Hlala Useduze Nombuso Ongokwasezulwini
“UJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu.”—ISAYA 33:22.
1. Kungani iningi labantu liyikhathalela indaba kahulumeni?
WONKE umuntu uyayikhathalela kakhulu indaba kahulumeni. Uhulumeni omuhle uletha ukuthula nokuchuma. IBhayibheli lithi: “Inkosi iqinisa izwe [ngobulungisa, NW].” (IzAga 29:4) Ngakolunye uhlangothi, uhulumeni omubi uholela ekungabini nabulungisa, ekukhohlakaleni nasekucindezelweni. “Ngokubusa kwababi abantu bayabubula.” (IzAga 29:2) Kuwo wonke umlando, abantu baye bazama izinhlobo eziningi zikahulumeni, futhi ngokudabukisayo, ngokuvamile baye ‘babubula’ ngenxa yokucindezelwa ababusi babo. (UmShumayeli 8:9) Ingabe lukhona uhlobo lukahulumeni oluyophumelela ukulethela ababuswa yiwo ukwaneliseka okuhlala njalo?
2. Kungani elithi “umbuso ongokwasezulwini” likuchaza kahle ukubusa kwakwa-Israyeli wasendulo?
2 Isazi-mlando uJosephus sakhuluma ngohlobo oluhlukile lukahulumeni lapho sibhala: “Amandla aphakeme ezombangazwe abanye abantu baye bawaphathisa amakhosi, abanye amaqembu ababusi, kanti abanye uquqaba lwabantu. Nokho, umniki-mthetho wethu [uMose] akazange akhangwe yinoma yiluphi lwalezi zinhlobo zombuso wezombangazwe, kodwa wenza umthetho-sisekelo wakhe waba nesimo salokho—uma kuvumelekile ukusebenzisa inkulumo engekho olimini—okungase kubizwe ngokuthi ‘umbuso ongokwasezulwini,’ wabeka bonke ubukhosi negunya ezandleni zikaNkulunkulu.” (Against Apion, II, 164-5) Ngokwe-Concise Oxford Dictionary, umbuso ongokwasezulwini usho “uhlobo lukahulumeni [obuswa] nguNkulunkulu.” La mazwi awekho eBhayibhelini, kodwa akuchaza kahle ukubusa kwakwa-Israyeli wasendulo. Nakuba ama-Israyeli aba nenkosi ebonakalayo, umbusi wawo wangempela kwakunguJehova. Umprofethi u-Isaya ongumIsrayeli wathi: “UJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu.”—Isaya 33:22.
Uyini Umbuso Ongokwasezulwini Wangempela?
3, 4. (a) Uyini umbuso ongokwasezulwini wangempela? (b) Yiziphi izibusiso ezizolethwa umbuso ongokwasezulwini kuso sonke isintu ngolunye usuku olungekude?
3 Kusukela uJosephus aqamba leli gama, amaqembu amaningi aye achazwa ngokuthi ayimibuso engokwasezulwini. Amanye awo abonakala engababekezeleli abahlukile kuwo, eshiseka ngokweqisayo futhi ecindezela ngonya. Ingabe ayeyimibuso engokwasezulwini yangempela? Hhayi ngomqondo uJosephus awasebenzisa ngayo la mazwi. Inkinga iwukuthi incazelo yamazwi athi “umbuso ongokwasezulwini” isiye yanwetshwa. I-World Book Encyclopedia iwachaza ngokuthi “uhlobo lukahulumeni lapho umbuso ubuswa umpristi noma abapristi, futhi amalungu esigaba sabapristi enegunya ezindabeni zezakhamuzi nezenkolo.” Nokho, umbuso ongokwasezulwini wangempela awuwona uhulumeni obuswa abapristi. Uwukubusa kukaNkulunkulu ngempela, uhulumeni woMdali wendawo yonke, uJehova uNkulunkulu.
