Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 3 kk. 8-9
  • Kubalulekile Ukwenza Imisebenzi Yasekhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kubalulekile Ukwenza Imisebenzi Yasekhaya
  • I-Phaphama!—2017
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • OKUFANELE UKWAZI
  • ONGAKWENZA
  • Kungani Kudingeka Ngenze Yonke Leyomisebenzi?
    I-Phaphama!—1989
  • Ukuzimela
    I-Phaphama!—2019
  • “Kungani Ngingakwazi Ukuqeda Engikuqalayo?”
    I-Phaphama!—1991
  • Ukufundisa Ingane Yakho Ukuphikelela
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 3 kk. 8-9
Umfana ucosha amathoyizi akhe, ubaba upenda udonga lwasekhishini

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Kubalulekile Ukwenza Imisebenzi Yasekhaya

INSELELE

Kweminye imindeni izingane kumelwe zenze imisebenzi yasekhaya futhi ziyenza ngaphandle kokukhononda. Kweminye, akukho okutheni abazali abalindele ukuba izingane zikwenze, ngakho nazo zivele zingenzi lutho.

Ucwaningo lubonisa ukuthi emazweni aseNtshonalanga izingane zivame ukwenzelwa izinto kodwa zona zingasizi ndawo. USteven ongumzali uthi, “Namuhla abazali abaningi bayeka izingane zidlale imidlalo yamavidiyo, zihlalele i-Internet, zibuke nethelevishini. Imbalwa kakhulu imisebenzi yasekhaya okumelwe ziyenze.”

Ucabangani? Ingabe ngempela imisebenzi yasekhaya iyasiza ekuqeqesheni abantwana nasekugcineni ikhaya lihlanzekile?

OKUFANELE UKWAZI

Abanye abazali bayanqena ukunika izingane imisebenzi yasekhaya ikakhulukazi uma zixinwe imisebenzi yesikole nemidlalo yangemva kwesikole. Noma kunjalo, nakhu okufanele ukwazi.

Ukunika ingane imisebenzi yasekhaya kuyayikhulisa. Akumangazi ukuthi izingane ezisebenzayo ekhaya zivame ukuphumelela esikoleni. Ukwenza imisebenzi yasekhaya kuyayisiza ingane ukuba izethembe, ihleleke, ikwazi nokuzimela okuyizinto ezibalulekile ukuze iphumelele esikoleni.

Imisebenzi yasekhaya yenza izingane zisize abanye. Abanye bathi izingane ezisebenzayo emakhaya zingaba usizo emphakathini lapho sezikhulile. Akumangazi lokhu ngoba ukusebenza ekhaya kuzifundisa ukucabangela abanye kuqala. USteven, esikhulume ngaye ekuqaleni uthi: “Lapho zingenzi lutho ekhaya, izingane zifunda ukuthi kufanele zenzelwe izinto, zikhula zicabanga ukuthi ukuphila kulula kanti akunjalo.”

Imisebenzi yasekhaya yenza umndeni ubumbane. Lapho izingane zisebenza ekhaya ziyabona ukuthi zibalulekile futhi kukhona ezingasiza ngakho. Lokhu angeke kwenzeke uma abazali begqugquzela izingane zabo ukuba zenze imisebenzi yangemva kwesikole kunokusebenza ekhaya. Zibuze, ‘Kunayiphi inzuzo ukuvumela ingane yami isondelane kakhulu neqembu lebhola kodwa ingasondelani nomndeni?’

ONGAKWENZA

Lugotshwa lusemanzi. Abanye bathi abazali kufanele baqale ukunikeza izingane zabo imisebenzi yasekhaya lapho nje zineminyaka emithathu. Abanye bathi kungcono ukuziqala zineminyaka emibili noma ngaphansi. Iqiniso liwukuthi izingane ezincane ziyakuthanda ukusebenza nabazali bazo nokubalingisa.—Okushiwo yiBhayibheli: IzAga 22:6.

Zinikeze imisebenzi elingana neminyaka yazo. Ngokwesibonelo, ingane eneminyaka emithathu ingacosha amathoyizi, isule uma kukhona okuchithekile noma iqoqe izingubo ezingcolile. Izingane ezindala zingashanela endlini, ziwashe imoto noma zipheke. Nika izingane imisebenzi ngokwamakhono azo. Uzomangala ukubona ukuthi zikujabulela kanjani ukwenza leyo misebenzi.

Ungayibukeli phansi imisebenzi yasekhaya. Kungaba nzima ukukwenza lokho uma ingane yakho inenqwaba yomsebenzi wesikole. Nokho, incwadi ethi The Price of Privilege ithi, ukungaziniki nhlobo izingane imisebenzi ngoba ufuna ziphase kakhulu “kubonisa ukuthi awusayibheki njengebalulekile imisebenzi yasekhaya.” Njengoba kushiwo ekuqaleni, ukusebenza kwezingane ekhaya kuyazisiza ziphase. Izifundo ezizitholayo lapho zenza imisebenzi yasekhaya, zizozisiza lapho sezinemindeni yazo.—Okushiwo yiBhayibheli: Filipi 1:10.

Khumbula ukuthi umgomo wakho uyini. Ingane yakho ingase yenze kancane lapho isebenza. Ungase uphawule nokuthi ibingawenza kangcono lowo msebenzi kunalokho ekwenzile. Ungacasuki uma lokho kwenzeka. Into ebalulekile ukusiza ingane yakho ifunde ukuzimela nokuthanda umsebenzi hhayi ukuba umsebenzi wenziwe ngendlela umuntu omdala abengawenza ngayo.—Okushiwo yiBhayibheli: UmShumayeli 3:22.

Lokho ingane ekutholayo ngokwenza imisebenzi. Abanye bathi ukukhokhela ingane uma isebenzile ekhaya kuyifundisa ukuzimela. Abanye bathi lokhu kungenza izingane zisebenze kuphela uma zizothola imali kunokuba zisebenze ngoba zithanda. Baphinde baxwayise ngokuthi ingane ingase inqabe ukusebenza ekhaya uma isinemali eningi, okubonisa ukuthi ayisakuboni ukubaluleka kokuyenza leyo misebenzi. Siyini isifundo? Kungaba ngcono ukufundisa ingane ukuthi imali ayiyitholi ngoba isebenzile kodwa ingayiphiwa nje uma iyidinga.

IMIBHALO EYINHLOKO

  • “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.”—IzAga 22:6.

  • “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

  • “Akukho lutho olungcono ngaphezu kokuba umuntu ajabule ngemisebenzi yakhe.”—UmShumayeli 3:22.

USteven noStephanie

“Ukusebenza ekhaya kwenza sizizwe sinokuthile esisiza ngakho. Lapho sesiqedile ukusebenza ndawonye mhlawumbe sihlanza igceke noma indlu, sizizwa sisondelene nakakhulu. Wonke umuntu usuke ebe nengxenye futhi kumnandi lokho.”—USteven.

“Ukunikeza amadodakazi ethu imisebenzi yasekhaya lapho esemancane, kwawasiza akwazi ukubhekana nokuphila. Sakwenza kwacaca kuwo ukuthi siwumndeni ngakho sisebenza ngokubambisana. Lapho thina njengabazali sikukhuthalele ukusebenza ekhaya kuyawasiza namadodakazi ethu ukuba enze okufanayo.”—UStephanie.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela