Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amakhaya Anomzali Oyedwa Ngasazisa kakhulu isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngiyophila Kahle Nginomzali Oyedwa Nje Kuphela?” (July 8, 1990) Ubaba wasishiya lapho ngineminyaka emibili kuphela ubudala. Lokhu kwathinta ukukhula kwami ngokomzwelo. Ngaba umuntu odlala ngokweqile, futhi ngingakwazi ukwenza abangane. Ngaqala ukucindezela yonke imizwelo futhi ekugcineni ngayiswa kudokotela wezifo zengqondo. Ngakho ukukhulela ekhayeni elinomzali oyedwa akusona isimo esihle ngayo yonke intsha. Kodwa ukwamukelwa nokuqondwa amaKristu okanye nawo, ikakhulukazi ontanga, kungakunciphisa ukucindezeleka okuzwiwa enye intsha ecindezeleke ngokomzwelo. Kwakumelwe nganuleke ngempela ukuze ngizuze abangane abanjalo. Futhi manje njengoba nginesimiso esilinganiselwe engichitha ngaso isikhathi nomama nabangane bami engisanda kubathola, angisazizwa ngibuhlungu ngoba umkhaya wakithi ‘walimala.’
T. A., United States
Eminyakeni emine edlule umyeni wami waqeda umshado wethu. Njengoba ngangifunda lesihloko nendodakazi yami, yathi, “Nokho, ngizizwa ngendlela evamile. Ngimane nje nginabazali ezindlini ezihlukene!” Lesihloko sangenza nami ngazizwa ngendlela evamile njengomzali ongayedwa, sisusa kimi umthwalo wokukhathazeka nomuzwa wecala engangizizwa nginawo ngakumntanami.
J. C. P., United States
Ukudla okunama“carbohydrate” Ngidlulisela ukubonga okukhethekile ngesihlokwana esasikhuluma ngokudla okunamacarbohydrate. (July 22, 1990) Ngivame ukulungiselela umkhaya wami ukudla kwasemini okuhlanganiswe nokusanhlama. Bengikhathala futhi ngifune ukuphumula kamuva. Manje ngiyaqonda ukuthi kungani. Ukushintsha ukudla kwethu kuyongenza ngingakhathali kakhulu ngokwenyama futhi kungishiye ngiwuhlomele kahle umsebenzi wami wobuvangeli wantambama.
J. W., Federal Republic of Germany
Umhlangano Wazo Zonke Izinkolo ZaseYurophu Ngiyanibonga ngesihloko esithi, “Bahlulelwa Ngokwamazwi Abo.” (March 22, 1990) Njengoba nazo zivuma, izinkolo zanamuhla ziye zalahlekelwa isihloko seBhayibheli futhi zihlulekile ukubheka eMbusweni kaNkulunkulu. Ungasho ngempela ukuthi ‘zilahlwa ngamazwi azo.’—Mathewu 12:37.
D. P., New Zealand
Irosari Lokho enikushoyo ngerosari (June 8, 1990) akulona ngokuphelele iqiniso. Ingxenye enhle yemithandazo isekelwe ezindabeni zeBhayibheli noma iyizingcaphuno eziqondile zeBhayibheli. Ngakho-ke ukusho irosari kuyisiqalo esihle sokuphila ngokomoya. Kunemiphumela emihle, njengokuthula kwengqondo nenjabulo kulelizwe lezinkinga.
H. W., Italy
Ukusetshenziswa kwerosari kuyathandeka ezinhliziyweni zamaRoma Katolika amaningi aqotho. Nokho, isihloko sethu sagxila endabeni yokuthi lomkhuba uyajabulisa yini kuNkulunkulu noma cha. Futhi nakuba umthandazo oshiwo ngekhanda ungase ube nemiqondo engokomBhalo, khumbula ukuthi uJesu ngokwakhe owathi kuMathewu 6:7, 8: “Kepha nxa nikhuleka, ningathemelezi.”—ED2.
Isifuba Somoya Ngiyabonga ngesihloko esasikhuluma ngesifuba somoya. (March 22,1990) Ngineminyaka engu-16 ubudala futhi ngiye ngaphathwa yilesifo cishe kusukela ngazalwa. Ngangingakuqapheli ukuthi ukudla okuthile kanye nokucindezeleka okungokomzwelo kungabangela ukuhlaselwa. Manje ngizosebenzisa iseluleko senu.
A. D., Spain
Lesihloko sasithakazelisa kakhulu kimi njengomuntu ophethwe isifuba somoya esingapheli oye waphuthunyiswa esibhedlela ngeambulensi izikhathi eziningi ngangokuphindwe ka-12 ezinyangeni ezintathu. Ngangivame ukubheka lesisifo sami njengesenzakalo kunokusibheka njengesifo esingathi sína. Kodwa ngemva kokuhlushwa ukuvaleka komoya wokuphefumula kathathu ngobunye ubusuku, nganquma ukusebenzisa imithi yami njalo. Manje sekuyiminyaka emithathu ngingalaliswa esibhedlela.
S. M., Australia