Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g88 3/8 k. 10-k. 12 isig. 7
  • Abangenamakhaya—Ingabe Likhona Ithemba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abangenamakhaya—Ingabe Likhona Ithemba?
  • I-Phaphama!—1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlolwa Kwemizamo Eyenziwayo
  • Ukwelapha Izimpawu
  • Ikhambi Elihlala Njalo
  • Abangenamakhaya—Ziyini Izimbangela?
    I-Phaphama!—1988
  • Yini Ebangela Le Nkinga Yokuntuleka Kwezindlu?
    I-Phaphama!—2005
  • Ukungabi Nakhaya Kubangelwa Yini?
    I-Phaphama!—2005
  • Abangenamakhaya—Inkinga Yomhlaba
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1988
g88 3/8 k. 10-k. 12 isig. 7

Abangenamakhaya—Ingabe Likhona Ithemba?

“INDAWO yokuhlala iyisidingo sabantu esiza kuqala njengokudla namanzi futhi ikhaya liyisimo esidingekile sokuphila okuphucuzekile. Lapho lamaqiniso ebonwa, ukungabi-nakhaya kuyoqashelwa ngokwalokho okuyikho: isihlamba ekuhloniphekeni kwabantu kanye nokugodlwa kwelungelo eliyisisekelo lomuntu.”—ULord Scarman, umongameli womkhandlu weUnited Kingdom Wonyaka Wesizwe Wezindlu Zabangenamakhaya.

Izinkulumo ezinjengalena zibonisa ngokucacile ukuthi iziphathi-mandla nohulumeni basiqaphela kahle kakhulu isidingo sezindlu ezengeziwe nezingcono, futhi imizamo iyenziwa ukuze kugcwaliswe lesosidingo. Nokho, umbuzo uwukuthi: Iphumelela kangakanani lemizamo? Ake sicabangele izibonelo ezimbalwa.

Ukuhlolwa Kwemizamo Eyenziwayo

IThe Times of India, ibika ukuthi ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zenani elandayo labantu abahlala eBombay, usuku ngalunye kudingeka izindlu ezintsha eziyi-125. Nakuba lelinani lingase libonakale lingelikhulu, lifinyelela izindlu ezingaphezu kwezi-45 000 ngonyaka, futhi lokho kumane nje kungokuhlangabezana nokwanda kwabantu. Kuthiwani ngemijondolo engaphezu kwezi-800 000, engaphansi kwezinga elamukelekayo, engahlanzekile esedolobheni? Ukuze isuswe eminyakeni engama-20, kudingeka kwakhiwe ezinye izindlu eziyi-110 usuku ngalunye. Lokho kwenza ingqikithi yezindlu ezingaphezu kwezi-85 000 ngonyaka. Ukuze sikwenze lokhu, “isilinganiso sethu sokukhiqiza kudingeka siphindeke kane,” kusho umbiko. Ngokufanayo, phakathi no-1961 no-1981, iNew Delhi, inhlokodolobha yaseNdiya, yafinyelela ingxenye engaphansi kweyeshumi yomgomo wayo wokwakha izindlu zokuhlala eziyi-450 000.

EAfrika ohulumeni bacindezelwe inkinga yezindlu ngenxa yokuthutheleka emadolobheni kwabantu basemaphandleni. Kwamanye amazwe, “abantu abahlala emadolobheni abangawutholi umsebenzi bamane bathunyelwa emaphandleni,” kubika iThe Star, iphephandaba laseGoli, eNingizimu Afrika. Kwamanye, izakhamuzi ezamukeleka ngokomthetho emadolobheni kuphela ezivunyelwa ukuba zisebenze khona. Naphezu kokukhononda kwabantu ngobandlululo, ikakhulukazi lapho kuhileleke izinhlanga, ingabe izindlela eziqatha ngaleyondlela ziye zaphumelela? Umbiko uthi, “inkinga yokunikeza ababaleki basemaphandleni imisebenzi namakhaya ingenye esongela ukungalawuleki eAfrika—futhi, empeleni, kuwo wonke Amazwe Ampofu. Kuye kwabikezelwa ukuthi amadolobha amakhulu aseAfrika azobhekana nokuwohloka kwezimiso zawo ezingokwenhlalo nezemfundo kanye nemisebenzi yawo yamanzi, amandla kanye nendle.”

EBrithani izindlu zokuhlala abampofu kanye nokuvuselelwa kwezindlu eziwohlokayo kuyizinkinga ezimbili ezinkulu ezidinga ukunakekelwa okuphuthumayo. ICatholic Herald ithi, “nokho ngesikhathi esifanayo njengoba sitshelwa ukuthi njengesizwe ‘asinakukwazi’ ukukhipha enye imali eyengeziwe ekubhekaneni nalezinkinga ezesabekayo, akukho ukuvinjelwa nokuncane ngemali ewusizo esiyikhokhayo kubantu abathenga izindlu zabo siqu.” Ngenxa yokwehliswa kwezimali zokwakha izindlu ezibiza imali ephansi, ukwakha kuye kwancipha kwaba ngaphansi kwengxenye yesihlanu okuyisilinganiso seminyaka eyishumi eyedlule. Ngaphezu kwalokho, “futhi sinesikweleti esikhulu sokuvuselela, kokubili izindlu zomphakathi nezabantu ngabanye, esilinganiselwa ezigidini eziyi-R172,” kusho umbiko. Ukuthi uhulumeni uhlela ukubhekana kanjani nalezindleko akucaci.

