Yini Eyenzekayo Kwezemidlalo?
Ngomlobeli wePhaphama! eltaly
INGABE imibiko ekulelikhasi elandulelayo ichaza ukuketulwa kombuso kwamuva ezweni laseLatin America noma okunye ukuhlasela kwamaphekula ndawana-thile ezweni laseYurophu. Cha, lemibiko kanye neminye efanayo, njengoba elinye iphephandaba laseItaly eliphuma nsuku zonke likubeka, ingeyosuku lomdlalo oluyinqaba ngokwesabekayo.’
Imidlalo nobudlova kubonakala kuhambisana kulezinsuku. Ngokwesibonelo, abaningi basalukhumbula usuku lwangoMay 29, 1985 kusihlwa, lapho kwafa abantu abangama-39 futhi kwalimala abangama-200 ezehlakalweni ezaziphakathi kwabalandeli ngaphambi kokuphela kwemidlalo kanobhutshuzwayo Yendebe YoMpetha baseYurophu.
Nokho, izigameko zobudlova ezibangelwa abadlali nezibukeli azilinganiselwe nje emdlalweni owodwa kuphela, njengomdlalo kanobhutshuzwayo, kodwa zivela kuzo zonke izinhlobo zemidlalo—ibaseball, umdlalo wesibhakela, nehockey.
Amazwi athi, “Sengathi indoda engcono kakhulu ingaphumelela” nathi, “Kubaluleke kakhulu ukuba nengxenye kunokuphumelela,” aye aba amazwi esabisayo kwezemidlalo. Kungani abadlali nezibukeli beveza ubulwane babo, ukuthukuthela okungalawuleki, ngezikhathi zokuqhudelana emidlalweni? Yini eyimbangela yobudlova emidlalweni? Futhi ingengathi sína kangakanani lenkinga?