UJehova Uyabusa—NgoMbuso Ongokwasezulwini
“UJehova uyabusa kuze kube-phakade.”—IHUBO 146:10.
1, 2. (a) Kungani imizamo yomuntu yokubusa iye yahluleka? (b) Yiluphi okuwukuphela kohlobo lukahulumeni oluye lwaphumelela?
KUSUKELA esikhathini sikaNimrode, abantu baye bazama izindlela ezihlukene zokubusa umphakathi wesintu. Kuye kwaba nemibuso yomashiqela, amakhosi, imibuso ephethwe idlanzana, nezinhlobonhlobo zemibuso yentando yeningi. UJehova uye wayivumela yonke. Ngempela, njengoba uNkulunkulu ewuMthombo ophakeme walo lonke igunya, ngomqondo othile ubeke lababusi abahlukene ezikhundleni zabo ezingaphansi. (Roma 13:1) Nokho, yonke imizamo yomuntu kahulumeni ihlulekile. Akekho umbusi ongumuntu oye waveza umphakathi ohlala njalo, onokwethenjelwa nolungile. Ngokuvamile, “umuntu [uye wabusa omunye kwaba]-ngukulimala kwakhe.”—UmShumayeli 8:9.
2 Ingabe lokhu kufanele kusimangaze? Lutho neze! Umuntu ongaphelele wayengenzelwanga ukuba azibuse. “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Yingakho kuye kwaphumelela uhlobo olulodwa kuphela lukahulumeni kuwo wonke umlando wesintu. Yiluphi? Umbuso ongokwasezulwini ngaphansi kukaJehova uNkulunkulu. NgesiGreki seBhayibheli, amagama athi “umbuso ongokwasezulwini” asho ukubusa [kraʹtos] kukaNkulunkulu [the·osʹ]. Yimuphi uhulumeni ongcono ongaba khona kunokaJehova uNkulunkulu ngokwakhe?—IHubo 146:10.
3. Yiziphi izibonelo zokuqala zombuso ongokwasezulwini ezazikhona emhlabeni?
3 Umbuso ongokwasezulwini wabusa isikhashana e-Edene, kwaze kwaba yilapho u-Adamu no-Eva behlubuka kuJehova. (Genesise 3:1-6, 23) Esikhathini sika-Abrahama, kubonakala sengathi kwakunombuso ongokwasezulwini emzini waseSalema, uMelkisedeki eyinkosi ewumpristi. (Genesise 14:18-20; Heberu 7:1-3) Nokho, umbuso wokuqala ongokwasezulwini wesizwe ngaphansi kukaJehova uNkulunkulu wamiswa ehlane laseSinayi ekhulwini le-16 B.C.E. Kwenzeka kanjani lokho? Futhi lowombuso ongokwasezulwini wawusebenza kanjani?
UMbuso Ongokwasezulwini Uyazalwa
4. UJehova wasimisa kanjani isizwe sakwa-Israyeli esingokwasezulwini?
4 Ngo-1513 B.C.E., uJehova wahlenga ama-Israyeli ebugqileni baseGibithe futhi wabhubhisa amabutho kaFaro ayewaxosha oLwandle Olubomvu. Khona-ke waholela ama-Israyeli eNtabeni yaseSinayi. Lapho ekanise ngaphansi kwentaba, esebenzisa uMose uNkulunkulu wawatshela: “Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi. Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba-yigugu kimi kunazo zonke izizwe.” Ama-Israyeli aphendula: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” (Eksodusi 19:4, 5, 8) Kwenziwa isivumelwano, futhi isizwe sakwa-Israyeli esingokwasezulwini sazalwa.—Duteronomi 26:18, 19.
