Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuthandaza Emidlalweni Ngiyabonga ngesihloko esithi: “Umbono WeBhayibheli: Ukuthandaza Emidlalweni—Ingabe UNkulunkulu Uyalalela?” (May 8, 1990) Ngangivame ukuthandaza ngentshiseko kuNkulunkulu ngaphambi komdlalo webhola lezandla. Emidlalweni emikhulu, ngangithandazela ukuba namandla okuwina. (Asikaze siwine namunye waleyomidlalo.) Manje sengiyazi ukuthi imithandazo enjalo yayingavumelani nentando kaNkulunkulu.
M.A.L.S., Brazil
Intsha—Inselele Yawo-’90 Ngafunda incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo lapho ngiyithola okokuqala. Izihloko zenu zentsha (September 8, 1990) zangikhuthaza ukuba ngiqale ukuyifunda futhi. Futhi kumelwe ngisho, ngiyijabulela ngisho nangokwengeziwe okwesibili!
B. B., United States
Ngiyintombazane eneminyaka engu-13 ubudala, futhi ngifuna ukunitshela ukuthi ngizijabulele ngempela izihloko ezikhuluma ngentsha. Nginesikhokhelo sePhaphama! Kodwa lapho ngithola omagazini eposini, ngangibabeka. Lesi sangikhanga, ngakho-ke ngasifunda futhi ngasijabulela ngempela. Kamuva, ngakhipha amanye amakhophi ami ePhaphama! futhi ngafunda ezinye zezihloko. Manje ngiye ngacela umama ukuba atadishe nami iBhayibheli.
A. P., United States
Ukuzibulala Umama, inceku ethembekile kaNkulunkulu, wazibulala ngemva kwenyanga yokucindezeleka okunamandla. Ukufa kwakhe kwashiya umthwalo ongachazeki nobuhlungu benhliziyo kithi sonke esasimthanda. Umcabango wokuthi ngingase ngingaphinde ngimbone wenza ubuhlungu bokulahlekelwa nguye bangabekezeleleki. Isihloko senu esithi (“Umbono WeBhayibheli: Abantu Abazibulele—Ingabe Bayovuka?” September 8, 1990) sangenza ngazizwa “ngiphile kahle” ngokwengeziwe futhi ngijabula ngaphakathi, ngokwazi ukuthi ngingajabulela ithemba lokuvuka kwakhe.
T. M., United States,
Lesihloko sasibonisa umusa. Kodwa ingabe abakhathazekile abanakuwubheka umusa onjalo njengesizathu sokuzithethelela ngokuthatha “indlela elula yokukhululeka”?
N. G., United States,
Imizwa yokungabi nathemba engadambi ingase yenze ukufa kubonakale kukhanga kulowo ocindezeleke kanzima. (Qhathanisa noJobe 10:1.) Kodwa njengoba ukuzibulala kuwukuzibulala komuntu uqobo, kuwukweqa umthetho kaNkulunkulu futhi kuwukuzikhethela okungamukeleki kumKristu. Uma imicabango yokuzibulala imhlupha umuntu, akufanele acabangele ngokungafanele umusa kaNkulunkulu kodwa kufanele afune usizo lokumelana nezifiso zokuzibulala. (Jakobe 1:14, 15) Angase acabange ngegebe elibuhlungu ukufa kwakhe okuzolishiya kulabo abathandekayo. Kufanele akhumbule ukuthi uJehova ‘useduze nalabo abanenhliziyo eyaphukileyo’ futhi aphonse imithwalo yakhe kuYe. (IHubo 34:18; 55:22) Kufanele futhi enze ukuba amaKristu akanye nawo azi ngokungabi nathemba kwakhe futhi amukele ukusekela kwawo. Nokho, uma umuntu ehlulwa imizwa yokuzibulala, abafelwe bangaduduzeka ngokwazi ukuthi ikusasa lothandekayo wabo lisezandleni zikaNkulunkulu onothando.—ED.
Ukubhekana Nokukhubazeka Ngemva kokufunda esithi “Ukwanulekela Ukusiza Abanye” (September 22, 1990), ngifuna ukunibonga ngesihloko esakhayo nesinosizo. Njengoba mina ngiphile kahle, ngezinye izikhathi ngiyazibuza ukuthi ngangingabhekana kanjani nezimo ezifanayo. Sonke singaphansi kokucindezela okukhulu kwalelizwe, kodwa uTony Wood uyabhekana nalokhu futhi ngisho nangokwengeziwe ngokwethembela kuJehova.
P. G., Engilandi
Amabhayisikobho Ngiyanibonga ngesihloko esithi: “Intsha Iyabuza . . . Ngingayikhetha Kanjani Ibhayisikobho Ekahle?” (August 8, 1990) Namuhla iningi lentsha alilwazi uhlobo lwamabhayisikobho alungele ukubukwa umKristu, futhi alibuzi kubazali balo ukuthi lingayibuka yini ibhayisikobho ethile noma cha. Ngiwuthanda kakhulu umqondo wokuthi uma kwenzeka umuntu ebona ibhayisikobho engafanele, kufanele ayivale.
J. N. S., Brazil