Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 8/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlala Yowesilisa Nezinkinga Zayo
    I-Phaphama!—1990
  • Ukubhekana Nezinkinga Zendlala Yesinye
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 8/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuyeka ukubhema Ngiyabonga ngesihloko esithi “Izindlela Eziyishumi Zokuyeka Ukubhema.” (July 8, 1989) Ngisisebenzisa ekusizeni umuntu osenesikhathi eside ebhema futhi ongakwazanga ukuyeka. Ngiye futhi ngathatha amakhophi akhulisiwe alesihloko futhi ngawagcina endaweni yami yomsebenzi, lapho kudlula khona abantu abaningi ababhemayo. Lokhu kwaziswa kwabahlaba umxhwele, futhi abanye basebenzisa lokho abakufundayo.

R. L. B. S., Brazil

Umsebenzi Wokukhangisa Ngengqephu Ngahlatshwa umxhwele isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Ngemisebenzi Yokukhangisa Ngengqephu Nemincintiswano Yonobuhle?” (January 8, 1990) Kwakungamandla kaJehova kuphela ukuthi ngakwazi ukuyeka lomsebenzi. Ngayeka ukuba umkhangisi ovela ezithombeni sekusele izinyanga ezimbalwa ngaphambi kokuba ngibhapathizwe. Kodwa nakuba ngangisinciphisile isilinganiso sabangane ababi, ukucindezela kwakusenamandla. Umkhangisi wenziwa inhlekisa, anganakwa, futhi aze ngisho aphoqeleke ukuba ahambe enqunu ngokwengxenye ngenxa yokuntuleka kwezindawo zokushintshela. Ukwenezela kulokho isizungu lapho uhlala amasonto amaningi ngokuqhubekayo ehhotela. Ezokukhangisa zibonakala zidl’ubhedu, kodwa zigcwele ukuhaha, imibango, ukuziphatha okubi, ukuthanda izinto ezibonakalayo, nezidakamizwa.

J. Y. A. M., Federal Republic of Germany

Ukugwema Ubulumbi Isihloko senu esithi, “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kumelwe Ngigweme Ukulumba”? (March 8, 1990) sangenza ngawaqaphela kakhulu amandla uSathane awasebenzisa kubantu kanye namasu obuqili awasebenzisayo ukuze avuse usikisiki lokwazi. Ngangivame ukuba nomuzwa wokuthi kungenzeka kusekhona ubuhle obuthile amademoni anabo, njengoba ake aba izingelosi. Lesihloko sangibonisa ngokucacile ukuthi afanelwe nje kuphela ukubhujiswa kwawo okusondela ngamandla. Nginibonga ngokuphindiwe.

R.S., United States

Izinkinga Zendlala Yowesilisa Isihloko senu esasikhuluma ngezinkinga zendlala yowesilisa (April 8, 1990) sangithakazelisa, njengoba ubaba ayedinga ukuhlinzwa lendlala. Nakuba lesihloko sasifundisa kakhulu, ukukhulumela kokuphetha kwangikhathaza. Nithi amadoda amaningi afuna ukuvusa inkanuko yobulili ngezincwadi ezinezithombe ezingcolile. Lokhu kusikisela ukuthi wonke amadoda anezinkinga zalendlala abukela amabhayisikobho noma izincwadi okunezithombe ezingcolile.

N. R., Federal Republic of Germany

Sasingaqondile ukusikisela ukuthi izinkinga zendlala nakanjani ziwumphumela wokuziphatha okungekhona kobuKristu. Izinkinga zendlala yowesilisa zivamile phakathi kwamadoda amadala—kuhlanganise namaKristu athembekile—ngenxa yezizathu eziningi. Kodwa njengoba ukuvuswa kwenkanuko yobulili okungeneliswa kubonakala kuhilelekile ekubangeleni noma okungenani ekwandiseni lenkinga kwamanye amadoda, kwabhekwa njengokufanelekile ukuxwayisa abafundi balomagazini ngokumelene nogibe lwezithombe ezingcolile.—ED.

Ngamehlo Omntwana Isihloko senu (January 22, 1990) sabhalwa ngokuqonda okukhulu kakhulu kangangokuthi ngazizwa ngishukunyiselwa ukuba ngihambise amakhophi amaningi ngangokunokwenzeka ezikoleni nasezibhedlela nakubo bonke omama engibaziyo. Umphathi wesikole lapho amadodana ami efunda khona wasazisa kakhulu lesihloko, futhi omunye wothisha bamadodana ami watusa indlela lesihloko esasingathwa ngayo. Nami futhi nginezingane ezine futhi ngiyazi ukuthi kunzima kanjani ukuba umzali. Izihloko ezinjengalezi ziyasisiza ukuze sikwazi ukusiza izingane zethu.

M. P. R., Italy

Indlebe Njengoba ngizithanda izihloko ezikhuluma ngomzimba womuntu, sangijabulisa kakhulu isihloko senu esasikhuluma ngendlebe. (January 22, 1990) Senginesikhathi eside ngifunda omagazini benu ngenxa yokuthi bahlanganisa yonke into umuntu afuna ukuyazi—kokubili umuntu ovamile kanye nalabo abagogothile.

H. V., Brazil

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela