Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 2 kk. 10-11
  • Ukuzimela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzimela
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUSHO UKUTHINI UKUZIMELA?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • INDLELA YOKUFUNDISA INGANE UKUZIMELA
  • Kubalulekile Ukwenza Imisebenzi Yasekhaya
    I-Phaphama!—2017
  • Ukufunda Ukuhlukana Nezingane
    I-Phaphama!—1998
  • Kungani Kudingeka Ngenze Yonke Leyomisebenzi?
    I-Phaphama!—1989
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 2 kk. 10-11
Ubaba usiza umfana wakhe ukuba achelele isihlahla

ISIFUNDO 4

Ukuzimela

KUSHO UKUTHINI UKUZIMELA?

Abantu abakwazi ukuzimela bangabantu ongabethemba. Uma ubanikeza umsebenzi bawenza bawuqede, futhi bawuqeda ngesikhathi.

Ngisho noma izingane zisencane, zingakwazi ukufunda ukuzimela. Incwadi ethi Parenting Without Borders ithi, “Lapho izingane zinezinyanga ezingu-15, zisuke sezikwazi ukwenza lokho abazali abazitshela kona. Uma sezinezinyanga ezingu-18, zisuke sezithanda ukulingisa lokho okwenziwa abazali bazo. Ezindaweni eziningi abazali baqala ukuqeqesha izingane zabo ukuba zisize emisebenzini yasekhaya kusukela zineminyaka engu-5 kuya kwengu-7, futhi ngokuvamile ziyenza kahle leyo misebenzi nakuba zisencane.”

KUNGANI KUBALULEKILE?

Kwezinye izindawo izingane esezikhulile ziyahamba emakhaya ziyohlala zodwa, kodwa ziyahluleka bese zibuyela emakhaya. Kwezinye izikhathi lokhu kubangelwa ukuthi abazali basuke bengazange bazifundise ukuphatha imali, ukwenza imisebenzi yasendlini neminye imisebenzi yansuku zonke.

Yingakho kungcono ukufundisa izingane zakho manje, ukuze zikwazi ukuzimela lapho sezindala. Incwadi ethi How to Raise an Adult ithi, “Awufuni ukulokhu ubatotosa baze babe neminyaka engu-18, bese ubashiya kanjalo uthi abazimele.”

INDLELA YOKUFUNDISA INGANE UKUZIMELA

Yinike imisebenzi okumelwe iyenze endlini.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Kukhona inzuzo kuzo zonke izinhlobo zomsebenzi onzima.”—IzAga 14:23.

Izingane ezincane ziyathanda ukusebenza nabazali bazo. Ukunika izingane zakho imisebenzi okufanele ziyenze endlini kungakusiza uthuthukise leso sifiso sazo.

Abanye abazali bayanqena ukukwenza lokho. Bathi izingane zabo zinikezwa umsebenzi wesikole omningi, ngakho asikho isidingo sokwenezela neminye imisebenzi yasekhaya.

Nokho, izingane ezenza imisebenzi yasekhaya zivame ukuphumelela kangcono esikoleni kunalezo ezingayenzi. Lokhu kungenxa yokuthi imisebenzi yasekhaya izifundisa ukujwayela ukusebenza, nokuwuqeda umsebenzi eziwunikiwe. Incwadi ethi Parenting Without Borders, ithi “lapho siyiziba ingane uma ifisa ukusisiza, siyifundisa ukuthi akubalulekile ukusiza abanye . . . Lokho kuyenza ilindele ukuba yenzelwe yonke into.”

Njengoba le ncwadi ibonisa, uma izingane zenza imisebenzi yasendlini zifunda ukusiza abanye hhayi ukuzicabangela zona kuphela. Zifunda nokuthi zinendima ebalulekile ekhaya nokuthi ukusiza kuwumsebenzi wawo wonke umuntu.

Siza izingane zakho zifunde ukubhekana nemiphumela yamaphutha azo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Lalela iseluleko wamukele isiyalo, ukuze uhlakaniphe esikhathini esizayo.”—IzAga 19:20.

Uma izingane zakho zenze into engalungile njengokulimaza into yomunye umuntu, gwema ukukufihla lokho ezikwenzile. Izingane zingakwazi ukubhekana nemiphumela yezenzo zazo, njengokuxolisa noma ngokulungisa leyo nto eziyiphulile.

Uma izingane zazi ukuthi kufanele zibhekane nemiphumela yezenzo zazo, lokho kuzozisiza ukuba

  • zikhulume iqiniso futhi zivume amaphutha azo

  • zingabeki abanye icala

  • zingenzi izaba

  • zixolise uma kufanele

Ubaba usiza umfana wakhe ukuba achelele isihlahla

QEQESHA KUSEMANJE

Izingane ezifundiswe ukuzimela zisencane, ziyokwazi ukuzimela nalapho sezindala

Yiba Yisibonelo

  • Ingabe ngikhuthele, ngihlelekile futhi ngiyasigcina isikhathi?

  • Izingane zami ziyangibona yini ngisebenza ekhaya?

  • Ngiyavuma yini uma ngenze iphutha, ngixolise uma kudingeka?

Esakwenza . . . 

“Kusukela izingane zami zisencane, zazingisiza uma ngipheka ukudla kwantambama. Uma ngigoqa izimpahla, nazo zazizigoqa. Uma ngidasida nazo zazidasida. Ukusebenza kwase kuyinto emnandi kuzo. Zazijatshuliswa ukuthi zinami nokuthi zenza lokho engikwenzayo. Zafunda kanjalo ukuzimela.”—ULaura.

“Ngake ngatshela indodana yethu encane ukuba ifonele umngane wethu, ixolise ngendlela eyayiziphathe ngayo. Njengoba iminyaka ihamba, kuye kwadingeka ixolise kaningi ngokusho izinto ezingabonisi umusa. Manje sekulula ngayo ukuxolisa lapho yenze iphutha.”—UDebra.

UKUBHEKANA NEMIPHUMELA KUYASIZA

UJessica Lahey onguthisha, wabhala lokhu kumagazini i-Atlantic: “Izingane ziyawenza amaphutha futhi kubalulekile ukuba abazali bakhumbule ukuthi zifunda izifundo ezibalulekile kulawo maphutha. Unyaka ngamunye, ngangiba nabafundi ababenza amaphutha. Abazali babo babebayeka babhekane nemiphumela yamaphutha abo, bese bebasiza ekuwalungiseni. Labo bafundi babevame ukwenza kangcono kakhulu kunabanye futhi babejabule.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela