Intsha Iyabuza . . .
“Kungani Ngingakwazi Ukuqeda Engikuqalayo?”
“Uma umsebenzi ungajabulisi futhi udina, ngimane ngiphelelwe isineke.”
“Iziphazamiso. Ileyo inkinga yami. Ithelevishini, abangane.”
“Ngezinye izikhathi ngimane ngixakwe izinto eziningi okumelwe ngizenze!”
“Ngokuvamile izinto kubonakala ngiziyekela umzuzu wokugcina. Khona-ke, kusuke sekwephuze kakhulu.”
“Ngiyakuqeda engikuqalayo. Kodwa akubonakali kubenelisa kahle abazali bami!”
LABA abeve eshumini nambili bachaza inkinga evamile phakathi nobusha: ukungakuqedi abakuqalayo. Akukhona ukuthi yonke intsha iyavilapha noma inesimo esibi sengqondo ngasemithwalweni yemfanelo. Empeleni, lapho elinye iqembu lentsha libuzwa: “Yimiphi imisebenzi enicabanga ukuthi abeve eshumini nambili kufanele bayenze ekhaya?” iningi labala imisebenzi enjengokugcina amakamelo ayo ehlanzekile, ukundlala imibhede yayo, nokuchitha udoti.
Naphezu kwezinhloso ezinhle, imisebenzi ebalulekile ivame ukushiywa ingaqediwe, okuphumela ekukhonondeni njalo kwabazali, othisha, nabanye. Ngakho zibuze: ‘Yini engivimbela ukuba ngiqede engikuqalayo?’ Ukubhekisisa izimbangela kuzokwenza ukwazi ukulungisa lenkinga.
Ukubhekisisa Izimbangela
Incwadi ethi I Hate School—How to Hang In and When to Drop Out isinikeza umqondo omuhle walokho okuphazamisa intsha eningi ekubeni iqede umsebenzi wayo wesikole wasekhaya. “Lapho sihlala phansi ukuze sibhale, sivame ukuthola ukuthi silokhu sisukuma ukuze sithole okuthile okudliwayo noma silole amapensela. Khona-ke kudingeka sishaye ucingo noma mhlawumbe sibukele umdlalo weTV ebesiwulindele. Ngokushesha nje sekuyisikhathi sokuphakela ikati futhi sisuke singakenzi lutho.”
Abacwaningi uClaudine G. Wirths noMary Bowman-Kruhm bathi “ukubukela iTV isikhathi eside kwenza cishe ukuba kungabi nokwenzeka ngabanye abantu ukuba bafunde futhi batadishe ngenkuthalo kamuva. Kukhona uhlobo oluthile lwethonya kuTV olukushiya ucobekile futhi wozela. Uyazi ngokwakho ukuthi ngezinye izikhathi ugcina ubukela iTV amahora ambalwa lapho ubuzimisele ukubuka umdlalo owodwa nje kuphela.” UWirths noBowman-Kruhm bathola futhi ukuthi abanye abafundi bajwayela imikhuba engemihle yokutadisha phakathi neminyaka yokuqala yesikole, nakuba okwesikhashana bekwazi ukuthola amamaki amahle. Nokho, “lapho befika esikoleni esiphakeme, abayazi ngempela indlela yokuhlala phansi, basebenze, futhi bafunde isifundo esinzima noma esidinayo.”
Kungakhathaliseki ukuthi siyini isizathu sakho sokungakuqedi okuqalayo, inkinga ngeke izixazulule ngokwayo. Uma ufuna ngempela ukuqeda okuqalayo, khona-ke lawula ukuphila kwakho ngendlela enokwethenjelwa futhi wenze ukulungisa okudingekile.
Hlela Kusengaphambili!
