Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 2/8 k. 15-k. 17 isig. 7
  • Kuthiwani Ngamanightclub?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuthiwani Ngamanightclub?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amanightclub Namuhla
  • Uhlangana Nobani?
  • Ukuqapha
  • Kuthiwani Ngezikhungo Zomdanso Zentsha?
    I-Phaphama!—2004
  • Xwaya Umculo Owonakalisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Basha—Yilwani Nomoya Wezwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 2/8 k. 15-k. 17 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Kuthiwani Ngamanightclub?

“SIDINGA ukuzilibazisa okuthile.” “Siyela ukuyodansa kuphela.” “Wonke umuntu uyaya.” “Sifuna nje kuphela ukujabula okuthile.” Intsha ehlukahlukene yayichazela kanjalo intatheli yePhaphama! izizathu zokuba iye njalo kumanightclub. Imidlalo enjalo yasebusuku ijwayeleke kakhulu phakathi kwentsha eningi, futhi uma ikhona emphakathini wakini, nawe kungenzeka wake wacabanga ukuya.

Namuhla, abantu abasha abaningi bathutheleka ezinhlotsheni ezilandelayo zamaqembu, njengoba zachazwa umagazini iFriday: “Isikhathi sephathi siyinoma isiphi isikhathi futhi noma isiphi isikhathi sinamuhla ebusuku. Ngalabo abangazibambi, iphathi ayipheli. Ubuhlanya bomdanso bukhukhula idolobha lonke ngesikhukhula seziphuzo ezibandayo, izibani zikagesi ezibanekayo nomculo ojabulisayo ongakuvumeli uhlale phansi. ‘Amaqembu manje anokuthile okulungele wonke umuntu. . . . Kukhona amaqembu alungele ochwepheshe abasebasha, abafundi basekholiji, ongqingili nabantu abadala.’”

Ngokuqondene nabangcono, kunamaqembu adinga imali enkulu ekhokhwa ngaphambili, izingubo ezibizayo, ngisho nendlela yokuziphatha efanele ukuze wamukelwe. Ngalabo abangacebile kangako, kunamaqembu angenabo ubukhazikhazi kangako anikeza umoya wephathi ngezindleko eziphansi. Futhi ngentsha encane kakhulu (noma engenabo ubuqili ngokwanele) ukuba ingene emaqenjini abantu abadala, kunamaqembu eziphuzo ezibandayo abizwa ngokuthi ama“juice club” nama“soda bar,” okuthiwa awanabo utshwala.

Akunzima ukuqonda ukuthi kungani amanightclub ebakhanga kakhulu abasha abaningi. Lapho umusha, kungokwemvelo ukufuna ukuba nesikhathi esijabulisayo. (Qhathanisa nomShumayeli 11:⁠9.) Ubusuku bokudansa bungase bube njengendlela enenzuzo yokuqeda ukucindezela kwesikole nomsebenzi. Kodwa anenzuzo kangakanani amanightclub?

USonya, owesifazane osemusha owayeya njalo kumanightclub, uyavuma: “Umqondo ubonakala umsulwa ngokwanele. Uzodansa futhi uzijabulise. Kodwa ngokuvamile kugcina sekukuningi kunalokho. Uqala ukuhamba ebusuku lapho umculo nesixuku kunamandla. Ngokushesha wazi bonke abeza njalo, nawe futhi uza njalo. Umqondo uwukudansa​—⁠futhi uhlangane nothile. Futhi kungakhathaliseki ukuthi lowo umgomo wakho noma akuwona, bona yiwona mgomo wabo sonke isikhathi.” Ingabe uSonya uyeqisa?

Amanightclub Namuhla

Inkundla yedisco yeminyaka eyishumi edlule yaduma njengendawo yokuziphatha okubi kobulili, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ngisho nobungqingili.a Futhi izinto ziye zashintsha kancane kusukela lapho. Nakuba umculo (eUnited States, ngokuvamile ubizwa ngokuthi umculo wasendlini noma kalula nje umculo womdanso) nezindlela zokudansa kuye kwashintsha, umoya emidlalweni eminingi yasebusuku ngokwethusayo ukhumbuza ngaleyonkundla yedisco yokuziphatha okubi.

