Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Ukubukezwa izincwadi zivaliwe kokwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-September 6 kuya ku-December 20, 1999. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhalela kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:
1. UJehova uye wavumela abantu ukuba bazibuse ukuze abonise ukuthi ukubusa kwaKhe kuhlale kulungile futhi kunobulungisa. (Dut. 32:4; Jobe 34:10-12; Jer. 10:23) [w97-ZU 2/15 k. 5 isig. 3]
2. IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uyakulahla konke ukukhononda. [w97-ZU 12/1 k. 30 izig. 3-4]
3. Abazali bagcina ubuhlobo babo nezingane ezishadile busendaweni yabo efanele ngokuqaphela izimiso zobunhloko zokuhlonipha uNkulunkulu nokuhleleka. (Gen. 2:24; 1 Kor. 11:3; 14:33, 40) [fy-ZU k. 164 isig. 6]
4. UMarku 6:31-34 ubonisa ukuthi uJesu wahawukela isixuku ngenxa nje yokuthi sasigula futhi simpofu. [w97-ZU 12/15 k. 29 isig. 1]
5. Uma umKristu wesigaba sezinye izimvu engakwazi ukuba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu, kufanele asigubhe ngemva kwenyanga, ekwenza ngokuvumelana nesimiso esikuNumeri 9:10, 11. (Joh. 10: 16) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke, bheka i-w93-ZU 2/1 k. 31 isig. 9.]
6. Nakuba ogogo nomkhulu abangamaKristu bengawuthathi umthwalo wemfanelo kababa nomama wokugxilisa amaqiniso eBhayibheli ezinganeni zabo, ogogo nomkhulu bangafeza indima ewusizo ngokuba nesandla ekukhuleni ngokomoya kwengane. (Dut. 6:7; 2 Thim. 1:5; 3:14,15) [fy-ZU k. 168 isig. 15]
7. IzAga 6:30 zibonisa ukuthi ukweba kungathethelelwa ngaphansi kwezimo ezithile. [g97-ZU 11/8 k. 19 isig. 2]
8. Ngo-1530, uWilliam Tyndale waba ngowokuqala ukusebenzisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, enguqulweni yesiNgisi yemiBhalo YesiHeberu. [w97-ZU 9/15 k. 28 isig. 3]
9. Namuhla, umuzi wesiphephelo owafanekiselwa uyilungiselelo likaNkulunkulu lokusivikela ekufeni ngenxa yokweqa umyalo wakhe ngobungcwele begazi. (Num. 35:11) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 11/15 k. 17 isig. 8.]
10. Igama elithi Duteronomi, elisho “uMthetho Wesibili,” liyafaneleka ngoba le ncwadi yeBhayibheli imane nje iwukuphindwa koMthetho. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-si-ZU k. 36 isig. 4.]
Phendula imibuzo elandelayo:
11. Yini efanekiselwa izinkwa ezimbili ezinemvubelo ezazinikelwa umpristi ophakeme ngoMkhosi WePhentekoste? (Lev. 23:15-17) [3, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w98-ZU 3/1 k. 13 isig. 21.]
12. IJubili lamaKristu laqala nini, futhi hlobo luni lokukhululeka elakuletha ngaleso sikhathi? (Lev. 25:10) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 5/15 k. 24 isig. 14.]
13. Ngokomlando osencwadini kaNumeri, ukusinda kuxhomeke kuziphi izinto ezintathu? [si-ZU k. 30 isig. 1]
14. UMose wayeyisibonelo esihle ngayiphi indlela ekuboniseni ukuthi wayengenawo umhawu? (Num. 11:29) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 9/15 k. 18 isig. 11.]
15. Indaba kaKora, uDathani no-Abiramu ibonisa kanjani ukuthi ukubona akuholeli ngaso sonke isikhathi ekukholweni? [w97-ZU 3/15 k. 4 isig. 2]
16. Yiziphi izici ezimbili zokubonisa ukwazisa abazali abakhulile eziqokonyiswayo kuMathewu 15:3-6 nakweyoku-1 Thimothewu 5:4? [fy-ZU kk. 173-5 izig. 2-5]
17. Yisiphi isifundo esibalulekile esiqokonyiswa kuNumeri 26:64, 65? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-g95-ZU 8/8 kk. 10-11 izig. 5-8.]
18. Isibonelo sikaFinehasi sisisiza kanjani ukuba siqaphele ukuthi ukuzinikezela kuJehova kusho ukuthini? (Num. 25:11) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 3/1 k. 16 izig. 12-13.]
19. Umuntu ‘angawudlula’ kanjani ‘umkhawulo’ womuzi ofanekiselwayo? (Num. 35:26) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 11/15 k. 20 isig. 20.]