Uma ungosemusha ongumKristu, ngokungangabazeki umatasa. (1 Korinte 15:58) Ngezinye izikhathi ungase uzizwe uxakwe imithwalo yemfanelo yobuKristu, umsebenzi wesikole wasekhaya, imisebenzi yasekhaya, nemisebenzi yomuntu siqu. Yiqiniso, akekho umuntu onokuningi okumelwe akwenze ukwedlula uMdali wethu. Nokho, ngaso sonke isikhathi uyayiqeda imisebenzi. Lokhu akungenxa nje yokuthi unamandla nokuhlakanipha okuphakeme kakhulu kunokwethu kodwa futhi kungenxa yokuthi “uNkulunkulu akasiye owesiyaluyalu kepha ungowokuthula.” Nawe futhi ungayiqeda imisebenzi yakho ‘ngokwenza konke ngemfanelo nangenhlelo.’—1 Korinte 14:33, 40.
UJesu wake wathi: “Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? Funa kuthi esebeké isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka bathi: Lomuntu waqala ukwakha, kabanga-namandla okuqeda.”—Luka 14:28-30.
Isifundo lapha siwukuhlela kusengaphambili. UDkt. Janet G. Woititz wabhala: “Abantu abenza imisebenzi ize iphele abakwenzi nje ngokuzenzakalelayo. Banalokho esikubiza ngokuthi ‘amasu okufeza abakwenzayo.’” Ngakho zama ukubheka ngokoqobo imisebenzi yakho ukuze uqonde kahle ukuthi yini ezodingeka ukuze uyiqede. Ingabe kudingeka wenze uhlelo lokulandelana kwayo? Ingabe kuyoba usizo ukwahlukanisa lowomsebenzi ube yizingxenye ezincane? Kuyothatha isikhathi esingakanani ukuwuqeda?
Abanye abantu bathanda ukugcina uhlu “lwezinto zokwenziwa,” olunemisebenzi ebhalwe ngokulandelana kokubaluleka kwayo. Khona-ke lemisebenzi iyacinywa ohlwini lapho iqedwa. Ukuze ulwe nokuthambekela kokuhlehlisa izinto, funda ukulawula isikhathi sakho. Uma wenza imisebenzi enqunyelwe isikhathi sokuphela kwayo, qiniseka ukuba ubeke leyomisebenzi ekuqaleni kohlu lwakho ngokulandelana kwesikhathi okumelwe iqedwe ngaso.
Ukulawula isikhathi okunengqondo kubalulekile. Ngakolunye uhlangothi, ufuna ukubeka imingcele yesikhathi semisebenzi engabalulekile, njengokubukela iTV. Ngakolunye uhlangothi, kumelwe unakekele ukuba unganciphisi isikhathi sezinto ezidingekile, njengokulala okwanele. Incwadi ethi I Hate School iphawula ukuthi abantu “bayahlukahluka ngesilinganiso sokulala abakudingayo, kodwa abantu abaningi abanakuphumelela ngamahora amane noma ayisihlanu ubusuku ngabunye. . . . Kunzima kakhulu ukugxilisa ingqondo emaphuzwini anzima uma wozela futhi ukhathele.” Ukufunda ukusebenzisa isikhathi sakho ngokuhlakanipha kuyobonakala kuyinzuzo eminyakeni ezayo.
Qhubeka Ufuna Ukuzuzisa Abanye
Nokho, enye intsha iyogomela ngokuthi ukulawula kahle isikhathi nokuhleleka komuntu siqu kubonakala kungasizi lapho imisebenzi okumelwe yenziwe ingajabulisi futhi idina. Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli seyoku-1 Korinte 10:24 kuyokusiza ukuba ube nesisusa esidingekayo. Sithi: “Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube-yilowo nalowo afunele omunye.” Mhlawumbe imbalwa kakhulu imisebenzi yasekhaya yona ngokwayo eyinselele noma eyenelisayo. Kodwa lapho uyenzela ukusiza noma ukujabulisa othile omthandayo, khona-ke uyayifeza futhi ube nesifiso sokuyenza kahle. Ngakho ngesikhathi esilandelayo lapho uzithola ulungele ukuyeka umsebenzi othile, cabanga ngalabo abazuzayo ngalokho okwenzayo, futhi uziqhenye ngokwenza umsebenzi omuhle.
