Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuthengisa Igazi Ngifuna ukuzwakalisa ukwazisa ngezihloko ezikhuluma ngokuthengiswa nokusetshenziswa kwegazi nemikhiqizo yegazi. (October 22, 1990) Ngangingenawo umbono wokuthi kuyimboni enkulu kangaka. Yeka ukuthi kukujulisa kanjani ukwazisa kwethu ngoMdali wethu, ovikela abantu bakhe ngokwenqabela ukusetshenziswa kwegazi!
R. L., United States
Ukwehlukana Kwabazali Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Abazali Bami Bayehlukana—Kumelwe Ngenzeni?” (August 22, 1990) sasikhuluma ngesimo esifanayo naleso engadlula kuso eminyakeni eyisithupha edlule njengomzali. Ingxenyana ethi “ukuhlakulela umoya wentukuthelo nempindiselo kancane kancane kungabona ubuntu bakho” yashaya emhloleni ngempela. Imizwa enjalo iye yaphikelela kubantwana bami abathathu kuleminyaka eyisithupha edlule. Ngakho ngabathumelela ikhophi yalesihloko kanye nencwadi ngichaza ukuthi nganginendaba kangakanani ngabo. Ngizizwa ngiqiniseka ukuthi imiphumela izoba ngezuzisayo.
E. B., United States
Lapho Umdlavuza Ugcinwa Uyimfihlo Ngifuna ukunazisa ngendlela engakhuthazeka ngayo ngendaba kaRie Kinoshita. (October 22, 1990) Ukuzimisela kwakhe ukukhonza uNkulunkulu ngawo wonke amandla akhe asasele kuye kwashukumisa kakhulu kimi. Njengoba nginempilo enhle kakhulu, kwangikhuthaza ukuba ngizisebenzise kangcono izinsuku zami zangoMgqibelo nezikhathi zakusihlwa emsebenzini wokushumayela. Uma ngizwa ukuthi ngikhathele kakhulu, ngivele ngikhumbule uRie—futhi nginikela khona!
T. F., Canada
Izinyembezi zehla ezihlathini zami lapho ngifunda ngokholo lukaRie. Ngahlabeka umxhwele ngesimo sakhe sengqondo sokuhlakanipha nokuphikelela kwakhe enkonzweni yesikhathi esigcwele, naphezu kokugula kwakhe okungathi sína.
M. H., Japan
Intuthuko Engokomoya Nginibonga kakhulu impela ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingathuthuka Kanjani Ngokomoya?” (September 22, 1990) Sasinamasu amaningi amahle engangingawasebenzisa. Sengiye ngasifunda kabili kakade. Ngiye ngenza futhi nohlu lwemigomo yami engokomoya (njengoba nasikisela), futhi ngizoluphanyeka odongeni lwami.
G. K., United States
Ngosizo lwesihloko senu, manje sengizama ukufunda iBhayibheli imizuzu engu-15 usuku ngalunye. Ngokuvamile, ngichitha isikhathi esiningi ngokwengeziwe. Ngiye ngafunda okuningi kakhulu; kuyamangalisa!
T. L. P., Canada
Inqwaba Yemfucumfucu Ngasithanda kakhulu isihloko esithi “Inqwaba Yemfucumfucu—Ingabe Iyosingcwaba?” (September 22, 1990) Bambalwa abantu abasiqaphelayo isilinganiso semfucumfucu ekhiqizwayo nsuku zonke nokuthi iyingozi kangakanani kuleplanethi. Ngiyanibonga ngesihloko senu esicacile.
B. S., Brazil
Isizathu Sokuvumela KukaNkulunkulu Ukuhlupheka Niye nakhuluma ngalesihloko ngezindlela nangezikhathi eziningi ngaphambili. Nokho, isihloko esikumagazini kaOctober 8, 1990 sasiwubungcweti. Konke, kusukela ebucikweni bemifanekiso kuya esingenisweni, kwakukuhle!
G. H., United States
Lesihloko sangisiza ukuba ngiqinise izinkolelo zami ngokuphathelene nezimbangela zobubi nethemba enginalo ngekusasa. Ngokomphumela, ubuhlobo bami noJehova buye baqiniswa.
J. H., United States
Ingwe Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi ngibhala ukuze ngisho indlela engasazisa ngayo isihloko esithi “Ikati Lasehlathini Elizifihlayo.” (August 22, 1990) Ngiye ngafisa ngaso sonke isikhathi ukubona ingwe. Nangisiza ukuba ngenze njalo. Isihloko nasenza saphila, futhi ngazizwa sengathi ngikhona lapho ngokoqobo.
M. C., France