4 Ngolunye usuku olungekude, wonke umhlaba uzoba ngaphansi kombuso ongokwasezulwini, futhi yeka isibusiso lokho okuyoba yiso! “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba [nesintu]. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:3, 4) Akukho kubusa kwabapristi abangabantu abangaphelele okungaletha injabulo enjalo. Kungalethwa ukubusa kukaNkulunkulu kuphela. Ngakho, amaKristu eqiniso awazami ukuletha umbuso ongokwasezulwini ngemizabalazo yezombangazwe. Alindela uNkulunkulu ngesineke ukuba amise umbuso ongokwasezulwini emhlabeni wonke ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe.—Daniyeli 2:44.
5. Umbuso ongokwasezulwini wangempela usebenza kuphi namuhla, futhi yimiphi imibuzo ephakanyiswayo ngako?
5 Nokho, njengamanje umbuso ongokwasezulwini uyasebenza. Kuphi? Phakathi kwalabo abazithoba ngokuzithandela ekubuseni kukaNkulunkulu futhi babambisane ndawonye ekwenzeni intando yakhe. Abathembekile abanjalo baye babuthwa ‘njengesizwe’ esingokomoya esisemhlabeni wonke bebuthelwa ‘ezweni’ labo elingokomoya. Bangabaseleyo ‘baka-Israyeli kaNkulunkulu’ nabangane babo abangamaKristu abangaphezu kwezigidi ezinhlanu nesigamu. (Isaya 66:8; Galathiya 6:16) Laba bangaphansi kukaJesu Kristu, iNkosi yasezulwini ebekwe esihlalweni nguJehova uNkulunkulu, ‘iNkosi engunaphakade.’ (1 Thimothewu 1:17; IsAmbulo 11:15) Le nhlangano iwumbuso ongokwasezulwini ngayiphi indlela? Amalungu ayo alibheka kanjani igunya lohulumeni bezwe? Futhi abantu abanegunya phakathi kwesizwe sabo esingokomoya basigcina kanjani isimiso sombuso ongokwasezulwini?
Inhlangano Engokwasezulwini
6. Inhlangano ebonakalayo, yabantu ingabuswa kanjani uNkulunkulu?
6 Kungenzeka kanjani ukuthi inhlangano yabantu ibuswe uJehova, ohlala emazulwini angabonakali? (IHubo 103:19) Ngokuthi labo abazihlanganise nayo balandela iseluleko esiphefumulelwe: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.” (IzAga 2:6; 3:5) Bavumela uNkulunkulu ukuba ababuse njengoba begcina “umthetho kaKristu” futhi besebenzisa izimiso zeBhayibheli eziphefumulelwe ekuphileni kwabo kwansuku zonke. (Galathiya 6:2; 1 Korinte 9:21; 2 Thimothewu 3:16; bheka uMathewu 5:22, 28, 39; 6:24, 33; 7:12, 21.) Ukuze benze lokhu, kudingeka babe abafundi beBhayibheli. (IHubo 1:1-3) NjengabaseBereya endulo ‘ababenengqondo enhle,’ abalandeli abantu kodwa njalo bahlolisisa izinto abazifundayo eBhayibhelini. (IzEnzo 17:10, 11; IHubo 119:33-36) Bathandaza njengomhubi: “Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.”—IHubo 119:66.