Ngokuvamile nawe futhi uyazuza emisebenzini ebonakala ingajabulisi. Ngokwesibonelo, cabanga ngomsebenzi ovame ukuwushiya ungaphelile. Ingabe ukugeza izitsha? Noma ukuhlanza ikamelo lakho? Manje zibuze, ‘Ezikabani izitsha?’ Ingabe akuzona izitsha zakho nawe? Ingabe akulona ikamelo lakho nekhaya lakini? Ukuzimisela kwakho ukwamukela lemithwalo yemfanelo nokuyifeza ngokugcwele kuyokuzuzisa futhi ngesikhathi esizayo. Ibhekisela kubazali, incwadi ethi Simply Organized! ithi: “Uma singazifundisi izingane zethu ukuba zibe abaphathi bamakhaya, ziyosebenza ngobunzima obukhulu lapho zishiya ikhaya.”
Khulumisanani!
Nokho, kuthiwani uma usebenza kanzima kakhulu ukuze uqede umsebenzi othile, kodwa nalapho abazali bakho bakhononde ngokuthi awuwuqedile ngempela? Ngokuvamile inkinga iwukukhulumisana. Ngokwesibonelo, ake sithi wabelwe ukuba uchithe udoti. Lokho kuzwakala kulula ngokwanele. Nalapho, kuhlakaniphile ukuthola iziyalezo eziqondile. Qiniseka ukuthi uyazi ukuthi uzokwenza kanjani, nini futhi kuphi. Ingabe lowomsebenzi uhlanganisa ukuhlukanisa udoti? Ingabe uhlanganisa nokuhlanza imigqomo kadoti?
Ukukhulumisana okuhle kuyosiza nabazali bakho baqonde indlela ozizwa ngayo. Ingabe ucabanga ukuthi imisebenzi ayabiwa kahle? Ingabe uzithola ukhungathekiswa ilokho okulindelwa abazali bakho? Khona-ke thola isikhathi esikahle, bese utshela abazali bakho indlela ozizwa ngayo.
Abanye abazali bamema izingane zabo ukuba zihlanganyele enqubweni yokwenza izinqumo lapho kwabiwa izabelo zemisebenzi yasekhaya. UDkt. Jeffrey Rubin noDkt. Carol Rubin, abalobi bencwadi ethi When Families Fight, beluleka abazali ukuba babe nezingxoxo zasikhathi sonke ngemisebenzi yomkhaya, ukuba bahlukanise imithwalo yemfanelo, nokuvumela izingane zizikhethele imisebenzi yazo. Uma uyithanda lendlela, kungani ungayisikiseli kubazali bakho?
Omunye umthombo utusa ukuba uhlale phansi nabazali bakho futhi “nenze uhlelo oluzokwenza ukuba ukwazi ukwenza umsebenzi wesikole wasekhaya ngesikhathi esikuvumela kangcono. Wonke umuntu unesikhathi emini noma ebusuku lapho ingqondo ikhaliphe kangcono khona. . . . Yenza abantu bazi ukuthi leso isikhathi sakho futhi bangakuphazamisi. Uma lesosikhathi ungasisebenziseli ukubukela iTV noma ukukhuluma ocingweni, bayokwazi ukuthi uzimisele.” Ngokuxoxa ngalezinto ngokuthula nabazali bakho ungamangaleli muntu, ungase ukwazi ukwenza ilungiselelo elivunywa yibo bonke.
Kodwa khumbula, ekugcineni yisifiso sakho sokuthokozisa uMdali, uJehova uNkulunkulu, esiyokulethela injabulo nedumela elihle. IBhayibheli lithi: “Konke enikwenzayo, kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini.” (Kolose 3:23, 24) Landela lesiseluleko futhi ujabulele idumela lokuba isisebenzi esikhuthele, esinokwethenjelwa ngoba uyakuqeda okuqalayo!
[Isithombe ekhasini 24]
Ukuqala umsebenzi kungenye into, ukuwuqeda kungenye