5. Kungashiwo kanjani ukuthi uJehova wayebusa kwa-Israyeli?
5 Nokho, uJehova ongabonakali emehlweni abantu, wambusa ngayiphi indlela u-Israyeli? (Eksodusi 33:20) Wayembusa ngokuthi uJehova wamisa imithetho nobupristi besizwe. Labo ababelalela imithetho futhi bekhulekela ngokuvumelana namalungiselelo amiswe ngokwaphezulu babekhonza uMbusi OMkhulu WoMbuso Ongokwasezulwini, uJehova. Ngaphandle kwalokho, umpristi omkhulu wayene-Urimi neThumimi, uJehova uNkulunkulu ayenikeza ngakho isiqondiso ngezikhathi eziphuthumayo. (Eksodusi 28:29, 30) Ngaphezu kwalokho, amadoda amadala afanelekayo ayengabameleli bakaJehova embusweni ongokwasezulwini futhi eqikelela ukuthi uMthetho kaNkulunkulu uyasetshenziswa. Uma sicabangela umbhalo ogciniwe wamanye alamadoda, siyoyiqonda kangcono indlela abantu okufanele bazithobe ngayo ekubuseni kukaNkulunkulu.
Igunya Ngaphansi KoMbuso Ongokwasezulwini
6. Kungani kwakuyinselele ngabantu ukuba negunya embusweni ongokwasezulwini, futhi hlobo luni lwamadoda olwaludingeka kulomthwalo wemfanelo?
6 Labo ababesezikhundleni zegunya kwa-Israyeli babenelungelo elikhulu, kodwa ukugcina ukulinganisela kwabo kwakuyinselele enkulu kubo. Kwakufanele baqaphele ukuthi ukuvelela kwabo siqu kwakungalokothi kube okubaluleke ngaphezu kokungcweliswa kwegama likaJehova. Amazwi aphefumlelwe athi “akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo” ayeyiqiniso kuma-Israyeli njengoba ayenjalo nakuso sonke isintu. U-Israyeli wayechuma kuphela lapho amadoda amadala ekhumbula ukuthi u-Israyeli wayewumbuso ongokwasezulwini nokuthi kwakufanele enze intando kaJehova, hhayi eyakhe. Ngokushesha ngemva kokumiswa kuka-Israyeli, umukhwe kaMose, uJetiro, wachaza ukuthi hlobo luni lwamadoda okwakufanele abe yilo, okungukuthi, “amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile.”—Eksodusi 18:21.
7. Kungaziphi izindlela uMose ayeyisibonelo esihle somuntu owayenegunya ngaphansi kukaJehova uNkulunkulu?
7 Umuntu wokuqala owaba negunya eliphakeme kwa-Israyeli kwakunguMose. Wayeyisibonelo esihle somuntu onegunya elungiselelweni elingokwasezulwini. Yiqiniso, ngesinye isikhathi ubuthakathaka bobuntu bazibonakalisa. Nokho, uMose wayencike kuJehova ngaso sonke isikhathi. Lapho kuphakama imibuzo eyayingakaze icutshungulwe ngaphambili, wayefuna isiqondiso sikaJehova. (Qhathanisa noNumeri 15:32-36.) UMose wakwazi kanjani ukumelana nesilingo sokusebenzisa isikhundla sakhe esiphakeme ukuze azilethele udumo? Nokho, nakuba ayehola isizwe sabantu abayizigidi, “wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Numeri 12:3) Wayengenazo izifiso zokuvelela kodwa wayekhathalela ukudunyiswa kukaNkulunkulu. (Eksodusi 32:7-14) Futhi uMose wayenokholo oluqinile. Ekhuluma ngaye ngaphambi kokuba abe umholi wesizwe, umphostoli uPawulu wathi: “Wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.” (Heberu 11:27) Ngokusobala, uMose akazange akhohlwe ukuthi uJehova wayewuMbusi wangempela walesosizwe. (IHubo 90:1, 2) Yeka isibonelo esihle kithi namuhla!
8. Yimuphi umyalo uJehova awunikeza uJoshuwa, futhi kungani lokhu kuphawuleka?
8 Lapho ukuqondisa u-Israyeli kubonakala kungaphezu kwamandla kaMose, uJehova wabeka umoya wakhe phezu kwamadoda amadala angu-70 ayezomsekela ekwahluleleni isizwe. (Numeri 11:16-25) Eminyakeni yakamuva umuzi ngamunye wawuzoba namadoda awo amadala. (Qhathanisa noDuteronomi 19:12; 22:15-18; 25:7-9.) Ngemva kokufa kukaMose, uJehova wenza ukuba uJoshuwa abe umholi walesizwe. Singacabanga ukuthi njengoba ayesenalelilungelo, uJoshuwa wayenokuningi okwakumelwe akwenze. Nakuba kunjalo, uJehova wamtshela ukuthi kwakunento eyodwa okwakungamelwe ayikhohlwe: “Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwé kuyo.” (Joshuwa 1:8) Phawula ukuthi nakuba uJoshuwa ayesekhonze iminyaka engaphezu kwengu-40, kwakudingeka ukuba aqhubeke efunda uMthetho. Nathi futhi kudingeka sitadishe iBhayibheli futhi siqabule izingqondo zethu ngemithetho nezimiso zikaJehova—kungakhathaliseki ukuthi sinomlando wenkonzo omude kangakanani noma sinamalungelo amaningi kangakanani.—IHubo 119:111, 112.
9. Kwenzekani kwa-Israyeli ngesikhathi sabahluleli?
9 UJoshuwa walandelwa uchungechunge lwabahluleli. Ngokudabukisayo, phakathi nesikhathi sabo ama-Israyeli ‘enza okubi emehlweni kaJehova’ ngokuphindaphindiwe. (AbAhluleli 2:11) Ngokuphathelene nesikhathi sabahluleli, ukulandisa kuthi: “Ngalezozinsuku kwakungekho-nkosi kwaIsrayeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.” (AbAhluleli 21:25) Yilowo nalowo wayezenzela izinqumo ngokuziphatha nokukhulekela, futhi umlando ubonisa ukuthi ama-Israyeli amaningi enza izinqumo ezimbi. Awela ekukhulekeleni izithombe futhi ngezinye izikhathi enza ubugebengu obuhlasimulisayo. (AbAhluleli 19:25-30) Nokho, abanye babonisa ukholo oluyisibonelo.—Heberu 11:32-38.
10. Ngesikhathi sikaSamuweli, uhulumeni washintsha kanjani ngokuphelele kwa-Israyeli, futhi yini eyaholela kulokhu?
10 Phakathi nesikhathi sokuphila kukamahluleli wokugcina, uSamuweli, u-Israyeli wangena esikhathini esibucayi ngokuphathelene nohulumeni. Njengoba ayethonywe yizizwe eziyizitha ezaziwazungezile, zonke ezazibuswa amakhosi, ama-Israyeli acabanga ukuthi nawo ayedinga inkosi. Akhohlwa ukuthi ayesenayo kakade iNkosi, ukuthi uhulumeni wawo kwakuwumbuso ongokwasezulwini. UJehova watshela uSamuweli: “Akusuwe abakulahlileyo, kepha balahlé mina, ukuze ngingabi-yinkosi phezu kwabo.” (1 Samuweli 8:7) Isibonelo sawo sisikhumbuza indlela okulula ngayo ukulahlekelwa umbono wethu ongokomoya futhi sithonywe yizwe elisizungezile.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 2:14-16.
11. (a) Naphezu koshintsho kuhulumeni, kungashiwo kanjani ukuthi u-Israyeli waqhubeka ewumbuso ongokwasezulwini ngaphansi kwamakhosi? (b) Yimuphi umyalo uJehova awunikeza amakhosi akwa-Israyeli, futhi ngayiphi injongo?
11 Nokho, uJehova wavumelana nesicelo sama-Israyeli futhi wakhetha amakhosi awo okuqala amabili, uSawule noDavide. U-Israyeli waqhubeka ewumbuso ongokwasezulwini, obuswa uJehova. Ukuze amakhosi akhe akukhumbule lokhu, ngayinye yawo yayinesibopho sokuzenzela ikhophi yoMthetho futhi iyifunde nsuku zonke, ‘ukuba ifunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wayo, igcine onke amazwi omthetho wakhe nalezizimiso ukuba izenze, inhliziyo yayo ingaphakami ngaphezu kwabafowabo.’ (Duteronomi 17:19, 20) Yebo, uJehova wayengafisi ukuba labo abanegunya embusweni wakhe ongokwasezulwini baziphakamise futhi izenzo zabo kwakufanele zibonakalise uMthetho wakhe.
