Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/13 k. 3
  • “Thandani Bonke Abazalwane”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Thandani Bonke Abazalwane”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okusenza Sithande Yonke Inhlangano Yabafowethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Busisa Ubuzalwane Bethu BobuKristu
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
  • Ubuzalwane Obunobunye
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Isisekelo Sezwe Elisha Esakhiwayo Manje
    Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 1/13 k. 3

“Thandani Bonke Abazalwane”

Amazwi aphefumulelwe alesi sihloko alotshwa cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule. (1 Pet. 2:17) Kodwa yimanje lapho kudingeka siwasebenzise khona kakhulu kunanini ngaphambili! Singayithanda kanjani into enkulu njengobuzalwane bomhlaba wonke? Kanti kuleli zwe elingenalo uthando, singakuqinisekisa kanjani ukuthi uthando lwethu alulokothi luphole? (Math. 24:12) Bona ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo lapho ubukele i-video ethi Our Whole Association of Brothers.

(1) Saba nini ingxenye yobuzalwane bethu bobuKristu ngokusemthethweni? (2) Iziphi izinto ezintathu esifana ngazo nabazalwane bethu bomhlaba wonke? (3) Abazalwane bethu bakubonisa kanjani ukuthi bazimisele ukushumayela (a) ezindaweni ezikude e-Alaska, (b) emachwebeni amakhulu aseYurophu (c) nasemahlathini aminyene asePeru? (4) Kungani kungafanele nanini sibe nomuzwa wokuthi ukushumayela kumane nje kuwumsebenzi ovamile? (5) Nikeza izibonelo zendlela oFakazi BakaJehova abaye baduduzana futhi basekelana ngayo (a) ngemva kokuzamazama komhlaba, (b) ngemva kwesiphepho, (c) phakathi nempi yombango? (6) Iziphi izindlela ezingokoqobo esingalubonisa ngazo uphawu oluvelele lobuzalwane bethu bobuKristu? (Joh. 13:35) (7) Ziyini izinzuzo zokusebenza ndawonye ukuze sakhe amaHholo ethu oMbuso? (8) Abazalwane bethu eMpumalanga Yurophu naseRussia baye bakwazi kanjani ukuhlala besondelene noJehova lapho umsebenzi wabo usavinjelwe? (9) Imiphi imizamo eyengeziwe eyenziwa oFakazi abaningi ukuze babe khona emihlanganweni emikhulu, futhi ngani? (10) Le video iye yakuqinisa kanjani ukuzimisela kwakho (a) ukukhonza uJehova emihlanganweni yobuKristu ngobunye nabafowenu, (b) ukusiza abanye lapho bedinga usizo (c) nokushumayela ngokwethembeka noma nini nanganoma iyiphi indlela ongakwenza ngayo? (11) Le video singayisebenzisa nini futhi kanjani enkonzweni?

Isizathu sethu esiyinhloko sokuba ingxenye yobuzalwane bethu bobuKristu, uthando lwethu ngoJehova. Ngakho siyathanda ukufunda ngaye kanye nokufundisa abanye ngaye. Kanti siyabathanda nabantu abathandwa nguJehova. Lapho sibasiza uma bedinga usizo, asilindeli ukuba uNkulunkulu asibonge. Kunalokho, yithi esibonga uNkulunkulu ngoba sibheka ubuzalwane bethu bobuKristu njengesipho esiyigugu esivela kuye. Njengoba izinsuku zokugcina zaleli zwe elingenalo uthando sezifinyelele ekupheleni, kwangathi singaqhubeka sithanda bonke abazalwane!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela