Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Izimonyo Ngisebenza njengengcweti yokugcotshwa kwezimonyo futhi ngathola isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingazigcoba Kanjani Ngokufanele Izimonyo?” (June 22, 1990) sinembile futhi sifundisa. Ngokuphathelene nengozi yokungcoliswa amagciwane amasampula asesitolo noma izimonyo zokuhlola, esinye isixwayiso esinengqondo ukuthenga esitolo esinedumela elihle. Izitolo ezinjalo ngokuvamile zinezisebenzi eziqeqeshwe kahle ezisebenza kanzima ukuze zigcine izinto zazo zokuhlola zihlanzekile futhi zikhanga kubathengi. Futhi kufanele ugcizelele ekutheni kusetshenziswe izinto zokugcoba izimonyo ezilahlwayo, njengovolo wokumunca noma uvolo owenziwe indilinga. Amalipstick kufanele ahlanzwe ngealcohol ngaphambi kokuba asetshenziswe. Amabhulashi okuzimonyonga kufanele ahlanzwe kuqala ngoketshezi lokuhlanza. Izinto zokupenda amehlo kufanele zilolwe ngaphambi kokusetshenziswa ngakunye. Futhi ungabonisa ukucabangela umthengi olandelayo ngokungafaki iminwe yakho kunoma imiphi imikhiqizo.
C. H., United States
Izibhamu Ngicasulwa yincazelo yenu esontekile ngezibhamu kumagazini kaMay 22, 1990. Incazelo enjalo egxekayo, ejivazayo ngezinto ezingaphili iwubuthutha. Izibhamu azizona ezinhle noma ezimbi ngokuzenzekelayo; kungokufanayo nangokuzikhiqiza, ukuzithengisa, noma ukuba nazo.
J. P., United States
Umalume wami washonelwa umkakhe engozini yemoto futhi wachitha izinyanga ezintathu ephuza kakhulu. Ekugcineni wazikhiyela endlini yokugezela wase ezidubula. Ngethemba ukuthi abantu abasifunda lesihloko bazokuma futhi bacabange mayelana nokuthi kubalulekile yini ukuba nesibhamu.
M. C. A., Brazil
Nakuba kufanele ngivume ukuthi bengilokhu ngisifuna isibhamu, lapho ngifunda lawomakhasi, kwangenza ngazibuza ukuthi kwakusabalulekile yini ngami ukonga imali ukuze ngisithenge.
D. M., England
Ukwehlukana KwamaKatolika Umagazini wenu kaJune 22, 1990 wangethusa kakhulu! Kwakudingekile yini ukuveza uMsindisi wethu obethelwe ehlukene phakathi?
D. L. A., United States
Akukho ukungahloniphi uKristu okwakuqondiwe. Isiphambano ngokuvamile sisetshenziswa njengophawu lweSonto lamaKatolika uqobo. Ngaleyondlela isithombe sasibonisa isimo esidabukisayo sokwehlukana phakathi kobuKatolika. Ngokuthakazelisayo, lapho umphostoli uPawulu elahla ukwehlukana ngamahlelo phakathi kwamaKristu aseKorinte, wasebenzisa lomfanekiso ocacile: “UKristu wahlukanisiwe.” (1 Korinte 1:13, “NW”)—ED.
Ngiyanibongela. Indaba yayicwaningwe kahle, ilotshwe ngokuthakazelisayo, futhi ingahluleli. Ngeke neze ningiguqulele enkolweni yenu, kodwa niye nangikhanyisela futhi nangifundisa.
V. O., United States
Isithuthwane Kumelwe ngizwakalise ukubonga kwami okujulile ngesihloko esasikhuluma ngesithuthwane! (June 22, 1990) Yeka induduzo okuyiyo ukuqaphela ukuthi akumina ngedwa onesithuthwane. Ngangicindezeleke kabi kangangokuba ngase ngizoqeda yonke into. Isihloko safika ngesikhathi. Savula ithemba lekusasa elingenakho ukugula.
N. P., Federal Republic of Germany
Ukucwaninga Ngezilwane Ngisazisé kakhulu isihloko senu. (July 8, 1990) Bengazi ukuthi ukuhlola bekwenziwa ngezilwane, kodwa bengingakaze ngicabange ukuthi zisetshenziselwa ukuthuthukisa izimonyo, imithi yokugeza izinwele, nemithi yokukhuculula ukungcola! Ngisilindele ngokulangazelela isikhathi lapho ukuphathwa kabi okunjalo kuzophela khona.
R. M., Italy