Esihlokweni esikhuluma ngomculo wasendlini, kumagazini iLife, omunye umshisekeli wenightclub uthi: “Umculo womdanso esimweni sawo sakudala ubulokhu unesigqi sesizwe​—⁠isigqi esinomdumo nesivusa inkanuko, esiqhubeka njalo kuze kube yilapho wonke umuntu esethathekile engasenakuzilawula. Okuthile bekuntuleka emadolobheni, futhi umculo wasendlini wanelisa lowomuzwa onamandla.” Umqondisi womculo waseNew York uDavid Piccioni uthi: “Injongo iwukuzikhohlwa ngokuphelele ubusuku bonke.”

Ngenxa yobuhlanya bomdanso bamuva njengelambada yokuziphatha okubi, umagazini iMademoiselle wathi: “Ubulili: Abusekho ezindlini zokugezela futhi sebulapho bungaba khona​—⁠emdansweni. Ezinsukwini zakudala (zawo-1970), emdansweni kwakuyindawo yokuvusa inkanuko izindlu zokugezela kungezobulili nezidakamizwa. Manje njengoba wonke umuntu ekhathazeka ngeAIDS, izindlu zokugezela sekungezokuzilungisa kanti emdansweni sekuyilapho ubukela khona abanye abantu benza ubulili. Noma belingisa ukwenza ubulili.” Yebo, umculo ungasetshenziselwa ukwakha umuzwa oqeda ukuzibamba ngokokuziphatha futhi uvuse inkanuko yobulili.

Uhlangana Nobani?

Amanye amaqembu aziwa futhi njengezindawo zokuhlangana nabobulili obuhlukile. Nokho, luhlobo luni lwabantu ongase uhlangane nalo? Enye intombazane eyayiya njalo kumanightclub ngaphambili iyavuma: “Abantu abaningi lapho baphila ukuphila kokuziphatha okubi futhi banesithakazelo sokuba nobulili nothile. Uma bekhangwa nguwe, bayokuthengela iziphuzo, iziphuzo, iziphuzo futhi bakungunge ubusuku bonke besho izinto ezinhle, ezimnandi benethemba lokuthi uzokwenza lokho abakufisayo.”

Ezinye izindawo ziklanyelwe ukwenza lemisebenzi yokuziphatha okubi. UDoris, owesifazane osemusha owayevame ukuya njalo kumanightclub, uthi: “Kunamaqembu anezindawo zokuhlala ezinemibhede nezihlalo zezithandani lapho abaningi beya khona ukuze baqabulane futhi bathintane. Amadoda amaningi ashadile aya lapho ngaphandle kwamakhosikazi awo. Amanye aya khona enethemba lokuthola othile abangaba nobuhlobo bobulili naye noma bathandane, futhi abanye bafuna umngane.” UDoris uyaphetha: “Umoya okumanightclub ukhuthaza kakhulu ukuziphatha okubi. Utshwala buphuzwa kakhulu kuze kuse, futhi noma yini ilungile.”

Amanightclub aye ahlanganiswa nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa okukhulu. Omunye umnikazi weqembu kuthiwa wathi: “Leliqembu . . . lihlangene ngokuphelele nezidakamizwa.” Izidakamizwa notshwala ngokuvamile kungatholakala ngisho nasezindaweni okucatshangelwa ukuthi zithengisa iziphuzo ezingadaki. UJesse, omunye owayevame ukuya kumanightclub, uyanezela: “Intuthu yensangu nogwayi igcwala emoyeni. Abantu abaningi khona bagqoka ngendlela evusa inkanuko yenyama: izingubo ezimpintshayo nezibonakalisa ngaphakathi, izitayela ezivusa inkanuko, izinto zokuzihlobisa ezeqile.”