7. Ukwengamela kulandelana kanjani embusweni ongokwasezulwini?
7 Kuzo zonke izinhlangano, kumelwe kube nabathile abanegunya noma abaqondisayo. Kungokufanayo nangoFakazi BakaJehova, futhi bagcina isimiso segunya esivezwe umphostoli uPawulu: “Inhloko yawo wonke amadoda uKristu; nenhloko yowesifazane indoda; nenhloko kaKristu uNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Ngokuvumelana nalokhu, amadoda afanelekayo kuphela akhonza njengabadala emabandleni. Futhi nakuba uJesu—“inhloko yawo onke amadoda”—esezulwini, basekhona emhlabeni “abaseleyo” babafowabo abagcotshiwe, abanethemba lokubusa naye emazulwini. (IsAmbulo 12:17; 20:6) Laba bakha “isigqila esikholekile nesiqondayo” esiyiqembu. AmaKristu abonisa ukuzithoba kwawo kuJesu, kanjalo nasenhlokweni kaJesu, uJehova, ngokwamukela ukwengamela kwaleso “sigqila.” (Mathewu 24:45-47; 25:40) Ngale ndlela, umbuso ongokwasezulwini uhlelekile. “UNkulunkulu uwuNkulunkulu wokuthula hhayi wesiyaluyalu.”—1 Korinte 14:33.
8. Abadala abangamaKristu basisekela kanjani isimiso sombuso ongokwasezulwini?
8 Abadala abangamaKristu basekela isimiso sombuso ongokwasezulwini ngoba bayaqaphela ukuthi bayolandisa kuJehova ngendlela abalisebenzisa ngayo igunya labo elilinganiselwe. (Heberu 13:17) Futhi ekwenzeni izinqumo, bencika ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu, hhayi kokwabo. Kulokhu, balandela isibonelo sikaJesu. Wayengumuntu ohlakaniphe kunabo bonke abake baphila. (Mathewu 12:42) Noma kunjalo, watshela amaJuda: “INdodana ayikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kuyo siqu, kodwa kuphela lokho ebona uYise ekwenza.” (Johane 5:19) Abadala futhi banesimo sengqondo esifana neseNkosi uDavide. Yayinegunya elinesisindo embusweni ongokwasezulwini. Nokho, yafuna ukulandela indlela kaJehova, hhayi eyayo. Yathandaza yathi: “Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo.”—IHubo 27:11.
9. Ngokuphathelene namathemba namalungelo enkonzo ahlukene embusweni ongokwasezulwini, yimuphi umbono olinganiselayo amaKristu azinikezele anawo?
9 Abanye baye bakungabaza ukufaneleka kokuba kube amadoda afanelekayo kuphela anegunya ebandleni noma ukuthi abathile banethemba lasezulwini kanti abanye banethemba lasemhlabeni. (IHubo 37:29; Filipi 3:20) Nokho, amaKristu azinikezele ayaqonda ukuthi la malungiselelo aseZwini likaNkulunkulu. Ahambisana nombuso ongokwasezulwini. Uma kukhona abawangabazayo, ngokuvamile kusuke kuyilabo abangaziqapheli izimiso zeBhayibheli. Nangaphandle kwalokho, amaKristu ayazi ukuthi amadoda nabesifazane bayalingana emehlweni kaJehova ngokuphathelene nensindiso. (Galathiya 3:28) KumaKristu eqiniso, ukuba umkhulekeli woMbusi wendawo yonke kuyilungelo eliphakeme kunawo wonke angaba nalo, futhi ajabulela ukuba kunoma iyiphi indima uJehova awanika yona. (IHubo 31:23; 84:10; 1 Korinte 12:12, 13, 18) Ngaphezu kwalokho, ukuphila okumi phakade, kungakhathaliseki ukuthi kusezulwini noma emhlabeni oyipharadesi, kuyithemba elihle kakhulu ngempela.
10. (a) Yisiphi isimo sengqondo esihle esaboniswa uJonathani? (b) AmaKristu namuhla asibonisa kanjani isimo sengqondo esifana nesikaJonathani?
10 Ngakho, oFakazi BakaJehova bafana noJonathani, indodana yeNkosi uSawule eyayimesaba uNkulunkulu. Cishe uJonathani wayeyoba inkosi enhle kakhulu. Nokho, ngenxa yokungathembeki kukaSawule, uJehova wakhetha uDavide ukuba abe inkosi yesibili yakwa-Israyeli. Ingabe lokhu kwamthukuthelisa uJonathani? Cha. Waba umngane omuhle kaDavide waze wamvikela nakuSawule. (1 Samuweli 18:1; 20:1-42) Ngendlela efanayo, labo abanethemba lasemhlabeni abanawo umhawu ngalabo abanethemba lasezulwini. Futhi amaKristu eqiniso awanawo umhawu ngalabo abanegunya elingokwaphezulu ebandleni. Kunalokho, ‘babacabangela ngothando ngokudlula okungaphezu kokuvamile,’ beqaphela ukuzikhandla kwabo ngenxa yabafowabo nodadewabo abangokomoya.—1 Thesalonika 5:12, 13.