12. INkosi uDavide yenza muphi umlando wokwethembeka?
12 INkosi uDavide yayinokholo oluvelele kuJehova, futhi uNkulunkulu wenza isivumelwano sokuthi wayezoba ngubaba wohlu lwamakhosi olwaluyohlala phakade. (2 Samuweli 7:16; 1 AmaKhosi 9:5; IHubo 89:29) Ukuzithoba kukaDavide kuJehova kwakufanelwe ukulingiswa. Wathi: “Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.” (IHubo 21:1) Nakuba ngezinye izikhathi uDavide ahluleka ngenxa yobuthakathaka obungokwenyama, njengesimiso wencika emandleni kaJehova, hhayi kwawakhe.
Izenzo Nesimo Sengqondo Okungekhona Okungokwasezulwini
13, 14. Yiziphi ezinye zezenzo ezingezona ezingokwasezulwini ezenziwa amakhosi alandela uDavide?
13 Akubona bonke abaholi bakwa-Israyeli ababefana noMose noDavide. Abaningi babonisa ukungalihloniphi okukhulu ilungiselelo elingokwasezulwini, bevumela ukukhulekela kwamanga kwa-Israyeli. Ngisho nabanye babaholi abathembekile benza ngendlela engeyona engokwasezulwini ngezinye izikhathi. Okwakushaqisa kakhulu yindaba kaSolomoni, owanikezwa ukuhlakanipha nokuchuma okukhulu. (1 AmaKhosi 4:25, 29) Nokho, engawuhloniphi umthetho kaJehova, washada namakhosikazi amaningi futhi wavumela ukukhulekela izithombe kwa-Israyeli. Ngokusobala, ukubusa kukaSolomoni kwakucindezela eminyakeni yakhe yakamuva.—Duteronomi 17:14-17; 1 AmaKhosi 11:1-8; 12:4.
14 Indodana kaSolomoni uRehobowamu yabhekana nesidingo sokuba inciphise umthwalo wabantu eyayibabusa. Kunokuba isingathe lesisimo ngobumnene, yaqinisa igunya layo ngonya—yase ilahlekelwa izizwe eziyishumi kwezingu-12. (2 IziKronike 10:4-17) Inkosi yokuqala yombuso wezizwe eziyishumi ezahlubuka kwakunguJerobowamu. Emzamweni wokuqinisekisa ukuthi umbuso wakhe wawungayikuphinde uhlangane nesizwe sakubo, wamisa ukukhulekelwa kwethole. Kungenzeka ukuthi lokhu kwabonakala kuyisinyathelo esihlakaniphile ngokombangazwe, kodwa kwabonisa ukungawuhloniphi okuhlazisayo umbuso ongokwasezulwini. (1 AmaKhosi 12:26-30) Kamuva, ekupheleni kwesikhathi eside senkonzo yokwethembeka, iNkosi u-Asa yavumela ukuqhosha ukuba konakalise umlando wayo. Yaphatha kabi umprofethi oweza kuyo neseluleko esivela kuJehova. (2 IziKronike 16:7-11) Yebo, ngezinye izikhathi ngisho nomakadebona bayasidinga iseluleko.
Ukuphela KoMbuso Ongokwasezulwini
15. Lapho uJesu esemhlabeni, abaholi benkolo bamaJuda bahluleka kanjani njengabantu abanegunya embusweni ongokwasezulwini?
15 Lapho uJesu Kristu esemhlabeni, u-Israyeli wayesewumbuso ongokwasezulwini. Nokho, ngokudabukisayo, iningi lamadoda akhe amadala ayenomthwalo wemfanelo lalingelona elingokomoya. Ngokuqinisekile lahluleka ukuhlakulela ubumnene uMose abubonisa. UJesu wabhekisela ekonakaleni kwalo okungokomoya lapho ethi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose. Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo.”—Mathewu 23:2, 3.