20. I-Codex Sinaiticus yaba kanjani usizo ekuhunyushweni kweBhayibheli? [w97-ZU 10/15 k. 11 isig. 2]
Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
21. UJehova uye wavumela ububi buqhubeke ukuze alenze licace kube kanye iqiniso lokuthi nguye yedwa ․․․․․․․․ nokuthi ․․․․․․․․ imithetho yakhekudingekile ukuze kube nokuthula nenjabulo eqhubekayo kuzo zonke izidalwa zakhe. (IHu. 1:1-3; IzAga 3:5, 6; UmSh. 8:9) [w97-ZU 2/15 k. 5 isig. 4]
22. Incwadi kaLevitikusi ivelele ekuqokomiseni ․․․․․․․․ begazi, ibonisa ukuthiokuwukuphela kwendlela evunyelwe yokulisebenzisa ․․․․․․․․ [si-ZU k. 29 isig. 33]
23. Ngokuvumelana neHubo 144:15b, injabulo yangempela iyisimo senhliziyo, esisekelwe ․․․․․․․․ lwangempela ․․․․․․․․ obuhle noJehova. [w97-ZU 3/15 k. 23 isig. 7]
24. IBhayibheli elaba khona ngenxa yokuhunyushwa kweBhayibheli lesiHeberu liyiswa esiGrekini esivamile, elaqedwa ngo-150 B.C.E., labizwa ngokuthi ․․․․․․․․ ; inguqulo kaJerome yokuhumushela iBhayibheli esiLatinini yaziwa ngokuthi i- ․․․․․․․․ , futhi yaqedwa ngo-400 C.E.
[w97-ZU 8/15 k. 9 isig. 1; k. 10 isig. 4]
25. Esusela ekulandiseni kwencwadi kaNumeri ngoBalami noKora, uJuda waxwayisa amaKristu ukuba aqaphele izingibe ․․․․․․․․ kanye ․․․․․․․․. [si-ZU k. 35 isig. 35]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Kanye ngonyaka, (ngoMkhosi Wamadokodo; ngoSuku Lokubuyisana; ngePhasika), sonke isizwe sakwa-Israyeli, kuhlanganise nabagogobele ababekhulekela uJehova, kwakumelwe (bayeke yonke imisebenzi; bakhokhe okweshumi; balethe ulibo) futhi bazile. (Lev. 16:29-31) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 7/1 k. 10 isig. 12.]
27. Omunye wemigomo yeKomiti YeBhayibheli YeNguqulo Yezwe Elisha kwakuwukuveza inguqulo (ebeka indaba ngezwi nezwi ngangokunokwenzeka; echaza izilimi zokuqala; evumelana nokuqonda imfundiso ethile) ukuze yenze umfundi akwazi ukuzwa izici zezilimi zokuqala futhi aqonde nezindlela zokucabanga ezihlobene nazo. [w97-ZU 10/15 k. 11 isig. 5]
28. NgokwamaHeberu 13:19, imithandazo ephikelelayo yamakholwa akanye nathi ingenza umehluko (walokho uNkulunkulu akuvumelayo; wokuthi uNkulunkulu usithatha nini isinyathelo; ukuthi uNkulunkulu uzihlela kanjani izinto.) [w97-ZU 4/15 k. 6 isig. 1]
29. ‘Igoda eliluhlaza ensepheni yemiphetho yengubo’ yomIsrayeli lalidingeka ukuze libe (njengomhlobiso ongcwele; uphawu lwesizotha; isikhumbuzo esisobala sokuthi kwakumelwe behluke ezweni njengabantu bakaJehova). (Num. 15:38, 39) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w84-ZU 4/15 k. 20 isig. 16 (w83 10/15 k. 20 isig. 16).]
30. Isikhathi esihlanganiswa incwadi kaDuteronomi (siyizinyanga ezimbili; siwunyaka; siyiminyaka emibili), futhi ukulotshwa kwayo kwaqedwa ekuqaleni (kuka-1513; kuka-1473; kuka-1467) B.C.E. [si-ZU k. 36 isig. 6]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Num. 16:41, 49; Math. 19:9; Luka 2:36-38; Kol. 2:8; 3:14
31. Ukuphila ngokuzila akuholeli ebungcweleni obukhethekile noma ekukhanyiselweni kwangempela. [g97-ZU 10/8 k. 21 isig. 3]
32. Ubufebe buwukuphela kwesizathu esingokomBhalo sesehlukaniso nesingakuvumela ukuba uphinde ushade. [fy-ZU kk. 158-9 isig. 15]
33. Ukuba matasa emisebenzini engokwasezulwini, ngisho naseminyakeni yokukhula, kungasiza ekubhekaneni nokulahlekelwa umngane womshado. [fy-ZU kk. 170-1 isig. 21]
34. Ukusola indlela uJehova abusebenzisa ngayo ubulungisa ngezinceku zakhe azimisile kungaba nemiphumela eyinhlekelele. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 6/15 k. 21 isig. 13.]
35. Uthando olungenabugovu lubopha umbhangqwana ndawonye futhi luwenze ufune ukwenzelana okuhle kodwa, wona nezingane zawo. [fy-ZU k. 187 isig. 11]