Umbono Ongokwasezulwini Ngokubusa Kwasemhlabeni
11. AmaKristu azithoba ekubuseni kombuso ongokwasezulwini azibheka kanjani iziphathimandla zezwe?
11 Uma oFakazi BakaJehova bengaphansi kombuso ongokwasezulwini, ukubusa kukaNkulunkulu, bababheka kanjani ababusi bamazwe? UJesu wathi abalandeli bakhe babengeke babe “ingxenye yezwe.” (Johane 17:16) Nokho, amaKristu ayasiqaphela isikweletu sawo ‘kuKesari,’ ohulumeni bezwe. UJesu wathi kufanele ‘abuyisele izinto zikaKesari kuKesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.’ (Mathewu 22:21) NgokweBhayibheli, ohulumeni babantu ‘bami ezikhundleni zabo ezilinganiselwe bebekwe uNkulunkulu.’ UJehova, uMthombo walo lonke igunya, uvumela ohulumeni ukuba babe khona, futhi ulindele ukuba benze okuhle kulabo abababusayo. Lapho benza kanjalo, ‘bayisikhonzi sikaNkulunkulu.’ AmaKristu athobela uhulumeni wezwe ahlala kulo “ngenxa kanembeza” wawo. (Roma 13:1-7) Yiqiniso, uma umbuso ufuna okuthile okuphambene nomthetho kaNkulunkulu, umKristu ‘uyolalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29.
12. Lapho amaKristu eshushiswa yiziphathimandla, alandela isibonelo sawobani?
12 Kuthiwani lapho amaKristu eqiniso eshushiswa iziphathimandla zombuso? Khona-ke alandela isibonelo samaKristu okuqala, akhuthazelela ukushushiswa okukhulu ngezikhathi ezithile. (IzEnzo 8:1; 13:50) Lokhu kuvivinywa kokholo kwakulindelekile, ngoba uJesu wayexwayisile ngokuthi kwakuyofika. (Mathewu 5:10-12; Marku 4:17) Nokho, lawo maKristu okuqala awazange aphindisele kubashushisi bawo; futhi ukholo lwawo aluzange luntengantengiswe yilokho kucindezela. Kunalokho, alandela isibonelo sikaJesu: “Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.” (1 Petru 2:21-23) Yebo, izimiso zobuKristu zakunqoba ukuchukuluza kukaSathane.—Roma 12:21.
13. OFakazi BakaJehova baye basabela kanjani ekushushisweni nasemikhankasweni yokubanyundela?
13 Kungokufanayo nanamuhla. Phakathi naleli khulu leminyaka, oFakazi BakaJehova baye bahlushwa kakhulu ababusi abangomashiqela—njengoba nje uJesu abikezela. (Mathewu 24:9, 13) Kwamanye amazwe, labo abazama ukucindezela iziphathimandla ukuba zithathele lawa maKristu aqotho izinyathelo baye basakaza amanga nezinkulumo eziwachaza ngokungeyikho. Nokho, naphezu ‘kombiko omubi’ onjalo, ngokuziphatha kwabo oFakazi bazitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu. (2 Korinte 6:4, 8) Lapho kungenzeka, bethula udaba lwabo ezikhulwini nasezinkantolo zakulawo mazwe ukuze babonise ukuthi akukho lutho olubi abalwenzayo. Basebenzisa noma yimiphi imigudu ebavulekele ukuze bavikele obala izindaba ezinhle. (Filipi 1:7) Kodwa ngemva kokuba benze konke abangakwenza ngokuvumelana nomthetho, bashiyela izinto ezandleni zikaJehova. (IHubo 5:8-12; IzAga 20:22) Uma kudingekile, njengamaKristu okuqala, abesabi ukuhlupheka ngenxa yokulunga.—1 Petru 3:14-17; 4:12-14, 16.
Yenza Inkazimulo KaNkulunkulu Ize Kuqala
14, 15. (a) Yini eza kuqala kulabo abasekela isimiso sombuso ongokwasezulwini? (b) Kukusiphi isenzakalo lapho uSolomoni abeka khona isibonelo esihle sokuthobeka esikhundleni sakhe sokwengamela?
14 Lapho uJesu efundisa abalandeli bakhe ukuthandaza, into yokuqala akhuluma ngayo kwakuwukungcweliswa kwegama likaJehova. (Mathewu 6:9) Ngokuvumelana nalokhu, labo abaphila ngaphansi kombuso ongokwasezulwini bafuna kukhazinyuliswe uNkulunkulu, hhayi bona. (IHubo 29:1, 2) IBhayibheli libika ukuthi ekhulwini lokuqala leminyaka, lokhu kwakuyisikhubekiso kwabathile abenqaba ukulandela uJesu ngoba “babethanda inkazimulo yabantu,” babethanda ukukhazinyuliswa abantu. (Johane 12:42, 43) Ngempela, kudinga ukuthobeka ukwenza uJehova eze ngaphambi kokubaluleka komuntu ngokwakhe.
15 USolomoni wabonisa umoya omuhle ngokuphathelene nalokhu. Qhathanisa amazwi akhe lapho kunikezelwa ithempeli elikhazimulayo ayelakhile nakaNebukadinesari ngokuphathelene nayekufezile ekwakheni. Ngokuzazisa okweqile, uNebukadinesari waqhosha: “Angithi yileliBabele elikhulu engilakhile libe-yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe-ludumo lobukhosi bami, na?” (Daniyeli 4:30) Ngokuphambene, ngokuthobeka uSolomoni wakuthalalisa ayekufezile, ethi: “UNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani lendlu encane engiyakhileyo na?” (2 IziKronike 6:14, 15, 18; IHubo 127:1) USolomoni akazange aziphakamise. Wayazi ukuthi wayemane engummeleli kaJehova futhi wabhala: “Lapho kufika ukuziqhenya, kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.”—IzAga 11:2.
16. Abadala baye bazibonakalisa kanjani beyisibusiso sangempela ngokungazikhazimulisi?
16 Abadala abangamaKristu nabo baphakamisa uJehova, abaziphakamisi bona. Balandela iseluleko sikaPetru: “Uma noma ubani ekhonza, makakhonze njengoncike ezikhwepheni ezinikezwa nguNkulunkulu; ukuze kukho konke uNkulunkulu akhazinyuliswe ngoJesu Kristu.” (1 Petru 4:11) Umphostoli uPawulu akasichazanga “isikhundla sombonisi” njengesikhundla esibalulekile sokuvelela, kodwa ‘njengomsebenzi omuhle.’ (1 Thimothewu 3:1) Abadala bamiswa ukuba bakhonze, hhayi ukuba babuse. Bangabafundisi nabelusi bomhlambi kaNkulunkulu. (IzEnzo 20:28; Jakobe 3:1) Abadala abathobekile nabazidelayo bayisibusiso sangempela ebandleni. (1 Petru 5:2, 3) ‘Qhubeka ubheka amadoda alolohlobo njengathandekayo,’ futhi ubonge uJehova ngokuthi uye walungiselela abadala abafanelekayo abaningi kangaka ukuba basekele umbuso ongokwasezulwini kulezi ‘zinsuku zokugcina.’—Filipi 2:29; 2 Thimothewu 3:1.
