Intsha Iyabuza . . .
Kungani Kudingeka Ngenze Yonke Leyomisebenzi?
“Ngicoce ikamelo lami? Kungani? Anginandaba. Vele, lizongcola futhi ngemva kwezinsuku ezimbalwa.”—UStéphanie, oneminyaka eyi-15.
“Lapho imisebenzi umama anginika yona ithatha intambama yonke, ngizizwa ngisebenze kanzima. Khona-ke ngiyama ngicabange. Umama akasibeki isinqe phansi lonke usuku nansuku zonke. Ngiyabona ukuthi akulula ngaye.”—USteven, oneminyaka eyi-15.
IMIZWA yentsha ngokwenza imisebenzi yasekhaya isuka ekubambisaneni ngokuzimisela iya ekwenqabeni ngokucacile. Ungase uzizwe unokucasuka okuthile ngokwakho lapho ucelwa ukuba usebenzise isikhathi sakho sokuphumula ukuba wenze okuthile “okuyisicefe” njengokuhlanza nokuwasha. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi ubheka imisebenzi njengoshintsho olujabulisayo noma njengesiphazamiso esicasulayo, ibalulekile ukuze ikhaya lihambe ngokushelela. Lapho amalungu omkhaya engabambisani ngokuzimisela ezindabeni ezinjalo, umphumela uba ubunzima nokucindezeleka.
Isizathu Sokuba Usizo Lwakho Lusho Okukhulu
Ungase ukuthole kunzima ukukholelwa ukuthi okuthile okuyisicefe njengokuchitha izibi kungase kusho okukhulu kangako. Nokho, ngisho nemisebenzi eyenziwa ngezikhathi ezithile ibalulekile, ngoba iholela emikhayeni ejabulisayo futhi isiza ekugcineni izinto eziyigugu zisesimweni esihle. Encwadini yakhe ethi Moi, ta mère (Mina, Mama Wakho) umlobi ongumFulentshi uChristiane Collange wagcizelela leliphuzu elisahlaya: “Kuyakhathaza ukubeka izinto ngononina nokuzinakekela. Kodwa uma ungazikhathaleli, ziyoziphindiselela ngokungcola, ngokuphuka, noma ngokulahleka.”
Ukubambisana kwakho kothando nakho kungasusa ukucindezeleka kubazali bakho, labo ngokuvamile abasebenza isikhathi esigcwele noma ababamba itoho. Ngokusiza endlini, ungase ngisho wazi abazali bakho kangcono. Kanjani? UDominic oneminyaka eyishumi nesithupha ubudala, ohlala eduze naseParis, wachaza: “Kulapho usiza abazali bakho lapho uqala khona ukuqonda ukuthi kungani bekhathele. Uma kade usebenza amahora amaningana, ungazibeka esimweni sabo futhi ubone ukuthi bakhathele ngempela.” Futhi, qiniseka ukuthi abazali bayakwazisa ukusekela kwakho!
Ukuhlakulela Ubuntu Obuhle
Imisebenzi yasekhaya ingabhekwa futhi njengesifundo ekuphileni, ukuqeqesha kwansuku zonke kokuzimela. Yiqiniso, izinzuzo azitholakali ngokushesha njalo. Kodwa khumbula, imizamo yakho yokuthwala imithwalo yemfanelo iyokulethela imivuzo kamuva ekuphileni. Njengoba iBhayibheli lisho: “Kuhle ngomuntu ukuba athwale ijoka esemusha.”—IsiLilo 3:27, The New Jerusalem Bible.
Yebo, kudingeka uhlakulele ubuntu obuhle, ubuntu obukwaziyo ukumelana nokucindezela kokuphila kokuba umuntu omdala. Ngakho kufanele uqale ngokushesha ngokuhlakulela imikhuba emihle yokusebenza eyokwenza ukwazi ukuzimela—ngisho noma kusho ukunciphisa isikhathi osichitha uphumule.
