Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 11/8 k. 2-k. 4
  • Izinto Ezindizayo Ezingaqondakali—Ziyini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinto Ezindizayo Ezingaqondakali—Ziyini?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Abantu Bayawakholelwa AmaUFO?
  • AmaUFO—Ingabe Angachazwa?
    I-Phaphama!—1990
  • AmaUFO—Angesikhathi Esidlule Nawanamuhla
    I-Phaphama!—1990
  • Ama-UFO—Ingabe Ayizithunywa Ezivela KuNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 11/8 k. 2-k. 4

Izinto Ezindizayo Ezingaqondakali—Ziyini?

UBetty Cash noVickie Landrum, kanye nendodana yakhe uColby, bathi ngoDecember 29, 1980, babephakathi kokushisa, intuthu, namalangabi eUFO (unidentified flying object [into endizayo engaqondakali]). Umbiko uthi bayichaza ngokuthi ‘iyinto enkulu emise okwedayimane, eyayintanta esibhakabhakeni phambi kwemoto yabo emgwaqeni wepulazi elisehlane eduze kweHuffman, enyakatho esempumalanga yeHouston, eTexas.’ Ngenxa yalesisehlakalo, bathi babanezinkinga ezihlukahlukene zempilo.—Miami Herald, September 4, 1985.

Laba besifazane bacabanga ukuthi uhulumeni waseU.S. wayehilelekile ngoba “lento ngokushesha yandizela enyakatho, ihambisana nezindiza ezinophephela emhlane ezifana nezempi ezingu-23.” Kulombiko, omunye wabesifazane, uVickie Landrum, wathi “bobathathu baba namabhamuza, baqothuka izinwele, baba nesiyezi futhi baphathwa amakhanda. ULandrum ukholelwa ukuthi lento yakhipha uhlobo oluthile lomsebe owabenza bobathathu bakuzwela kakhulu ukukhanya kwelanga.” Bafuna isinxephezelo kuhulumeni ngenxa yokunganaki.

Ngenxa yalendaba engenhla kanye nezinye, amaUFO aye adonsa ukunaka komphakathi ngokuphindaphindiwe. Njengoba uPhilip J. Klass abhala kuUFOs—The Public Deceived: “Ithemba lokuthola izidalwa ezihlakaniphile kwenye indawo likhanga kuyo yonke indawo, futhi ukuzifuna kuye kwakhanga ukunaka, nemizamo yezazi zesayensi eziningi ezingochwepheshe.” ‘Kodwa kungani kwenziwa manje?’ kwabuza uEdward Dolnik kuyi New Republic yangoAugust 1987, ngaphansi kwesihloko esithi “Ukubonela Izidalwa Zasemkhathini Eduze.” Impendulo yakhe yayiwukuthi: “Incazelo ebalulekile namuhla iphathelene nokwesaba okukhulu okugxilile okuhlobene nokusondela kweminyaka eyinkulungwane,” okungukuthi, njengoba sisondela kunyaka ka-2000.

Ingabe Abantu Bayawakholelwa AmaUFO?

Ingabe uyawakholelwa amaUFO? Wake wabona okuthile esibhakabhakeni sasebusuku okwakukhungathekisa? Beqhutshwa ukwesaba okukhulu noma okunye okuhlangenwe nakho, abaningi namuhla bayawakholelwa amaUFO. Ekulandiseni kwakhe, uDolnik waphawula ukuthi iGallup Poll yabonisa ukuthi “amaphesenti angu-57 abantu baseMelika abafunde ekholeji akholelwa ukuthi kunezinto zakwamanye amaplanethi.” Uyenezela: “Ngabantu baseMelika abangenayo imfundo yasekholeji, inani lehlela kumaphesenti angu-46.”

Esikhathini esedlule, imibiko yamaUFO ngokuvamile yayichaza izinto eziyinqaba nezingavamile ezibonwa emazulwini noma ngezinye izikhathi ezibonakala eduze. Nokho, muva kakhulu impela kubonakala sengathi zizungeza ekuthintaneni okungokoqobo nabantu. Lokhu kuthintana ngezinye izikhathi kuthiwa kwenzeka “nabantu bakwenye indawo” okucatshangelwa ukuthi bathumba abantu. Ukulandisa kubonisa ukuthi inhloso “yalabantu abavela kwenye indawo” ihlanganisa ukuhlola izici ezingokwemvelo noma ngisho nezingokofuzo ngabantu. Lokhu kugomela kuye kwaphinda kwaqondisa ukunaka kwabantu endabeni yamaUFO.

Lezizinto okuthiwa ziyabonwa zikhona kuyo yonke indawo. Ngokwesibonelo, okunye kuhilela indoda yaseSwitzerland. Esikhathini esiyiminyaka emihlanu, kuthiwa “yathwebula izithombe ezigqamile, ezinemininingwane. Yaqopha futhi nemisindo ‘yemikhumbi,’ yaqoqa amasampula amaningana kathayela, futhi yenza amafilimu omkhumbi ondizayo.” Incazelo iyaqhubeka: “Ofakazi abaningi baye bayibona imikhumbi futhi basekela ngayo indaba ecatshangelwayo [yalendoda]. Ubufakazi bayo, buhlolwe iqembu lochwepheshe bezokulondeka ababenganyelwe owayeyiNduna Yezindiza Zempi ZaseU.S., bacwaningwa izazi zesayensi eIBM, eNASA’s Jet Propulsion Laboratory, eArizona State University, kanye nenkampani yesayensi yokusebenza kwezindiza kaMcDonnell Douglas.”

Lezindaba zisezwakala. Enye yezithakazelisa kakhulu yavela kuTampa Tribune, kaJanuary 30, 1989. Yaveza isithombe esinemibala “somkhumbi-mkhathi” esasithathwe eduze neGulf Breeze, eFlorida. Lendaba yayihilela okuhlangenwe nakho kwendoda okuthiwa uEd. Incazelo yokuthintana kokuqala nezinto zasemkhathini okwenzeka ingalendlela: “Lapho elunguza eminyango eyingilazi yekamelo lakhe lokulala, uEd uthi, wangqwamana nesidalwa esinjengengane sembethe okumpunga.” Lokhu kuthintana nezinto zasemkhathini okusobala kwenzeka isikhathi eside, okwenza ukuba uEd athathe izithombe eziningi. Nokho, azikho izithombe ezavezwa kuleliphephandaba.

Njengoba kunemibiko evusa isasasa lokufuna ukwazi evela emaphephandabeni, omagazini abaphuma njalo ngezikhathi ezithile, kanye nezincwadi ezisohlwini lwezidayiswa kakhulu, abantu bayabuza, Kuphathelene nani konke lokhu? Ingabe amaUFO angokoqobo, noma ingabe amane nje ayizinto eziwumbono? Ingabe kukhona umbhalo ogciniwe wezinto ezinjalo emlandweni? Ingabe kungenzeka ukuba kube nezincazelo eziyedlulayo isayensi yanamuhla? Lena kanye neminye imibuzo izocatshangelwa ezihlokweni ezilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela