Umbono WeBhayibheli
Ama-UFO—Ingabe Ayizithunywa Ezivela KuNkulunkulu?
NJENGOBA ikhulu lama-20 lisondela ekupheleni nezimo emhlabeni ziya ziwohloka, kuyanda ukukholelwa ezindizaneni ezingaqondakali [unidentified flying objects (ama-UFO)] nabagibeli bazo, abantu abahlala kwamanye amaplanethi. Ingabe ama-UFO amane ayinganekwane nje, inkohliso, amanga agqugquzelwa abantu abathanda ukuhleka ukukhohliseka kalula komphakathi?
Labo abathi baboné ama-UFO noma abagibeli bawo abahlala kwamanye amaplanethi bahlanganisa nabantu abaphila saká, abethenjwayo; eqinisweni, labo abakholelwa kulezi zivakashi zakwamanye amaplanethi bahlanganisa noprofesa nososayensi abafundé bagogoda. Bayaqiniseka ukuthi abantu abahlala kwamanye amaplanethi baqapha abantu nokuthi ngezinye izikhathi, bayakhuluma nabo. Kukhona amaqembu okusekelana abantu abahlala kwamanye amaplanethi asiza abantu abathi baye bahlangana nezivakashi zasemkhathini.a
Icebo Lokusinda Labantu Basemkhathini
Kuyi-Aliens Among Us, uRuth Montgomery uxoxa nabanye benani elandayo labantu abaqinisekayo ngokuthi bayizivakashi ezihlala kwamanye amaplanethi eziphila emizimbeni yabantu. Abanye balaba abathi bangabakwamanye amaplanethi abenziwe abantu balapha babikezela ukuthi ngonyaka ka-2000 kuyoba “nesenzakalo somhlaba wonke izikhulu zezingelosi nabaphathi abebelokhu besilungiselela.” Abanye abantu bakholelwa ukuthi abantu abahlala kwamanye amaplanethi basebenzisa ama-UFO ukuze baqoqe futhi balondoloze izitshalo nezilwane noma ukuthi ama-UFO ayosetshenziswa njengezindiza zokusindisa ukuze zithuthe izigidi zabantu zibalekele ukubhujiswa komhlaba okuzayo. Ngemva kwalembubhiso enkulu, abantu bayobuyiswa bazoqala “iNkathi Entsha Nohlelo Olusha” lokuqaphela izinto ezingokomoya. Enye insizwa yaseColorado, e-U.S.A., ilungu leqembu elizibiza ngokuthi “i-Alien Youth,” yatshela i-Phaphama! ngobuqotho: “Mina nabangane bami silindele okhokho bethu basemkhathini ukuba basithuthe.”
Idlanzana lalabo abathi bangabantu bakwamanye amaplanethi bathi baholwa uNkulunkulu, futhi abanye bathi bakhuluma naye ngokukhululeka befuna amacebiso okusiza isintu. Ingabe uNkulunkulu usebenza ngezivakashi zakwamanye amaplanethi ukuze asindise isintu enhlekeleleni yomhlaba ezayo?
Ukuxhumana KukaNkulunkulu Nesintu
Ekuqaleni komlando womuntu, uNkulunkulu wayexhumana nabantu. Umlando weBhayibheli uchaza izingxoxo zaphezulu ezabanjwa no-Adamu no-Eva, uNowa, u-Abrahama, nabanye.b (Genesise 3:8-10; 6:13; 15:1) Kwasetshenziswa amaphupho, amazwi, nemibono ukuze kudluliswe intando kaNkulunkulu futhi kwenziwe iBhayibheli. Nokho, ngemva kokuba iBhayibheli liqediwe, sasikhona yini isidingo sokuba kuxhunyanwe nesintu ngokuqondile? Cha, ngoba iBhayibheli lithi imiBhalo Engcwele yenza “umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 3:17) NgokweBhayibheli, isiqondiso salezi zikhathi zenkathazo kumelwe sivele eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe. Nakuba kunjalo, sikhona yini isizathu sokukholelwa ukuthi sasiyoxhumana noNkulunkulu noma sithole iziyalezo ezikhethekile zivela kuye ngokuqondile ngomkhulumeli ohlala kwenye iplanethi? Cha, ngoba umphostoli uPawulu wathi: “Ngisho noma thina noma ingelosi evela ezulwini besingamemezela kini njengezindaba ezinhle okuthile okungalé kwalokho esakumemezela kini njengezindaba ezinhle, makaqalekiswe lowo.”—Galathiya 1:8.