UStephanie wavuma: “Ngangingakuthandi ukwenza umsebenzi wasekhaya. Ngangizitshela: ‘Uma ungafuni, ungawenzi.’ Kodwa umbono wami usushintshile. Manje ngiyaqaphela ukuthi ukusiza ekhaya kuyongifundisa ukuba ngibe umuntu wokwethenjelwa, nokuthi lokho kuyongibeka esimweni esihle kamuva.”
Uma ungumfana, ungacasuki uma abazali bakho bekucela ukuba wenze imisebenzi eyenziwa amantombazane ngokuvamile, ngokunjalo noma uyintombazane. Abazali bakho bangase bacabange ukuthi kuwukuhlakanipha ukwandisa ukuqeqeshwa kwakho. Kamuva, lapho usuwedwa njengomuntu omdala, ungase ujabule ngokuba uye wafinyelela amakhono ahlukahlukene asekhaya. Ngaphandle kwalokho, akulona ihlazo ngomfana ukuba akwazi ukuthungela inkinobho noma ngentombazane ukukwazi ukubethela isipikili odongeni! Ngokuthakazelisayo, ukulandisa kweBhayibheli okukuJohane 21:9-12 kubonisa ukuthi uJesu Kristu waphekela abafundi bakhe isidlo, umsebenzi ngokuvamile owawubekelwa abesifazane ezikhathini zasendulo.—Qhathanisa nezAga 31:15.
Ukuzifanelanisa Nabazali
“Nakuba ngizama, abazali bami abaneliseki,” kukhononda enye intsha ekhungathekile. Nokho, inkinga ingase ibe ukuthi nje abazali nabantwana abakhulumi ulimi olufanayo. Encwadini yakhe ‘iL’autorité des parents dans la famille (Amandla Omzali!), uJohn Rosemond wenza ukukhulumela okulandelayo okufana nalokho: “Kusho ukuthini ‘ukucoca’ ikamelo? Abazali bacabanga ukuthi abantwana babo bayazi, kodwa umqondo womntwana, ‘wokucoceka’ awufani neze nowabazali . . . Uma imisebenzi ethile kumelwe yenziwe nsuku zonke, uhlu lwalokho okumelwe kuhlanganiswe liyovimbela izimpikiswano eziningi ezingasizi lutho. Ngaso sonke isikhathi kulula ukulalela umthetho ochazwe ngokucacile.”
Ngokuvamile usizo oludingwa abazali bakho lungahlukaniswa lube izigaba ezimbili: (1) imisebenzi yomkhaya uwonke, ngokwesibonelo, ukulungisa noma ukucoca itafula, ukugeza izitsha, ukuhlanza indlu, ukupheka, ukuthenga, ukuthulula umgqomo wezibi, ukulungisa ingadi; (2) imisebenzi yomuntu siqu, njengokwendlula umbhede wakho, ukulungisa ikamelo lakho, ukubeka izimpahla zakho ngononina, nokupholisha izicathulo zakho. Uma ungaqiniseki ngalokho abazali bakho abakulindele kuwe lapho bekucela ukuba wenze noma yikuphi okungenhla, cela iziyalezo eziqondile, noma ngisho nohlu olulotshiwe lokumelwe ukwenze uma kudingekile. Khumbula ukuthi ngokuvamile siningi isikhathi esichithwa kuphikiswana ngemisebenzi kunesingathathwa uma seyenziwa ngempela! Njengoba abasha ababili abangamaFulentshi, uCôme noDominic, bekubeka: “Lapho senza umsebenzi omncane, yilapho sifuna ukwenza okuncane, futhi kulapho sikhononda khona ngokwengeziwe ngakho.” Ngakho lapho wenza imisebenzi yakho ngokushesha, kulapho wonke umuntu engajabula khona ngokwengeziwe.
