleni kwenyanga.
20 imiz: “Ukuhambisa Isikhokhelo SeNqabayokulinda NgoMay.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nengxoxo ngenjongo yeNqabayokulinda njengoba iboniswe ngenhla ekhasini 2 lomagazini ngamunye. Kungase kusikiselwe izintshumayelo ezengeziwe, ezisekelwe komagazini abangase basetshenziswe enkonzweni yasensimini kulelisonto. Ukuhanjiswa komagazini kuye kwehla, ngakho bonke abamemezeli bakhuthazwa ukuba bakhathalele ukuhambisa omagazini ngaso sonke isikhathi, ngisho nalapho isipho sesikhokhelo singemukelwa.
15 imiz: “Izethulo Zingenza Umehluko.” Xoxa ngalesihloko nezilaleli. Ingabe zike zazizama ezinye zezingeniso ezisikiselwe kuNkonzo Yethu YoMbuso yamuva, eziningi zazo ezithathwe encwadini Ukubonisana? Iziphi izingeniso ezithole ukuthi ziphumelela kakhulu ensimini yebandla? Abamemezeli bazilungiselela futhi baziprakthize nini izingeniso zabo zenkonzo yasensimini? Yiba nemiboniso emibili noma emithathu emifushane yezingeniso eziye zaphumelela ensimini yebandla.
INgoma 32 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoMay 11
INgoma 9
5 imiz: Izaziso zebandla.
20 imiz: “Yenza Izimpindelo Eziphumelelayo.” Xoxa nezilaleli ngamaphuzu ayinhloko akulesihloko, mhlawumbe uhlanganisa nokuhlangenwe nakho okufushane kwamuva lapho impindelo iye yaphumela ekuvuseni isithakazelo esengeziwe. Sebenzisa imizuzu eyisithupha kuya kweyisishiyagalombili yokugcina ekwenzeni umboniso ngendlela umqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla asiza ngayo abamemezeli ababili noma abathathu ukuba balungiselele ukuphindela kubantu abathakazelayo abasanda kubathola ensimini yebandla. Uma kungenzeka, sebenzisa izimpindelo ezingokoqobo abamemezeli abazoya kuzo kamuva.
20 imiz: Ingxoxo ngesithi “Ukukhulekela Okhokho” esisencwadini Ukubonisana, amakhasi 299-301. Nakuba abaningi bengase baphikise ngokuthi okhokho abakhulekelwa iningi labantu abaphucuzekile, kuningi okwenziwayo emphakathini wesimanje ukuze kudunyiswe abafileyo. Abantu abathile namanje basahlonishwa futhi basakhulekelwa njengokungathi bayaphila. Izithombe, imidwebo, nemilando yokuphila kwabantu kudumisa abantu ababevelele. Yethula umboniso kababa oxoxa nengane yakhe eyeve eminyakeni eyishumi nambili. Lomzali usebenzisa ukwaziswa okusencwadini Ukubonisana, ikhasi 299. Qokomisa ukwaziswa okusezihlokwaneni ezimbili zokugcina ukuze ubonise ingane ukuthi kungani kunengozi ukubukela amabhayisikobho athusayo akhuthaza ukukhulekela imimoya noma umqondo wokuthi abafileyo bayabuya bazohlupha abaphilayo. Chaza isimo sabafileyo nethemba lovuko, futhi ubonise indlela lokhu okufanele kuthinte ngayo umbono wethu ngabafileyo. Lengane izwakalisa isifiso sokugwema ukuzijabulisa okukhuthaza ukukhulekela imimoya.
INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoMay 18
INgoma 202
10 imiz: Izaziso zebandla, kuhlanganise nombiko wezimali kanye nokubongwa kweminikelo. Tusa ibandla ngokusekela ngokwezimali ibandla nomsebenzi weNhlangano womhlaba wonke. Amabandla kufanele enze amalungiselelo aqinisekile okuhlanganyela emsebenzini kamagazini ngamaholide omphakathi ngoMay. Bonke abantu bakhuthazwa ukuba basekele lamalungiselelo, ngisho noma kungaba ingxenye yosuku kuphela.
20 imiz: “Khuthaza Ukuphishekelwa Kwemigomo Engokomoya.” Ingxoxo ehlanganyelwa nezilaleli esingathwa umdala. Ngemva kokucabangela isigaba 6, xoxa nommemezeli oyisibonelo owathi lapho esemusha wasabela esikhuthazweni sokulwela ukufinyelela imigomo engokomoya. Wakhuthazwa yini? Lapho nicabangela isigaba 7, veza izinzuzo eziwusizo eziyotholwa kokubili abazali nabasebasha ngokubukeza izahluko 22, 38, no-39 zencwadi ethi Intsha Iyabuza.
15 imiz: Lungiselela Umkhankaso Wensimu Engabelwe Ka-1992. Umbonisi wenkonzo uxoxa ngencwadi eyayivela eNhlanganweni yomhla ka-April 1, 1992, eyayikhuluma ngomkhankaso wensimu engabelwe ka-1992. Kungase kusetshenziswe okuhlangenwe nakho okukuNqabayokulinda kaFebruary 1, 1992, ikhasi 24 neka-April 1, 1992, ikhasi 15.
INgoma 213 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoMay 25
INgoma 220
10 imiz: Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini. Okuhlangenwe nakho okutholwe emkhankasweni wesikhokhelo (lokhu kufanele kuhlelwe kahle kusengaphambili ngosizo lomzalwane ophatha izikhokhelo ebandleni).
15 imiz: Zivikele Ekuhlubukeni. Ingxoxo phakathi komdala nommemezeli abahlezi esiteji. Ummemezeli uyachaza ukuthi uhlangane nothile enkonzweni obefunda izincwadi zezihlubuki. Ummemezeli utshela umdala ukuthi unomuzwa wokuthi umninikhaya ubeqotho emibuzweni ayiphakamisile. Ummemezeli usenqabile isipho somninikhaya sezincwadi zezihlubuki kodwa angathanda ukuzama ukuyophendula imibuzo yalomninikhaya. Umdala utusa ummemezeli ngesimo sakhe esihle sengqondo nezenzo zakhe. Kunokuba baxoxe ngalokho izihlubuki ezikubhalile noma ezikushoyo, kuhlakaniphile ukugxila embonweni ongokomBhalo wendaba njengoba uvezwe encwadini Ukubonisana. Umdala ucela ummemezeli ukuba avule incwadi yakhe ethi Ukubonisana, futhi ndawonye babukeza amakhasi 281-3. Ingxoxo kufanele ifudumale futhi ikhuthaze njengoba becabangela incazelo yokuhlubuka, isihlokwana ngasinye esikhulu esigqamile, nemibhalo ekhethiwe eyinhloko uma isikhathi sivuma. Phetha lengxoxo ngokukhulumela okuqondile ngakho konke ukwaziswa okwakhayo nokukhuthazayo esinakho esingakusebenzisa ekutadisheni. Hlanganyela isigijimi esakhayo nomninikhaya. Uma eqotho, uyowubona umehluko phakathi kwendlela eqondile yeqiniso nendlela ephambene, egxekayo yezihlubuki. Ngokwenqaba kwethu imibono nezincwadi zezihlubuki, sibonisa ukuthembeka kwethu kuJehova nasenhlanganweni yakhe ebonakalayo.
20 imiz: “Ukudla Okungokomoya Kwansuku Zonke—Kubalulekile Emkhayeni WamaKristu.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo ngalokhu kwaziswa.
INgoma 108 nomthandazo wokuphetha.