ISimiso Sesonto Lika-February 4
ISONTO ELIQALA NGO-FEBRUARY 4
INgoma 70 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 5 ¶1-6, nebhokisi ekhasini 55 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 22-25 (10 imiz.)
No. 1: Mathewu 23:25-39 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kungani AmaKristu Kufanele Abe Nesithakazelo Esibukhali Ezibikezelweni ZeBhayibheli?—rs k. 155 ¶2-6 (5 imiz.)
No. 3: Yiziphi Izibonelo ZeBhayibheli Ezibonisa Ukuhlakanipha Okusencwadini YezAga 3:5? (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-February. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaza ukuthi kungani omagazini beyobakhanga abantu ensimini yenu. Usebenzisa isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele imibuzo evusa isithakazelo engabuzwa kanye nomBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nange-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi kulab’ omagazini. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
20 imiz: “Ngaphambi Kokuba Nishumayele, Kungase Kudingeke Nifune.” Imibuzo nezimpendulo ngombonisi wenkonzo. Qokomisa indlela lokhu kwaziswa okungasetshenziswa ngayo ensimini yebandla. Uma kuneqembu lolunye ulimi elinakekelwa ibandla lenu noma uma kumelwe nifune abantu abakhuluma ulimi lwebandla lenu, makube nomboniso walokho okungase kushiwo emsebenzini wokufuna lapho nixoxa ngesigaba 5.
INgoma 95 Nomthandazo