ISimiso Sesonto Lika-June 27
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 27
INgoma 123 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 5 ¶17-22 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 52-59 (10 imiz.)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini (20 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izaziso. “Singakanani Isikhathi Okufanele Ngisibale?” Inkulumo enikezwa umdala. Ngemva kwenkulumo, kusetshenziswa intshumayelo eyisibonelo ekhasini 4, makube nomboniso wendlela yokuqala isifundo seBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala ku-July. Bakhuthaze bonke ukuba babe nengxenye.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Omagazini Ngo-July. Ingxoxo. Sebenzisa umzuzu noma emibili ubukeze okuqukethwe omagazini. Yibe usukhetha izihloko ezimbili noma ezintathu, bese ucela izilaleli zisikisele imibuzo nemiBhalo engasetshenziswa lapho behanjiswa. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
15 imiz: Ungabacunuli Abantu Lapho Ushumayela. Ingxoxo esekelwe kwethi ISikole Senkonzo, amakhasi 197-199. Makube nomboniso wommemezeli osingatha impikiswano evamile ngendlela ecasulayo. Makube nomunye umboniso wommemezeli osingatha impikiswano efanayo ngendlela engacunuli.
INgoma 92 Nomthandazo