Ekulungiseleleni Isikhumbuzo
Ingabe bonke, kuhlanganise nesikhulumi, bazisiwe ngesikhathi esiqondile nendawo yalomkhosi? Ingabe isikhulumi sinayo into yokuhamba?
Ingabe asenziwe amalungiselelo aqinisekile okuthola izifanekiselo nokuba zibe sezilungile ngesikhathi esifanele?
Ingabe asenziwe amalungiselelo okuba kulungiswe itafula kusengaphambi kwesikhathi ngendwangu ehlanzekile yokulimboza futhi kubekwe izingilazi nezitsha ezanele?
Yimaphi amalungiselelo enziwe okuhlanza iHholo LoMbuso kusengaphambi kwesikhathi? Ingabe izikhulisa-zwi ezifanele ziye zalungiselelwa uma ihholo liqashiwe?
Ingabe abalindi nabahambisa izifanekiselo sebabelwe? Ingabe umhlangano wangaphambi kweSikhumbuzo oyoqhutshwa nabo usuhleliwe ukuze nibukeze imisebenzi yabo? Nini? Iyiphi inqubo eyolandelwa ukuze kuqinisekwe ukuthi bonke badluliselwa izifanekiselo ngokufanelekile?
Ingabe asenziwe amalungiselelo okusiza abazalwane nodade asebekhulile nabagulayo? Ingabe enziwe amalungiselelo okuhambisela noma yimuphi wabagcotshiwe izifanekiselo okungenzeka ubambekile futhi akanakukwazi ukuba khona kanye nebandla?