ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
PHAWULA: (1) INkonzo Yethu YoMbuso izoba nesimiso soMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye ngesikhathi somhlangano wesigodi, kanye nokubukezwa kwamaphuzu avelele esimiso okuthatha imizuzu engu-30 okuyokwenziwa ngesonto lika-December 27. Amabandla angenza ushintsho oludingekile ukuze kube nesikhathi sokuya eMhlanganweni Wesigodi ‘Wezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ nokubukezwa kwamaphuzu eMhlanganweni Wenkonzo wesonto elilandelayo.
(2) Kusukela kule-Nkonzo Yethu YoMbuso, iSimiso SoMhlangano Wenkonzo sizohlanganisa isimiso soMhlangano Wenkonzo wokuqala wenyanga elandelayo. Kwenziwe lolu shintsho ukuze kulungiselelwe ukulibala okungase kwenzeke ekuthunyelweni kwe-Nkonzo Yethu YoMbuso.
Isonto Eliqala Ngo-December 6
INgoma 207
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ekuqaleni kuka-December. Labo abazobe bengekho noma beye emhlanganweni wesigodi ekupheleni kwenyanga kufanele bafake imibiko yabo ngaphambi kokuba bahambe. Gcizelela isidingo sokuba bonke kule nyanga bafake imibiko yabo ka-December.
15 imiz: “Lingisa Ukungakhethi KukaJehova.” Isethulo sibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Chaza lokho okushiwo ukungakhethi, indlela uJehova akubonisa ngayo nokuthi thina singakubonisa kanjani enkonzweni yethu.—Bheka i-Insight, Umqulu 1, ikhasi 1192, izigaba 4-7.
20 imiz: “Ingabe Asikaze Sikuzwe Lokhu Ngaphambili?” Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Cela izilaleli ukuba zilandise ukuthi ukuphindaphinda kuye kwazisiza kanjani ukuba ziliqonde futhi zilazise ngokwengeziwe iqiniso.—Bheka INqabayokulinda ka-July 15, 1995, amakhasi 21-2 neka-August 15, 1993, amakhasi 13-14, izigaba 10-12.
INgoma 218 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 13
INgoma 168
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Nikeza ukusikisela kokuthi singasabela kanjani ngokuhlakanipha ezilokothweni zamaholide. Uma ibandla linencwadi ethi Umuntu Omkhulu noma ethi UMfundisi Omkhulu esitokweni, babonise ukuthi bangayisebenzisa kanjani ngokunenzuzo enkonzweni ngamaholide kaKhisimusi.
15 imiz: “ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2000.” Inkulumo enikezwa umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Bukeza izinguquko ezilandelayo ezenziwe esimisweni sonyaka ozayo. INkulumo No. 3 izosekelwa kwethi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba itholakala e-Nguqulweni Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. INkulumo No. 4 izosekelwa encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo futhi ezinyangeni ezintathu zokugcina onyakeni iyosekelwa kwesithi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” njengoba sitholakala e-Nguqulweni Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Lapho kunophawu olunjena (#) eceleni kwale nkulumo, kutuswa ukuba isingathwe umzalwane. Bakhuthaze bonke ukuba bahambisane nokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke futhi bakukhuthalele ukufeza izabelo zabo esikoleni.
20 imiz: “Yini Ongayisho Kumuntu Ongakholelwa Ukuthi UNkulunkulu Ukhona?” Imibuzo nezimpendulo. Bukeza izizathu ezihlukahlukene zokuthi kungani abanye bengasenalo ukholo kuNkulunkulu. Sikisela ezinye izindlela esingase sixoxe nabo ngazo, sibasize babone ukuhlakanipha kokuqaphela ukuthi uNkulunkulu ukhona. Makube nomboniso owodwa noma emibili emifushane. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 394-400 nethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, isahluko 14.
INgoma 220 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 20
INgoma 219
10 imiz: Izaziso zebandla. Makube nabamemezeli abalandisa okuhlangenwe nakho okufanelekayo abaye bakujabulela enkonzweni yasensimini muva nje.
15 imiz: Ukuphendula Abafuna Ukuvimba Ingxoxo. Ingxoxo nezilaleli kanye nemiboniso. Funda esithi “Ukukhulumela” emakhasini 15-16 encwadi Ukubonisana. Khetha izindlela ezimbili noma ezintathu ‘zabafuna ukuvimba ingxoxo’ emakhasini 16-20, noma usebenzise ezinye enivame ukuhlangabezana nazo ensimini yenu. Bukeza ezinye zezindlela zokuphendula ezisikiselwe, uhlaziye ukuthi kungani zingase ziphumelele ensimini yenu. Makube nemiboniso yezimbalwa zazo. Cela izilaleli zilandise ngezimpendulo eziye zazisebenzisa kwaba nemiphumela emihle.
20 imiz: Ingabe Kufanele Ngiwamukele Umsebenzi Ohilela Inhlangano Yenkolo? Inkulumo enikezwa umdala, esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 1999, amakhasi 28-30. Abanye abantu baye bayamukela imisebenzi enjalo kwathi kamuva bathola ukuthi ababekwenza akuvumelani nezimiso zeBhayibheli. Yisho imibuzo okufanele siyicabangele lapho senza isinqumo sokuthi singawenza yini umsebenzi wokuziphilisa onokuxhumana okuthile nenkolo. Bakhuthaze bonke ukuba baphishekele inkambo eyoqinisekisa ukuma okuhle phambi kukaJehova.—2 Kor. 6:3, 4, 14-18.
INgoma 109 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 27
INgoma 166
15 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Uma ibandla lenu lizozishintsha izikhathi zemihlangano ngonyaka omusha, bakhuthaze ngomusa bonke ukuba babe khona njalo emihlanganweni ngezikhathi ezintsha. Yazisani abantu enifunda nabo iBhayibheli nabanye abathakazelayo nganoma yiluphi ushintsho olwenziwe, bese niqala ukusebenzisa izimemo ezibonisa izikhathi ezintsha. Bakhumbuze bonke ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-December.
30 imiz: Bukeza Esithi UMhlangano Wesigodi ‘Wezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho.’ Kufanele isingathwe abadala abathathu, ababelwe kusengaphambili. Makube ukubukezwa okuthakazelisayo nokunomdlandla kwamaphuzu avelele osuku owabelwe lona. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza ibandla ukuba likhumbule amaphuzu ayisihluthulelo angase asetshenziswe ngokomuntu siqu nasensimini. Ukukhulumela kwezilaleli nokulandisa okuhlangenwe nakho kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
INgoma 224 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 3
INgoma 10
10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-December.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: Yazi Indlela Yokuphendula. (Kol. 4:6) Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Incwadi Ukubonisana iwusizo olumangalisayo ekuvuleni indlela yokuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabanye. Lapho umninikhaya evusa impikiswano ngenye yezinkolelo zethu, mhlawumbe singasebenzisa esithi “Uma Umuntu Ethi—”esisekugcineni kwengxenye ekhuluma ngaleyo nkolelo. Xoxani ngalokho okushiwoyo ngokuphathelene neBhayibheli ekhasini 65-8, futhi nicabangele ukuthi kungani izimpendulo ezisikiselwe zingaphumelela.
INgoma 56 nomthandazo wokuphetha.