Kodwa yini engenziwa uma ucabanga ukuthi abazali bakho bafuna okungenakwenzeka kuwe futhi cishe abafuni lutho kubafowenu nodadewenu? Uyashesha ukubona ukungalungi futhi ucasuke. Ngakho kungani ungakhethi isikhathi esifanele sokuba nengxoxo yokuthululelana izifuba nabazali bakho? Ungase uthole ukuthi abafowenu nodadewenu banesikhathi esincane kunawe, ngenxa yomsebenzi wesikole wasekhaya owengeziwe namahora esikole engeziwe, noma ukuthi uyingane enempilo nenamandia ukuzedlula zonke. Ingabe lokho kungokuthile kokukwenza ungathokozi?
Kuthiwani uma ucabanga ukuthi imisebenzi yomkhaya ikudlela isikhathi esiningi? Khona-ke bala amahora owachitha ubukela ithelevishini, ulalela umculo owuthandayo, noma ufunda! Mhlawumbe okudingeka ukwenze ukuyihlela kabusha indlela osebenzisa ngayo isikhathi sakho.
“Konke kwaqala lapho abazali bami bengicela ukuba nginakekele ikamelo lami futhi ngigeze izitsha,” kusho uSteven. USteven wakuthola lokhu kuwumthwalo. Kodwa wafunda ukuthi ngokusihlela kahle isikhathi sakhe, wayengayenza kalula nje imisebenzi yakhe.
Ukuthokozisa UNkulunkulu Ngomsehenzi Wakho
Ngokusiza ekhaya, uhlonipha abazali bakho njengoba kwenza abantwana bamaIsrayeli nentsha yasezikhathini zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, indodakazi kaLabani uRaheli yayilusa imihlambi kayise. Ngokufanayo, amadodakazi kaRehuweli, noma uJetiro ayenomthwalo wokukha amanzi emthonjeni aphuzise umhlambi—umsebenzi okhathazayo, onzima. (Genesise 29:9; Eksodusi 2:16)
Abafana nabo babethola ukuqeqeshwa okuwusizo, uJesu ngokungangabazeki efunda umsebenzi wokubaza kusingayise, uJosefa.—Mathewu 13:55; Marku 6:3.
Njengasezikhathini zasendulo, kungaba nezibusiso ngokubasiza ngenjabulo abazali bakho. Cabangela ukulandisa kweBhayibheli ngoRebeka. Lapho inceku ka-Abrahama icela ukuphuziswa amanzi, uRebeka wenza kanjalo ngokushesha. Akazange ayiphuzise nje kuphela kodwa wasikisela ngokuzithandela ukukhelela amakamela ayo amanzi. IBhayibheli libika ukuthi “waphuthuma ngokuphindaphindiwe emthonjeni ukuyokha amanzi, futhi waqhubeka wakhelela wonke amakamela ayo.” (Genesise 24:15-21, NW) Ikalishi lalidonswa amakamela ayishumi. Lapho umuntu ecabangela ukuthi ikamela lingaphuza amalitha ayi-19 kuya kwangama-26 amanzi ngosuku, kusobala ukuthi uRebeka kumelwe ukuba wakha amalitha amaningi amanzi ukuze aphuzise onke amakamela. Nokho, ukuzimisela kwakhe ukusebenza kwamlethela izibusiso. Wakhethwa ukuba abe umkalsaka futhi ahlanganyele ekufezweni kwenjongo kaNkulunkulu yokuveza iNzalo eyayiyobusisa isintu!—Genesise 22:18.
Qiniseka ngokuthi lapho uhlanganyela emisebenzini yasekhaya, uNkulunkulu ngokufanayo uyathokoza ngemizamo yakho yentshiseko ‘yokwazisa abazali bakho.’—Efesu 6:1, 2.
[Isithombe ekhasini 13]
Ngokuvamile, siningi isikhathi esichithwa kuphikiswana ngemisebenzi kunesingathathwa uma seyenziwa ngempela!