Nakuba ukugomela kwalabo abathi bangabantu bakwamanye amaplanethi kubonakala kuvumelana neziprofetho zeBhayibheli zokuthi ngokushesha emhlabeni kuzokwenzeka izinguquko ezinkulu eziyinhlekelele, kunikeza indlela yokusinda encike kokudaliweyo. IBhayibheli alisho ukuthi abantu babalekele endaweni okuthiwa ilondekile yezindiza zasemkhathini noma kwenye indawo. Kunalokho, lisitshela ukuthi asifune ukulondeka ebuhlotsheni bokuzinikezela kuNkulunkulu, ukuzinikezela okuboniswa ngobhapathizo lwamanzi. (1 Petru 3:21; qhathanisa namaHubo 91:7; Mathewu 28:19, 20; Johane 17:3.) Futhi uJesu wathi “lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.”—Mathewu 24:13.
Ingabe lemibhalo ayigcizeleli yini ubuhlobo obungokomoya noNkulunkulu ukuze sisinde, kunendawo yesiphephelo engokoqobo? Ngakho-ke, kunokusiza isintu ukuba sisinde, izindaba ‘zabantu abangebona abantu’ zenza ukunaka kwabantu kusuke kulokho uNkulunkulu akufunayo ngempela ukuze bathole inhlalakahle yaphakade.
Ubani ongase azame ukudedisa isintu elungiselelweni likaNkulunkulu lokusinda, kodwa abe ethi umelela uNkulunkulu? U-Ed Conroy, encwadini yakhe ethi Report on Communion, uthi “izazi eziqotho zezindizane ezingaqondakali eziqeqeshiwe kuyisayensi yengqondo nezenhlalo” zicwaninga nangezifundo “‘zezivakashi zasemakamelweni,’ imingcwi, izipoki, izithunzi, imibono engokwenkolo, nalokho okubhekwa njengamademoni.” Eziningi izazi zezindizane ezingaqondakali nalabo abagomela ngokuthi bangabantu bakwamanye amaplanethi abasesimweni sabantu bathi akudingeki ukusebenzisa imikhumbi-mkhathi ukuze bahambe. Bathi lezi zidalwa zingakwazi ukuhamba zingabonakali futhi ziphile nomaphi emhlabeni ngaphandle kokufika ngomkhumbi-mkhathi.
IBhayibheli lixwayisa ngokuthi uSathane namademoni akhe bahlose ukudukisa isintu. Basizakala ngokudangala nokungabi nathemba kwesintu, banikeze amakhambi akhangayo kodwa angamanga. (2 Korinte 11:14) Yingakho kunalesi sixwayiso seBhayibheli: “Ezinkathini zakamuva zesikhathi abanye bayokuwa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni.”—1 Thimothewu 4:1.
Ngendlela efanayo namuhla, noma ikuphi ukuvakasha okuthiwa kuyenzeka nesiqondiso esibonakala sizuzisa esivela ezidalweni ezinjalo kufanele silahlwe, kungakhathaliseki ukuthi siluhlobo luni. Labo abancamela ukulandela iseluleko sabantu abahlala kwamanye amaplanethi kuneZwi likaNkulunkulu nakanjani bayodukiswa—okuwukwenza iphutha elikhulu kulezi zikhathi ezibucayi.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ngama-UFO nokuphila kwakwamanye amaplanethi, bheka i-Phaphama! ka-April 8, 1990, neka-November 8, 1990.
b Umlobi weBhayibheli uHezekeli wabona lokho abanye abakuchaza ngokuthi i-UFO. (Hezekeli, isahluko 1) Nokho, lokhu kwakungomunye wemibono eminingi efanekiselayo echazwa uHezekeli nabanye abaprofethi, hhayi into engokoqobo eyabonwa njengoba kushiwo namuhla.