Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 2/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMartin Luther—Yena Nefa Lakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Okumelwe Ukwazi Ngezintwala Zasekhanda
    I-Phaphama!—1989
  • Intsha Yanamuhla—Ingabe Iyizisulu Ezithonyeka Kalula
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 2/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Inguquko YamaKatolika Ngicabanga ukuthi isihloko senu esikhuluma ngomlando wenkolo (September 8, 1989) eqinisweni sasibhalwe kahle. Nokho, ngikholelwa ukuthi nenza iphutha elikhulu ekumkhipheni kwenu ngokuphelele uMartin Luther ‘enzondweni yamaKatolika ngesizwe samaJuda.’ UMartin Luther wakhuluma amazwana anenzondo ngokumelene nalabo bohlanga lwamaJuda, ebabiza ngokuthi “abantu abonakele nabaqalekisiwe” ngisho nangokuthi “odeveli.”

E.W., United States

Lesihloko sabhekisela emikhubeni eyonakele yeSonto lamaKatolika, hhayi ekushiyekeni kwabaholi bezinguquko bamaProthestani. Ekuqaleni uLuther wayemelene nenzondo yamaKatolika ngesizwe samaJuda. Nokho, incwadi yesiJalimane ethi “Die Juden und Martin Luther—Martin Luther und die Juden,” (“The Jews and Martin Luther—Martin Luther and the Jews”), eyabhalwa uHeinz Kremers, iyachaza: “Ekuqaleni uMartin Luther wayenobungane ngakumaJuda, njengoba wayelindele ukuthi ayezophendukela ebuKristwini uma eseshunyayeziwe ivangeli elihlanzekile. Lapho lelithemba lingagcwaliseki, waba isitha esikhulu samaJuda.”—ED. UbuSathane Sangethusa isembozo sikamagazini wesiNgisi kaOctober 22, 1989! Bengilokhu ngibathola bengabakhayo labomagazini. Kodwa lomagazini uyangethusa futhi uyangikhungathekisa. Akukubi yini ukuba nemifanekiso yobuSathane ekhaya lakho kungakhathaliseki ukuthi eyaluphi uhlobo?

P.W., United States

Indaba yezenzo zobuSathane iyethusa ngempela. Nokho, sizizwa siphoqelekile ukuxwayisa abafundi ‘ngamacebo kaSathane,’ futhi ngezinye izikhathi lokhu kuhilela ukuxoxa ngezihloko abanye abangase bazithole zicasula. (2 Korinte 2:11) Nokho, awekho amazwi noma imifanekiso eyasetshenziswa—kuhlanganise nokuboniswa kwemifanekiso yobuSathane—okwabekwa ngendlela eyayithuthukisa izenzo zobuSathane noma eyayivusa isifiso sokwazi ngazo. Kunalokho, yasiza abafundi, kuhlanganise nentsha, ukuba benyanye futhi bagweme imikhuba yobuSathane.—ED.

Ngakufunda ngokwesaba nangokumangala ukulandisa kwenu ngezenzo zobuSathane, futhi ngiyakwazisa ukuletha kwenu lesisono esibi ekunakekeleni kwabafundi balomagazini wenu. Angikaboni bufakazi bezenzo zobuSathane endaweni engihlala kuyo, kodwa nokho ngizohlala ngikugadile ukuvela kwazo uma kungenzeka.

M. V. H., M.D., United States

Izintwala Zasekhanda Njengomhlengikazi wesikole, osebenzelana njalo nendaba yezintwala zasekhanda, ngingavumelana nokuningi okusesihlokweni senu. (September 8, 1989) Ngeshwa, nisikisela ukugunda ikhanda njengendlela ephumelela ngokwengeziwe ekwelapheni umntwana. Mina ngokwami ngingabheka ukugunda ikhanda lengane ukuze ikhululeke ezintwaleni njengokudlala futhi okungadingekile. Futhi angikukhuthazi ukusetshenziswa kwekerosene ogebhezini. Iyingozi futhi ivutha kalula, futhi ngokuqinisekile amakhulukhulu abantu abanezintwala zasekhanda bangcono kunengane eyodwa eshile.

C. M., England

Siyakwazisa lokhu kukhulumela. I“Phaphama!” ayitusi uhlobo oluthile lokwelapha. Kodwa njengoba umagazini wethu usakazwa emhlabeni wonke futhi ufundwa abantu abangase bangakwazi ukuthola izindlela zokwelashwa zesimanje, samane nje sachaza ngamakhambi asekhaya lawo abanye abathi aphumelela ekwelapheni ukuhlushwa izintwala. Nokho, izazi zezokwelapha zesimanje azikukhuthazi ukugundwa kwezinwele ezinezintwala, njengoba lokhu zikubheka njengokulimazayo ngokwengqondo futhi okungadingeki. Ukugunda izinwele kukhuthazwa kuphela lapho izinwele zizinde ngokweqile noma ziyisihluthu esiminyene ngendlela yokuthi zingakameki. Futhi izazi zezokwelapha namuhla azikukhuthazi ukusebenzisa ikerosene ogebhezini. Ngokwesibonelo, uProfesa uDavid Taplin waseUniversity of Miami School of Medicine watshela i“Phaphama!” ukuthi wayebheka lesisenzo njengesakudala.—ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela