Lapho Imizwilili Ifa
IMIZWILILI isheshe izwele emagesini anobuthi ukwedlula abantu. Ngenxa yalokho, esikhathini esidlule izisebenzi zasezimayini zamalahle zazingena emayini nomzwilili ofakwe ekhejini njengendlela yokuhlola amagesi ayingozi. Zixwayiswe ukufa kwalomzwilili, izisebenzi zasemayini zazibalekela ingozi kuze kube yilapho umoya usungena ngokufanelekile emayini. Enalesisekelo engqondweni, umuntu angawaqonda kangcono amazwi kaDkt. David Suzuki, usosayensi odumile eCanada.
Ekhathazekile ngokufa okubonakala kuseduze kakhulu kukanozungezilanga wethu onguMhlaba, wasebenzisa lomfanekiso olandelayo: “Lapho isisebenzi sasemayini yamalahle singena nomzwilili emayini yamalahle futhi umzwilili ufe, isisebenzi sasingasho ukuthi, ‘Oh, lenyoni imane yafa nje kodwa mina angiyona inyoni.’ Umzwilili ufe ngoba ubuhogela umoya ofanayo.”
Khona-ke wanezela: “Lapho ubona imikhomo engamaBeluga engu-22 ifa eMhumeni waseSt. Lawrence futhi igcwele amakhemikhali awubuthi kangangokuba kudingeka ugqoke amagilavu kanye nesifonyo ukuze uyithinte, lapho abantu besitshela ukuthi ihlathi lemithi kashukela wemaple eliseQuebec liyobe selifile eminyakeni eyishumi, lapho abantu besitshela ukuthi izinhlobo ezimbili zezilwane ziyanyamalala ihora ngalinye nokuthi izimvu zamanzi ezingu-10 000 zafa eNorth Sea futhi abazi ukuthi kungani, ngokuqinisekile . . . leyo imizwilili futhi uma sicabanga ukuthi asikho endaweni ezungezile efanayo neyalezozilwane, siyiziphukuphuku.”
UDkt. Suzuki ukhalela iphuzu lokuthi abezombangazwe abayinaki ngokwanele noma abayinaki kwanhlobo “lemizwilili” futhi ngeke bakubone ukungathi sina kwalesimo kuze kube yilapho izingane ziqala ukufa ngamanani amakhulu. Uthi: “Ngakho ingabe sizovumela izingane zethu zibe imizwilili yethu?”
Nakuba amaKristu eqiniso ekhathazekile, awaphelelwa ithemba. UJehova, uMdali womhlaba, “[o]ngawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo,” ngeke avumele abantu abanombono ofiphele, abanobugovu ukuba baqhubeke bebhubhisa indawo yethu ngokungenamkhawulo. EZwini lakhe, iBhayibheli, uthembisa “[u]kubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”—Isaya 45:18; IsAmbulo 11:18.