“Yibani Ngabalingisi BakaNkulunkulu”
17. Labo abangaphansi kombuso ongokwasezulwini bamlingisa ngaziphi izindlela uNkulunkulu?
17 Umphostoli uPawulu wanxusa: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Labo abazithoba embusweni ongokwasezulwini bazama ukuba njengoNkulunkulu ngezinga okungenzeka ngalo ngabantu abangaphelele. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi ngoJehova: “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.” (Duteronomi 32:3, 4) Ukuze alingise uNkulunkulu kulokhu, amaKristu afuna ukwethembeka, ukulunga nokuba nomuzwa olinganiselayo wobulungisa. (Mika 6:8; 1 Thesalonika 3:6; 1 Johane 3:7) Agwema izinto eziningi eziye zamukeleka ezweni, njengokuziphatha okubi, ukukhanuka nokuhaha. (Efesu 5:5) Ngenxa yokuthi izinceku zikaJehova zilandela izindinganiso zaphezulu, hhayi ezabantu, inhlangano yakhe iwumbuso ongokwasezulwini, ihlanzekile futhi inempilo.
18. Iyiphi imfanelo kaNkulunkulu evelele kakhulu, futhi amaKristu ayibonisa kanjani le mfanelo?
18 Imfanelo evelele kaJehova uNkulunkulu uthando. Umphostoli uJohane uthi: “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Njengoba umbuso ongokwasezulwini usho ukubusa kukaNkulunkulu, usho ukubusa ngothando. UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Le nhlangano engokwasezulwini iye yabonakalisa uthando oluphawulekayo kulezi zinsuku zokugcina ezinzima. Phakathi nezimpi zokuqothulwa kohlanga e-Afrika, oFakazi BakaJehova babonisa uthando kubo bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi bangabaliphi iqembu lobuzwe. Phakathi nempi endaweni eyayiyiYugoslavia, oFakazi BakaJehova kuzo zonke izindawo babesizana, kuyilapho amanye amaqembu enkolo ayehlanganyela kulokho okubizwa ngokuthi ukuhlanzwa kohlanga. Mayelana nabantu ngabanye, oFakazi BakaJehova bazama ukugcina iseluleko sikaPawulu: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nenkulumo echaphayo kanye nabo bonke ububi. Kodwa yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.”—Efesu 4:31, 32.
19. Yiziphi izibusiso labo abazithoba embusweni ongokwasezulwini abazitholayo manje nabayozithola esikhathini esizayo?
19 Labo abazithoba embusweni ongokwasezulwini bajabulela izibusiso ezinkulu. Banokuthula noNkulunkulu namaKristu abakanye nawo. (Heberu 12:14; Jakobe 3:17) Banenjongo ekuphileni. (UmShumayeli 12:13) Banokulondeka okungokomoya nethemba eliqinisekile lekusasa. (IHubo 59:9) Ngempela, bajabulela ukunambitha kusengaphambili ukuthi kuyoba njani lapho sonke isintu sesingaphansi kokubusa kombuso ongokwasezulwini. Khona-ke, iBhayibheli lithi, “abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:9) Yeka isikhathi esimangalisayo okuyoba yiso! Kwangathi sonke singazitholela indawo eqinisekile kulelo Pharadesi elizayo ngokuhlala manje siseduze nombuso ongokwasezulwini.
Ungachaza?
◻ Uyini umbuso ongokwasezulwini wangempela futhi utholakalaphi namuhla?
◻ Abantu bazithoba kanjani ekubuseni kombuso ongokwasezulwini ekuphileni kwabo?
◻ Bonke abangaphansi kombuso ongokwasezulwini bayibeka ngaziphi izindlela inkazimulo kaNkulunkulu ngaphambi kweyabo?
◻ Yiziphi ezinye zezimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu ezilingiswa yilabo abasekela umbuso ongokwasezulwini?
[Isithombe ekhasini 17]
USolomoni wenza inkazimulo kaNkulunkulu yeza kuqala kuneyakhe