Ukudla Okungokomoya Kwansuku Zonke—Kubalulekile Emkhayeni WamaKristu
1 “Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” (Mat. 4:4) Yeka ukuthi lawomazwi ayiqiniso kangakanani! Njengoba nje sidinga ukudla okungokwenyama nsuku zonke, kanjalo kudingeka sidle ukudla okungokomoya nsuku zonke. Ukuze isisize ukuba sizondle njalo ngeZwi likaNkulunkulu, iNhlangano iye yanyathelisa incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Njengomkhaya wamaKristu, ingabe nibekela eceleni isikhathi usuku ngalunye ukuze nicabangele itekisi losuku?
2 Abazali Kumelwe Babeke Isibonelo: Lapho unesimiso esimatasa, kulula ukungalicabangeli itekisi, ucabanga ukuthi lingacatshangelwa ngesinye isikhathi. Kodwa uma abazali besikhathalela isidingo esingokomoya somkhaya wabo, bayosithola isikhathi, yebo, basenze, usuku ngalunye ukuze balicabangele lapho umkhaya undawonye. (Mat. 5:3, qhathanisa neNW.) Bayothatha isinyathelo kuqala hhayi nje ngokufunda itekisi losuku kuphela nabantwana babo kodwa futhi nangokuqokomisa amaphuzu akuNqabayokulinda futhi baxoxe ngokuthi kungasetshenziswa kanjani ngendlela ewusizo lokho kwaziswa neseluleko. Yiqiniso, kungase kudinge umzamo nokuzijwayeza ukuze ujwayele lomkhuba, kodwa izinzuzo zikufanele lokho. (Qhathanisa nezEnzo 17:11, 12.) Ngakho, bazali, zikhandleni ukuze nibeke isibonelo esihle!
3 Bekani Isikhathi Esikahle: Sinini isikhathi esikahle kakhulu ngawo wonke umkhaya ukuba uhlangane ndawonye ucabangele itekisi, ukuze kungabi yinto nje eqhutshwa noma nini? Kunenzuzo ukuqalisa usuku ngokucabangela itekisi leBhayibheli. Emakhaya aseBethel nawezithunywa zevangeli emhlabeni wonke, usuku luqaliswa ngokukhulekela kwasekuseni, okuhlanganisa ingxoxo emfushane yetekisi losuku. Lokhu kusiza abazalwane ukuba baqalise usuku lwabo ngesiqalo esihle, bezindla nsuku zonke ngezikhumbuzo zikaJehova.—IHu. 1:1, 2; Fil. 4:8.
4 Ngendlela efanayo imikhaya yamaKristu ingazuza ezingxoxweni zasekuseni zeBhayibheli. Abantwana bangasizwa ukuba babhekane nokusongelwa kwengokomoya labo abahlangabezana nakho esikoleni. Uma esikhathini esithile kungenzeki ngawo wonke umkhaya ukuba uhlale phansi uxoxe ngetekisi losuku, abazali bangacabangela amanye amalungiselelo ukuze bangalahlekelwa yilokhu kondliwa okungokomoya okubalulekile. Ngokwesibonelo, uma ubaba kumelwe aye emsebenzini ngaphambi kokuba abantwana bavuke ekuseni, mhlawumbe umama anganikela isikhathi esithile ekuxoxeni ngetekisi nabantwana. Ngakolunye uhlangothi, eminye imikhaya ihlela ukuba ixoxe ngetekisi kusihlwa ngoba isuke indawonye ngalesosikhathi. Umkhaya ngamunye ungenza isimiso esizifanela kahle izimo zawo.
5 Ukondliwa okungokomoya kwansuku zonke kubalulekile emkhayeni wamaKristu. Kunikeni indawo yokuqala ukucabangela itekisi losuku. (Fil. 1:10) Ukuxoxa ngetekisi leBhayibheli usuku ngalunye kuyosisiza ukuba sibambelele ngokuqinile ezimisweni zokulunga nasemithethweni kaJehova. Ukubambisana okwenziwa ilungu ngalinye lomkhaya kuyokwenza lelilungiselelo libe inzuzo enkulu kubo bonke.