Ukuqapha

Kusukela ezikhathini zasendulo, umculo nokudansa kuye kwasetshenziselwa ukuyengela abantu ekuziphatheni okungafanele. Ngokwesibonelo, sifunda ukuthi amaIsrayeli ake ‘ahlala phansi ukuba adle, aphuze; avuka ukuyodlala.’ Lokhu kwakuhilela umculo wobuhlanya nokudansa ngokungazibambi. Nokho, lokhu ‘kudlala’ kwaba isisusa sokukhonza izithombe nesokuziphatha okubi ngokweqile.​—⁠Eksodusi 32:​6, 17-19, 28.

Kanjalo intsha engamaKristu kufanele igweme ukuba sesimweni ngokushesha esingaba ‘ukuxokozela’ noma ‘umbuthano wobuhlanya.’ (Galathiya 5:​19, 21; Byington) Eyokuqala KwabaseKorinte 15:​33 iyasikhumbuza: “Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.” Ingabe umuntu angazifaka emoyeni wombuthano nabantu ‘abahlwelwe emqondweni, futhi abehlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu’ kodwa angathonyeki ngokuphambene? (Efesu 4:​18) Futhi njengoba omunye wesifazane omusha avuma: “Ukujwayelana kakhulu nobungane obuseduze kungaba khona futhi ngokuvamile kuba khona [nabanye ababa khona njalo kumanightclub].” Lokhu kungase kulithinte kanjani ingokomoya lakho?

Nokho, abanye bangase babe nombono wokuthi indlela yokuxazulula lokhu ukuya namaKristu okanye nawo. Nokho, ukulunga kungachuma kuphela emoyeni wobuKristu. (Jakobe 3:​18) Futhi umoya okumanightclub amaningi uklanyelwe ukuvusa imizwa ‘yomhlaba, engokwemvelo, neyamademoni,’ kunengokomoya.​—⁠Jakobe 3:⁠15.

Kuyavunywa, akuwona wonke amanightclub afinyelela emazingeni achazwe lapha, futhi akunangqondo ukulahla ngokuphelele zonke izitolo zokudla ezinomdanso noma ukuzijabulisa. Kodwa uPawulu useluleka ukuba ‘sihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini.’ (Efesu 5:​10) Futhi uma umenyelwa endaweni enedumela elingaziwa noma elingabazekayo, kufanele uqaphe kakhulu ngokuqondene nokwamukela lesosimemo.​—⁠IzAga 14:⁠15.

Ungase uzibuze imibuzo enjengokuthi: Obani abaya lapho, futhi liyini idumela labo? Yini abazali bakho noma abanye abantu abadala abaqotho abayaziyo ngaleyondawo? Inomoya onjani? Abantu abanjani abayijwayele? Ingabe ingeyentsha kuphela? Uma kunjalo, ingaba kanjani nomoya onempilo? Uma kukhona ukuzijabulisa, okwaluhlobo luni? Hlobo luni lomculo oyobe udlalwa? Ingabe indawo evumela izithandani zibe zodwa, noma indawo yombuthano engase ikuphoqelele ukuba uhlangane nabanye?

UDoris, ocashunwe ngaphambili, uyavuma: “USathane wenza amanightclub abukeke eheha, eqabula, ekhanga, ejabulisa​—⁠enanoma yini engasiyenga.” Kodwa ungaluthwa ubukhazikhazi bamanightclub! Aye azibonakalisa ewugibe olubulalayo entsheni eningi. Thola izindlela zokuzijabulisa ezamukelekayo nezinenzuzo.b

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka iPhaphama! kaSeptember 22, 1979.

b Ngokuqondene nokusikisela ngokuqondene nalokhu, bheka isahluko 37 sencwadi Intsha Iyabuza​—⁠Izimpendulo Ezisebenzayo, ekhishwe iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 16]

Abaningi abaya njalo kuma“nightclub” banesithakazelo kakhulu ekuziphatheni okubi kobulili kunasekuzijabuliseni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela