Izingane Ezingenamakhaya—Ingabe Likhona Ikhambi?
ABANTU ababakhathalela ngempela omakhelwane babo abafuni ukuyeka njengokungathi akukho lutho olunye olungenziwa ukuze kusizwe izingane ezingenamakhaya. Bayaqaphela ukuthi izingane zasezitaladini zidinga okungaphezu kophahla lokufihla amakhanda. Izingane ziyaqhakaza lapho zinokuthula kwengqondo, umsebenzi ojabulisayo, impilo enhle, nokuzethemba. Amadoda nabesifazane abakhathalela inhlala-kahle yabanye bazinikela ngokuzithandela ezithakazelweni zabangenamakhaya, futhi lokho kuyatuseka. Kodwa naphezu kwemizamo yabo, inkinga yezingane zesitaladi iyaphikelela.
Isizathu siwukuthi isimiso sanamuhla esiqhubekisela phambili izimo eziveza izingane ezingenamakhaya asinakulungiswa. Sifana nemoto ephukile engenakulungiseka. Eqinisweni, ingabe akumelwe yini siqaphele ukuthi imizamo yomuntu iyodwa ayinakukwazi ukuletha umphakathi wesintu olungile?
Nokho, ngokujabulisayo, ushintsho lungenzeka—kodwa hhayi ngezandla zomuntu. UNkulunkulu uMninimandla onke kuphela onekhono nokuhlakanipha kokususa ngokuphelele lokho okulimazayo emhlabeni. IZwi lakhe iBhayibheli, lisitshela ngokuqondisa ngoMbuso wakhe wasezulwini nendlela oyogcwalisa ngayo isifiso somuntu sezimo zokulunga khona lapha emhlabeni.—Daniyeli 2:44.
UNkulunkulu Uyanakekela
Ingabe ucabanga ukuthi kungenzeka ngoNkulunkulu ukuba asuse lesimiso sezinto samanje futhi aveze indlela entsha yokuphila? Uma kunjalo, khumbula ukuthi akukhona ukusindiswa komuntu kuphela, kodwa ngaphezu kwakho konke, igama likaJehova uNkulunkulu lihilelekile. EnguMdali, isibonelo esingenakuqhathaniswa sokuhleleka nokugcina isikhathi, uyasiqinisekisa ukuthi uyothatha isinyathelo ngesikhathi nangendlela yakhe efanele, futhi lokhu uyokwenza ngoMbuso wakhe. Eqinisweni, lowoMbuso awukhona okuthile okungaqondakali noma okungacaci kodwa uwuhulumeni wasezulwini, okwaziyo ukunikeza ukuqondisa nesiyalo esiqhubekayo sokubhekana nezidingo zomuntu zangempela.—Isaya 48:17, 18.
Ingane engenakhaya ingagxilisa enhliziyweni yayo amazwi kaDavide kumaHubo 27:10: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” Kuyakhuthaza futhi ukwazi ukuthi ukungahlonipheki ezweni akumenzi umuntu angakufanelekeli ukufunda ngentando kaNkulunkulu. IzAga 22:2 zithi: “Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.” Yebo, abantu abampofu, lapho beqotho, bangaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu uzimisele ukubasiza—IHubo 10:14, 17.
UJehova unesithakazelo enhlala-kahleni yethu futhi uyayazi indlela yokwanelisa izifiso zethu ezifanele. Ngomprofethi wakhe uIsaya wake wabuza amaIsrayeli lombuzo: “Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: . . . Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba-ze, lapho umbonayo?” (Isaya 58:6, 7) Lokhu ukulingana nokulunga uNkulunkulu ayokuletha ngohulumeni woMbuso wakhe. Akekho ongayikunakwa noma aphathwe njengokungathi akazange abe khona. Ngakho, iHubo 145:19 liyasazisa: “Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.” Uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane luyoba ngamandla amakhulu okuhlanganisa umkhaya wesintu. Ngenxa yalokho, inkinga yezingane ezingenamakhaya iyoxazululwa. Akekho oyoshiywa dengwane!
Ingabe Ukungapheleli Komuntu Kuyophazamisa Injongo KaNkulunkulu?
Cha, ukuthambekela okubi komuntu ngeke kuvunyelwe ukuba kuphazamise injongo kaJehova yokuguqula umhlaba ube yipharadesi lenjabulo. Labo abanelungelo lokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu, ngenxa yokuthi basinda empini yeArmagedoni, njengoba ichazwe eBhayibhelini, noma ngenxa yokuthi bavuswa kwabafileyo ukuze baphile futhi emhlabeni, bayokhuthazwa ukuba benze konke okusemandleni abo.—Johane 5:28, 29; IsAmbulo 16:14, 16.
Akekho osabelayo oyothola ukuthi umsebenzi wakhe uyize. Umsebenzi wakhe uyovuzwa ngendlela efanelekile. Siza uqaphele isithembiso sikaNkulunkulu: “Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba-nabo.” (Isaya 65:22, 23) Ingabe wena nomkhaya wakho aninakuthanda ukubona ukugcwaliseka kwalawomazwi? Futhi yeka injabulo yokwazi ukuthi ngalesosikhathi indlala, ubumpofu, ukuswelakala kwemisebenzi, noma izingane ezingenamakhaya ngeke ukuthole ndawo!
Ngokungangabazeki, labo okwamanje abahlushwa ukuswela, njengoba kunjalo ngezingane ezingenamakhaya, bayozazisa ngokugcwele izibusiso zomkhaya ojabulayo nekhaya elithokomele. Njengoba sifunda kuIsaya 65:17: “Izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.” Abantu abaphiwe ilungelo lokuphila ngalesosikhathi bayothola ukuthi izimo ezingajabulisi zihambe unomphela nokuthi abantu bazo zonke izizwe, izilimi, nezinhlanga bayobe besebenza ndawonye ebuzalwaneni bothando. Ngokungangabazeki amaqembu emikhaya ayosindela kulesosikhathi ayoqhubeka nokuletha udumo kuNkulunkulu. IHubo 37:11 lithi ngaleloPharadesi lasemhlabeni: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”
Ungazilungiselela Kanjani Isikhathi Esizayo?
Ngisho kwamanje, kungenzeka ukwamukela ulwazi olunikeza ukuphila nokuhlakulela izimfanelo ezifiselekayo, njengothando nobumnene. Ngayiphi indlela? UJehova uyawuthanda umkhaya wesintu, futhi ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ‘udonsela abantu kuKristu’ ngokuba bathintane neZwi laKhe nabantu baKhe. (Johane 6:44) Unenhlangano futhi emhlabeni enesimiso sokufundisa esingakusiza ukuba wenze intando kaNkulunkulu ukuze ubheke phambili ekuphileni okujabulisayo nokunenjongo phakade. Ngakho, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ziyashunyayelwa kulabo abampofu. (Mathewu 24:14) IZwi likaNkulunkulu lithi: “Odelela umakhelwane wakhe uyona, kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.” (IzAga 14:21) Kufudumeza inhliziyo ukwazi ukuthi ngisho nabantu abampofu bangasondela kuNkulunkulu uma isisusa sabo sisihle. Umhubi wabhala: “Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu; Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali.”—IHubo 70:5.
Yebo, iZwi likaNkulunkulu lingakunikeza ithemba langempela lesikhathi esizayo. Nokho, ukusetshenziswa okuvamile kwegama elithi “ithemba” akusho ngaso sonke isikhathi into eqinisekile. EBrazil umuntu ngokuvamile uzwa amazwi anjengokuthi: “A esperança é a última que morre” (afana nesisho sesiZulu esithi “Ithemba alibulali”). Umbono uwukuba uhlale unethemba ngisho nalapho kubonakala kungenasisekelo salo. Ngokuphambene nalokho, imiBhalo inikeza izizathu eziqinile zokulondoloza ukholo oluqinile kuNkulunkulu nokuthembela ezithembisweni zakhe. KumaRoma 10:11 siyafunda: “Lowo okholwa akayikujabhiswa.” Ithemba elinjalo elisekelwe eBhayibhelini alinakuholela ekukhungathekeni. Njengoba nje izimangaliso zomhlaba wethu zingokoqobo, zifakazela ukuhlakanipha nothando lukaJehova, kanjalo ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kukuvumela ukuba ube nombono oqondile, ithemba langempela ngesikhathi esizayo.—Roma 15:13.
UMbuso kaNkulunkulu uyikhambi langempela ngezingane ezingenamakhaya, yebo, ngabo bonke abathanda okulungileyo. Ukuzuza ulwazi oluqondile lweBhayibheli manje kuyokwenza ukuba ujabulele injabulo nokuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu. Ukulindela lezithembiso akuwona umkhiqizo womcabango oyiphupho. Njengoba izAga 11:19 zithi: “Oqinile ekulungeni uyakuphila.”
[Ibhokisi ekhasini 11]
Ikhambi Lesikhashana?
Isandla esikhangezile esivela enganeni engenakhaya ekubheke ngomuzwa odabukisayo singathinta imizwelo yakho. Kodwa abantu abakhathalelayo abaqondi kahle ukuthi bangayisiza kanjani ingane engenakhaya. Ukuze bazizwe bengenacala, abanye abantu bafaka izinhlamvu zemali ezimbalwa entendeni yesandla sengane futhi badlule ngokushesha. Nokho, mancane amathuba okuthi isipho siyosetshenziswa ekuthengeni ukudla noma ekufuneni indawo yokuhlala. Kunalokho, singase sigcine sisetshenziswe ekuthengeni izidakamizwa noma uphuzo oludakayo. Ngakho-ke, abanye abantu abadala abakhathalela izidingo zomphakathi banikeza ukunakekela nemali yabo ezinqubweni zendawo ezisekelwa uhulumeni abanomuzwa wokuthi ziyosiza izingane ezingenamakhaya. Abanye abantu bakholelwa ukuthi ikhambi elisebenza kakhulu ukuqondisa ingane engenakhaya enhlanganweni engokomthetho ukuze ithole usizo. Ngalendlela, izakhamuzi ezikhathalelayo zinomuzwa wokuthi zizama ukwenza umphakathi wazo siqu ukuba uphucuzeke kakhulu.
[Isithombe ekhasini 9]
“Abayikutshala, kudle omunye.”—Isaya 65:22
[Umthombo]
FAO photo
[Isithombe ekhasini 10]
“Ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi.”—Isaya 65:22