16. Abaholi benkolo bamaJuda bekhulu lokuqala babonisa kanjani ukuthi babengenayo inhlonipho ngombuso ongokwasezulwini?
16 Ngemva kokunikela uJesu kuPontiyu Pilatu, abaholi bamaJuda babonisa indlela ababephambuke kakhulu ngayo ekuzithobeni okungokwasezulwini. UPilatu wahlola uJesu futhi waphetha ngokuthi wayewumuntu ongenacala. Ekhiphela uJesu phambi kwamaJuda, uPilatu wathi: “Bhekani inkosi yenu.” Lapho amaJuda ememeza ukuba uJesu abulawe, uPilatu wabuza: “Ngibethele inkosi yenu na?” Abapristi abakhulu baphendula bathi: “Asinankosi, uKesari kuphela.” (Johane 19:14, 15) Baqaphela uKesari njengenkosi, hhayi uJesu, ‘oweza egameni likaJehova’!—Mathewu 21:9, qhathanisa ne-NW.
17. Kungani u-Israyeli ongokwenyama ayeka ukuba isizwe esingokwasezulwini?
17 Ngokwenqaba uJesu, amaJuda enqaba umbuso ongokwasezulwini, ngoba wayezoba umuntu ovelele emalungiselelweni angokwasezulwini angesikhathi esizayo. UJesu wayeyindodana kaDavide yasebukhosini eyayizobusa phakade. (Isaya 9:6, 7; Luka 1:33; 3:23, 31) Ngakho, u-Israyeli ongokwenyama wayeka ukuba isizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe.—Roma 9:31-33.
UMbuso Omusha Ongokwasezulwini
18. Yimuphi umbuso omusha ongokwasezulwini owazalwa ngekhulu lokuqala? Chaza.
18 Nokho, ukulahla kukaNkulunkulu u-Israyeli ongokwenyama kwakungekhona ukuphela kombuso ongokwasezulwini emhlabeni. NgoJesu Kristu, uJehova wamisa umbuso omusha ongokwasezulwini. Lona kwakuyibandla lamaKristu agcotshiwe, eqinisweni okwakuyisizwe esisha. (1 Petru 2:9) Umphostoli uPawulu walibiza ngokuthi ‘uIsrayeli kaNkulunkulu,’ futhi ekugcineni amalungu alo avela “kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe.” (Galathiya 6:16; IsAmbulo 5:9, 10) Nakuba ayezithoba kohulumeni babantu ayephila ngaphansi kwabo, amalungu alombuso omusha ongokwasezulwini ngempela ayebuswa uNkulunkulu. (1 Petru 2:13, 14, 17) Ngokushesha ngemva kokuzalwa kombuso omusha ongokwasezulwini, ababusi bakwa-Israyeli ongokwenyama bazama ukuphoqelela abanye abafundi ukuba bayeke ukulalela umyalo uJesu ayebanikeze wona. Basabela kanjani? “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Ngempela, umbono ongokwasezulwini!
19. Kungashiwo kanjani ukuthi ibandla lobuKristu lekhulu lokuqala laliwumbuso ongokwasezulwini?
19 Nokho, wasebenza kanjani lombuso omusha ongokwasezulwini? Phela, kwakuneNkosi, uJesu Kristu, emelela uMbusi OMkhulu WoMbuso Ongokwasezulwini, uJehova uNkulunkulu. (Kolose 1:13) Nakuba leNkosi yayingabonakali emazulwini, ukubusa kwayo kwakungokoqobo ezikhonzini zayo, futhi amazwi ayo ayebusa ukuphila kwazo. Ukuze kube nokuqondisa okubonakalayo, kwamiswa amadoda amadala afanelekayo ngokomoya. EJerusalema iqembu lamadoda anjalo lasebenza njengendikimba ebusayo. Ababemelela leyondikimba kwakungabadala abajikelezayo, abanjengoPawulu, uThimothewu, noThithu. Futhi ibandla ngalinye lalinakekelwa indikimba yamadoda amadala, noma abadala. (Thithu 1:5) Lapho kuphakama inkinga esindayo, abadala babethinta indikimba ebusayo noma omunye wabameleli bayo, njengoPawulu. (Qhathanisa nezEnzo 15:2; 1 Korinte 7:1; 8:1; 12:1.) Ngaphezu kwalokho, ilungu ngalinye lebandla lalinengxenye ekusekeleni umbuso ongokwasezulwini. Ngamunye wayenomthwalo wemfanelo phambi kukaJehova wokusebenzisa izimiso ezingokomBhalo ekuphileni kwakhe.—Roma 14:4, 12.
