UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ingabe Ukhetha Ukuzinikela Kokuhlonipha UNkulunkulu Noma Ukuzivocavoca?
Ingabe ukuzivocavoca kuyazuzisa? Yebo, kodwa kuzuzisa kancane uma kuqhathaniswa nokwenza izinto ezenza ubungane bakho noJehova buqine. (1Thim 4:8) Ngakho, amaKristu kufanele abe nombono olinganiselayo ngemidlalo.
BUKELA IVIDIYO ETHI OKUFANELE UKWAZI NGEZEMIDLALO ESENGXENYENI ETHI UKUFUNDA NGEMIDWEBO, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
1. Singafunda maphi amakhono emidlalweni?
2. Iziphi izinto ezintathu ezingasisiza sinqume ukuthi singawudlala yini umdlalo othile noma cha?
3. IHubo 11:5 lingasisiza kanjani ekukhetheni ukuthi yimiphi imidlalo esizoyibuka nesizoyidlala?
4. Singayisebenzisa kanjani eyabaseFilipi 2:3 nezAga 16:18 endleleni esidlala ngayo imidlalo?
5. EyabaseFilipi 1:10 isisiza kanjani sigweme ukuchitha isikhathi esiningi sibukela noma sidlala imidlalo?