“Inkinga yabangenamakhaya eMelika ingaphezu kwenkinga yokuthola izindlu zokuhlala zabaswele nabakhubazekile,” kusho uhlu lomhleli kuyiNew York Post. Ngokwesibonelo, idolobha laseNew York likhokha isilinganiso sama-R3 600 ngenyanga ukuze ugcine umkhaya owodwa ongenakhaya ehhotela lezenhlalakahle, futhi intela yonyaka yalenkonzo ifinyelela izigidi eziyi-R250. Ngokungaphezulu, isebenzisa izigidi eziyi-R500 ngonyaka ekugcineni izindlu zomphakathi ezingama-28 zisebenza. Nakuba kunjalo, inani labantu abangenamakhaya edolobheni liyaqhubeka landa. Ngani? “Akekho owazi indlela engcono kakhulu yokufinyelela abangenamakhaya,” kuphetha isihloko esikhethekile ngokuphathelene nabangenamakhaya ku-U.S.News & World Report. “Izindlu zokuhlala ezingcono, imisebenzi eyengeziwe kanye nezindlela ezilula zokuthola izitembu zokudla ngeke kubasize labo abakhubazekile ngokwengqondo noma ababambeke emilalisweni noma otshwaleni.”

Ukwelapha Izimpawu

Ngokusobala, ukuxazulula izinkinga zanamuhla zezindlu nokugcwalisa izidingo zesikhathi esizayo zezindlu kubonakala kuwumsebenzi omkhulu kakhulu ngohulumeni bawo wonke umhlaba. Ngani? Ngenxa yokuthi inkinga yokuswelakala kwezindlu neyokungabi namakhaya akuyona inkinga ezimele. Ithandelene ngokujulile nezinye izinkinga ezinkulu ngokulinganayo, njengokwanda kwabantu, ubumpofu, ukuswelakala komsebenzi, nokwehla kwamandla emali. Ngaphandle kokubhekana nalezi ezinye izinkinga ngokuphumelelayo, akubonakali ukuthi likhona ithemba elingako ngezindlu. Kodwa ingabe sikhona isizwe emhlabeni namuhla esikhululekile kunoma iziphi zezinkinga ezishiwo? Empeleni, ingabe ukhona uhulumeni onempumelelo yangempela ekubhekaneni nalezinkinga? Cha, awukho.

Ngokukhanyiselwa yilokhu, imizamo eyenziwayo yokuxazulula izinkinga zokungabi nakhaya ingafaniswa nokuzama ukuvala imifantu nezimbobo ezivuzayo endlini ewayo. Nakuba izisusa zingase zibe qotho, umphumela uwukwelapha izimpawu nje kuphela. Yini edingekayo ukuze kudilizwe isakhiwo esigugile futhi kwakhiwe indlu entsha kusukela phansi esisekelweni.

Ngokuqinisekile lombono awumusha. Wafundiswa emakhulwini ayi-19 eminyaka edlule, futhi kwakungaphambili kakhulu kwesikhathi sakho kangangokuba abaholi balezozinsuku ababanjwe amasiko bakuthola kunzima ukukwamukela. UJesu wathi: “Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka.” (Mathewu 9:16) Yini ayenayo engqondweni?

Ikhambi Elihlala Njalo

Kunokuba elaphe izimpawu, uJesu wabhekana nembangela ewumsuka. Wafundisa abalandeli bakhe ukuba babheke eMbusweni kaNkulunkulu ngenxa yekhambi elihlala njalo hhayi nje kuphela ezinkingeni zezindlu kodwa futhi nakuzo zonke izifo ezihlupha isintu namuhla. Wabeluleka ukuba bathandaze bathi: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) LoMbuso, oyogcwalisa injongo kaNkulunkulu ngomhlaba, ngeke uchibiyele lesisimiso sezinto esigugile nesiwohlokile. Uyomisa esinye esikhundleni saso.

Kuyosho ukuthini konke lokhu ngawe? Lalela lokho umprofethi wasendulo ongumHeberu uIsaya aphefumlelwa ukuba akusho: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.”—Isaya 65:21, 22.

Ingabe uqaphelile ukuthi akugcizelelwa nje kuphela ukwakhiwa kwezindlu ezengeziwe? Kunalokho, kugcizelelwa ubuhle, ukulingana, nokwahlulela ngokulunga. Ingabe awukulangazeleli ukuphila ngaphansi kukahulumeni onjalo? Ngeke nje ukwazi ukuba nendlu yakho siqu, okungokungaphezu kwalokho abantu abangaba nethemba lokuba nakho, kodwa futhi uyophila endaweni enokuthula nokudla okuningi, umoya ohlanzekile namanzi, kanye nomakhelwane abahle. Konke lokhu nokunye okwengeziwe, kuyizinto eziyofezwa ukuphatha kokulunga koMbuso kaNkulunkulu.

Ekulaleleni umyalo kaJesu, oFakazi BakaJehova namuhla batshela abantu kuyo yonke indawo ‘ngalezindaba ezinhle zoMbuso.’ (Mathewu 24:14) Ngamakhasi alomagazini nomngane wawo, INqabayokulinda, kanye nokuhambela kwabo siqu, benza umzamo wokuletha ekunakekeleni kwakho amathemba amangalisayo angaphambili. Sikweluleka ukuba uthathe isikhathi sakho ukuba uthole indlela ongaba ngayo phakathi kwalabo abayophila ngaphansi koMbuso wokulunga oyobuyisela wonke umhlaba ube ikhaya lesintu laphakade eliyiPharadesi.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

“Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo.”—Isaya 65:21.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela