Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 4/22 k. 18
  • Kungani Ukushisa Ngokweqile Komzimba Kungababulali?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ukushisa Ngokweqile Komzimba Kungababulali?
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Oyaziyo Ngamazinga Okushisa?
    I-Phaphama!—1991
  • Lapho Umzimba Wengane Ushisa
    I-Phaphama!—2003
  • Ubuchopho Obuzivuselelayo Bengwejeje Yase-Arctic Ehlala Emgodini
    I-Phaphama!—2013
  • Ingabe Uyasidinga Isipholisa-moya?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 4/22 k. 18

Kungani Ukushisa Ngokweqile Komzimba Kungababulali?

Ngomlobeli wePhaphama! ENingizimu Afrika

Izilwane eziningi ezincelisayo zigcina izinga lokushisa komzimba elicishe libe ngamadegree Celsius angu-37. Uma izinga lokushisa komzimba wakho likhuphuka lize lidlule amadegree Celsius angu-41, amangqamuzana abalulekile obuchopho angalimala, ngezinye izikhathi kuphumele nasekufeni. Yini ekuvikela ekushiseni ngokweqile komzimba? Into elawula ukushisa okuthiwa i“thermostat” esebuchosheni bakho iyabona lapho izinga lakho lokushisa seliphakama ngaphezu kwesilinganiso esifanele, bese ithumela isigijimi ezindlaleni ezincane eziyizigidi ezisesikhunjeni sakho. Khona-ke ube usuqala ukujuluka kakhulu. Njengoba lomswakama uhwamuka, wenza umzimba wakho uphole. Lena inqubo emangalisayo, evamile ezilwaneni eziningi ezincelisayo.

Manje, ake ubheke lesithombe senyamazane enhle okuthiwa ioryx noma igemsbok, esathathwa oGwadule lwaseAfrika iNamib. Njengoba amanzi engatholakali kalula, ioryx ayiluxhaphazi uketshezi oluyigugu lomzimba. Yenzani esikhundleni sokujuluka?

“Ukuze ivikele ubuchopho bayo egazini elishisa ngokweqile,” kuchaza isazi sesayensi yezilwane uRichard Goss encwadini ethi Maberly’s Mammals of Southern Africa, “inemithambo yegazi eminingi emincane eseduze nekhala; igazi lidlula kulemithambo bese lipholiswa umoya ongenayo nophumayo ekhaleni njengoba igemsbok ihefuzela; leligazi elipholile libe selisetshenziselwa ukuba lehlise izinga lokushisa legazi elifudumele lapho lidlula liya ebuchosheni ngendlela efana naleyo amanzi asetshenziswa ngayo ukuba apholise injini eshisayo.”

Ngenxa yalesimiso sokupholisa, ioryx iphila ezingwadule ezishisayo, nezibandayo zaseAfrika. IEncyclopedia of Wild Life ithi: “Kucatshangwa ukuthi iOryx ingaphila ukuphila kwayo konke ngaphandle kwamanzi, imunca ezitshalweni zasogwadule noma imuphi umswakama ewudingayo. Empeleni ibonakala ijabule ngempela endaweni enamazinga okushisa aphakeme ngokuphawulekayo​—⁠afinyelela ku-40° C.” Futhi kuthiwani uma izinga lokushisa leoryx lingafinyelela izinga eliyingozi elingamadegree Celsius angu-41? Ingabe lokhu kungayibangela ukuba umzimba wayo ushise ngokweqile? Cha. Ioryx “ingabekezelela ukuphakama kwezinga lokushisa komzimba okungamadegree ayisihlanu noma ayisithupha ngaphezu kuka-37° C okucatshangwa ukuthi kuyizinga elifanelekile ezilwaneni eziningi ezincelisayo,” kuchaza uprofesa wesayensi yezilwane waseNingizimu Afrika uJohn Skinner.

Ngempela, umuntu akasiye owokuqala ukuba asungule umshini wobuchwepheshe wokupholisa ukushisa!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela