Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 12/8 k. 8-k. 10 isig. 5
  • Ukungabi Nakhaya Liyini Ikhambi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukungabi Nakhaya Liyini Ikhambi?
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Injongo KaNkulunkulu Yokuqala
  • Ikusasa Labangenawo Amakhaya
  • Ukungabi Nakhaya Kubangelwa Yini?
    I-Phaphama!—2005
  • Izingane Ezingenamakhaya—Ingabe Likhona Ikhambi?
    I-Phaphama!—1990
  • Abangenamakhaya—Inkinga Yomhlaba
    I-Phaphama!—1988
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 12/8 k. 8-k. 10 isig. 5

Ukungabi Nakhaya Liyini Ikhambi?

“UMA unika indoda inhlanzi, uyobe uyondla usuku olulodwa. Uma uyifundisa ukudoba, uyobe uyondla ukuphila kwayo konke.” Lesi sisho sesiNgisi sibonisa iqiniso lokuthi ukwanelisa nje isidingo esingokwenyama sangaleso sikhathi kuphela kungasiza ingcosana. Kungcono nakakhulu ukusiza abantu ukuba bafunde ukuxazulula izinkinga zabo nokwanelisa izidingo zabo. Abantu abaningi kudingeka bafundiswe amakhono okuphila noma indlela ehluke ngokuphelele yokubhekana nokuphila.

OFakazi BakaJehova bayaqiniseka ukuthi indlela ephumelela kunazo zonke yokusiza labo abangenamakhaya ukubafundisa indlela engcono kakhulu yokuphila. Lokhu kusho ukusebenzisa iseluleko esingcono kunazo zonke ezikhona—esinikezwa uMdali wabantu. Ubani omunye obengafanelekela ukunikeza iseluleko esinjalo? Iseluleko sakhe sisiza abantu ukuba bagweme izinkinga eziningi ezibangela ukuba bangabi namakhaya. Sisiza nabantu abaqotho abanale nkinga ukuba bayinqobe. Kuyiqiniso, ukufunda iBhayibheli ngeke kona ngokwakho kwenze ukuba zonke izinkinga esibhekana nazo zinyamalale. Nokho, iBhayibheli lingabasiza abantu ukuba bayeke imikhuba edla imali, bathole ukuzihlonipha okuthile, futhi baphile ukuphila okuhloniphekile.

Abantu abaningi baye balahlekelwa amakhaya abo ngenxa yokusebenzisa kabi izidakamizwa notshwala, ukuphila ngobugebengu, izinkinga zezimali noma ukuhlukana kwemikhaya. IBhayibheli linikeza iseluleko esisebenzayo ngokuphathelene nakho konke lokhu. Ukusebenzisa iseluleko esinjalo kuye kwasiza izigidi zabantu ukuba zishintshe indlela ezibheka ngayo ukuphila—futhi zithuthukise ngisho nobuntu bazo. Yebo, ukusetshenziswa kweseluleko esingokomBhalo kukodwa kungase kungazixazululi zonke izinkinga eziphathelene nokungabi nakhaya. Okwamanje, izinhlekelele zemvelo, izifo, ubumpofu obandile, ukulutheka, nokunye okufana nalokhu kuyizinkinga ezidinga ezinye izinhlobo zosizo. Nakuba oFakazi BakaJehova benza konke abangakwenza ukuze basize labo abahlupheka ngenxa yezinkinga ezinjengalezi, bayaqaphela ukuthi uMenzi wabantu kuphela ongaxazulula lezi zinkinga unomphela. Ingabe uyozixazulula?

Injongo KaNkulunkulu Yokuqala

Kunesizathu esizwakalayo sokwethemba ukuthi ukungabi namakhaya kuzophela maduze. Sisekelwe kuphi? Cabanga: UJehova uNkulunkulu walungiselela umbhangqwana wokuqala ongabantu ikhaya elihle kakhulu. Wawubeka epharadesi, elalinakho konke abakudingayo. Ukube balandela isiqondiso soMenzi wabo, babeyolandisa lelo Pharadesi ligcwale umhlaba wonke. Inzalo yabo yayiyojabulela inala kanye namakhaya athokomele. Ilungu ngalinye lomkhaya wesintu laliyokwazi ukwethembela othandweni nasekubambisaneni kwawo wonke umuntu. Leyo kwakuyinjongo yokuqala kaNkulunkulu. Akakawushintshi umqondo ngalokhu.—IHubo 37:9-11, 29.

Ngaphezu kwalokho, noma yini uNkulunkulu ahlose ukuyenza iyokwenzeka, ngokuqinisekile. (Isaya 55:10, 11) IBhayibheli liprofetha ukuthi kuyofika isikhathi lapho bonke abantu beyoba namakhaya athi bona nensada yezinto abazidingayo. Yiqiniso, ngaphambi kokuba lokhu kwenzeke, sonke isintu esikhona manje kuyofanele sishintshe. Ushintsho luyolethwa ukungenela kukaNkulunkulu ezindabeni zabantu. Yilokho uJesu ayekucabanga lapho etshela abafundi bakhe ukuba bathandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu onobulungisa, isintu esilalelayo siyobona ukugcwaliseka kwalesi siprofetho esikhuthazayo: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo . . . Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. . . . Nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.” (Isaya 65:21, 22) Kalula nje, akekho oyontula ikhaya.

OFakazi BakaJehova bazama ngakho konke okusemandleni ukunikeza abantu usizo olungokomoya abaludingayo manje. Bayafisa ukunakekela abanye ngothando ngendlela uJesu akhuthaza ngayo. (Mathewu 22:36-39) Ukubakhathalela okufanayo abanye kubashukumisela ukuba basize labo abaye balahlekelwa amakhaya abo ngenxa yezinhlekelele zemvelo.a

Empeleni, oFakazi bayaqonda ukuthi akunakwenzeka ukuba basize bonke abantu. UJacek wasePoland, ohlala esikhungweni sabangenamakhaya, uyavuma ngokuphathelene nabantu abangenamakhaya: “Abanye banolaka noma badakwa yizidakamizwa. Abanye bayazizonda izingxoxo eziphathelene nenkolo, bacabanga ukuthi uNkulunkulu akanandaba nabo. Kodwa bakhona labo abasabela kahle eZwini likaNkulunkulu.” Ngokwesibonelo, uJacek ngokwakhe uye wenza kanjalo. Uye waqala ukufunda okwengeziwe ngalokho okufundiswa yiBhayibheli ngempela.

Enye indoda engenakhaya eyasabela kahle uRoman, onengculaza futhi kuze kuba muva nje obelokhu ehlala emgwaqweni. Uyakhumbula: “Lapho ngifika esikhungweni soMnyango Wezenhlalakahle, ngangingazi ukuthi imihlangano yoFakazi BakaJehova ibanjelwa eduze kwalapho. Ngokushesha baqala ukuxoxa nami emgwaqweni futhi bachaza ukuthi uNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwabantu abangenamakhaya. Futhi bangimemela komunye wemihlangano yabo.”—IHubo 72:12, 13.

Kwamthinta kanjani lokho akuzwa? “Ngafunda ukuthi ngingaphila phakade ePharadesi emhlabeni nokuthi ngiyigugu emehlweni kaNkulunkulu. Ngazungezwa abangane abasha, abakhathalelayo, futhi ngayeka ukugxila ekuhluphekeni kwami ngaqala ukushintsha ubuntu bami. Ngenxa yothando ngoNkulunkulu ngayeka ugwayi ngenza isithembiso kuye sokuthi ngizohamba endleleni yokulunga.”

URoman wathuthuka kahle ngokomoya futhi ngokushesha wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngosizo lwalabo akholwa nabo kanye neziphathimandla, wakwazi ukusuka esikhungweni sabangenamakhaya wathola indawo yokuhlala efanele. Ngenjabulo uRoman uthi: “Inhliziyo yami igcwele injabulo engenakuchazwa. Ngiye ngasondela eduze kukaNkulunkulu onothando, obuyisele injongo ekuphileni kwami. Unginikeze umkhaya omuhle wabafowethu nodadewethu kanye nekhaya!”

Ikusasa Labangenawo Amakhaya

OFakazi BakaJehova balwela ukubonisa ububele kubo bonke omakhelwane babo, kuhlangise nalabo abangenamakhaya. Bamagange ukuhlanganyela nabanye amaqiniso eBhayibheli ngokuphathelene nekusasa elingcono—amaqiniso angashintsha ukuphila ngisho manje.—Johane 8:32.

“Lokho okwenziwé kwagwegwa akunakuqondiswa,” kusho iBhayibheli. (UmShumayeli 1:15) Yebo naphezu kwezinhloso eziqotho zamavolontiya kanye neziphathimandla, izinkinga zomphakathi ezijule kangaka, njengokungabi nakhaya nokuhlupheka, kunzima ukuziqeda. Nokho, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi ngokushesha, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, bonke abantu abalalelayo bayojabulela izimo zokuphila ezigculisayo.

[Umbhalo waphansi]

a Ngokwesibonelo, sicela ubheke i-Phaphama! ka-January 8, 1993, amakhasi 14-21; eka-October 22, 2001, amakhasi 23-7; kanye neka-August 8, 2003, amakhasi 10-15.

[Isithombe ekhasini 8]

Umama waseSomalia ongumbaleki uphethe ikhadi lokuthola ukudla

[Umthombo]

© Trygve Bolstad/Panos Pictures

[Isithombe ekhasini 9]

Ngaphezu kwakho konke, abantu abangenamakhaya badinga ithemba lesikhathi esizayo

[Izithombe ekhasini 10]

Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu akekho oyontula ikhaya

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela