EBolivia: Kwakhiwa ihhovisi labahumushi lase-Aymara e-El Alto
Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
LAPHO u-Isaya 9:7 echaza lokho uNkulunkulu ayokwenza uma sekubusa uMbuso wakhe, uthi: “Intshiseko kaJehova wamabutho iyokwenza lokhu.” Ngokufanayo, uJesu Kristu, iNkosi yalowo Mbuso, wabonisa intshiseko evuthayo ngokukhulekela kweqiniso phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni. (Joh. 2:17) Imibiko elandelayo ibonisa indlela oFakazi BakaJehova emhlabeni abalingisa ngayo intshiseko kaJehova noJesu ngokusiza abantu bathole uthando lukaYise osezulwini.
E-El Salvador: Umhlangano wesifunda ka-2015