20. Yini engase ishiwo ngombuso ongokwasezulwini ezikhathini zangemva kwabaphostoli?
20 UPawulu waxwayisa ngokuthi ngemva kokufa kwabaphostoli, kwakuyovela ukuhlubuka, okuyilokho kanye okwenzeka. (2 Thesalonika 2:3) Njengoba isikhathi sasiqhubeka, inani lalabo ababethi bangamaKristu lanyukela ezigidini lase lidlulela emakhulwini ezigidi. Bakha izinhlobo ezihlukene zohulumeni bamasonto, njengalabo besigaba esibusayo sabefundisi, izigaba ezishiyashiyanayo zabefundisi abanamandla okubusa nawokwahlulela, nesigaba sabefundisi bamabandla. Nokho, akukho ukuziphatha noma izinkolelo zalamasonto okuye kwabonisa ububusi bukaJehova. Zazingeyona imibuso engokwasezulwini!
21, 22. (a) UJehova uye wawubuyisela kanjani umbuso ongokwasezulwini esikhathini sokuphela? (b) Yimiphi imibuzo ephathelene nombuso ongokwasezulwini ezophendulwa ngokulandelayo?
21 Phakathi nesikhathi sokuphela kwalesisimiso sezinto, kwakuzoba nokuhlukaniswa kwamaKristu eqiniso kwawamanga. (Mathewu 13:37-43) Lokhu kwenzeka ngo-1919, unyaka obalulekile emlandweni wombuso ongokwasezulwini. Ngalesosikhathi isiprofetho esikhazimulayo sika-Isaya 66:8 sagcwaliseka: “Ngubani obonile okunjengalokhu na? Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na? Isizwe singabelethwa kanyekanye na?” Impendulo yaleyomibuzo kwakunguyebo ohlokomayo! Ngo-1919 ibandla lamaKristu laphinde lavela ‘njengesizwe’ esihlukile. Ngempela “izwe” elingokwasezulwini lazalwa ngosuku olulodwa! Njengoba isikhathi sokuphela sasiqhubeka, ukuhlelwa kwalesizwe esisha kwalungiswa ukuze sivunyelaniswe ngokuseduze ngangokunokwenzeka nalokho okwakukhona ekhulwini lokuqala. (Isaya 60:17) Kodwa ngaso sonke isikhathi besilokhu siwumbuso ongokwasezulwini. Ngokuziphatha nangenkolelo, siye sabonisa njalo imithetho nezimiso eziphefumlelwe ngokwaphezulu ezisemiBhalweni. Futhi ngaso sonke isikhathi siye sazithoba eNkosini ebekwe esihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu.—IHubo 45:17; 72:1, 2.
22 Ingabe uhlanganyela nalombuso ongokwasezulwini? Ingabe unikezwe isikhundla segunya kuwo? Uma kunjalo, uyazi yini ukuthi kusho ukuthini ukwenza ngendlela engokwasezulwini? Ingabe uyazi ukuthi yiziphi izingibe okumelwe zigwenywe? Lemibuzo emibili yokugcina izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
Ungachaza?
◻ Uyini umbuso ongokwasezulwini?
◻ Kungayiphi indlela u-Israyeli ayewumbuso ongokwasezulwini?
◻ UJehova wenza liphi ilungiselelo ukuze akhumbuze amakhosi ukuthi u-Israyeli wayewumbuso ongokwasezulwini?
◻ Kungayiphi indlela ibandla lobuKristu laliwumbuso ongokwasezulwini, futhi lahlelwa kanjani?
◻ Iyiphi inhlangano engokwasezulwini eye yamiswa osukwini lwethu?
[Isithombe ekhasini 12]
Phambi kukaPontiyu Pilatu, ababusi abangamaJuda baqaphela uKesari kuneNkosi kaJehova emiswe ngokwasezulwini