Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/10 k. 2
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Imihlangano Izuzisa Abantwana Bethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 1/10 k. 2

IBhokisi Lemibuzo

◼ Ngamunye wethu angasiza kanjani ekulondolozeni isimo esihle sokufunda emihlanganweni yebandla? (Dut. 31:12)

Ngenxa yenhlonipho ejulile ngoJehova nangelungiselelo lakhe lemihlangano yebandla, sonke sikhuthazwa ukuba sifike kusenesikhathi futhi sikulungele ukufundiswa nguye. Kuyasiza kakhulu ukuhlala ezihlalweni eziphambili ehholo, izihlalo ezisemuva sizishiyele labo abanezingane ezincane nalabo okungenzeka bafike sekwephuzile. Ngaphambi kokuba umhlangano uqale, omakhalekhukhwini nezinye izinto zobuchwepheshe kufanele bacushwe ngendlela yokuthi bangaziphazamisi izilaleli. Iziphazamiso ziyoba ncane kakhulu lapho bonke abakhona belondoloza isimo senhlonipho phakathi nemihlangano.—UmSh. 5:1; Fil. 2:4.

Lapho abasanda kuhlanganyela beqala ukuya emihlanganweni yebandla, othile ebandleni obaziyo angase acele ukuhlala nabo phakathi nemihlangano. Lokhu kungaba usizo kakhulu uma benezingane okufanele ziqeqeshwe. Ukuba khona emihlanganweni kungenzeka kuyinto entsha emkhayeni. Uma kunjalo, bayokwazisa kakhulu ukuhlala emuva lapho bengeke baphazamise khona abanye uma kwenzeka abazali kudingeka baphume ukuze bayonakekela abantwana babo. (IzAga 22:6, 15) Imikhaya enezingane ezincane akufanele ihlaliswe kwenye indawo lapho izingane zingase zibe nomuzwa wokuthi zikhululekile ukubanga khona umsindo. Ngokuvamile kungcono ukuba umzali aphume ayokhuza izingane noma ayonakekela izidingo zazo ngaphandle kwehholo abuye uma eseqedile.

Abalindi balwela ukulondoloza isimo esifanele endlini yokukhulekela. Basiza imikhaya nalabo abangase bafike sekwephuzile ukuba bathole indawo efanele yokuhlala. Benza ngokuqonda nangokuhlakanipha lapho besiza abanye ukuba bahlale kahle ngaphandle kweziphazamiso. Basebenzisa ukwahlulela okuhle lapho besingatha noma yiziphi iziphazamiso ezingalindelekile. Uma ingane iziphatha ngendlela ephazamisa abanye, abalindi bangasiza ngomusa.

Bonke abakhona emihlanganweni yokukhulekela bangaba nengxenye ekwakheni isimo esihle sokufunda ngoJehova nangezinjongo zakhe zomhlaba omusha onokuthula nokulunga.—Heb. 10:24, 25.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela