Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 5/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkathazo Ye-Hubble—Yaphumelaphi?
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 5/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukwehlukana Kwabazali Isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabhekana Kanjani Nokwehlukana Kwabazali Bami?” (October 22, 1990) sabonakala senzelwe mina, futhi sangikhuthaza. Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi abazali bami bahlukene. Ngezinye izikhathi ngizizwa ngidumele futhi ngicindezelekile, kodwa uJehova unguMngane wami oseduze, futhi uye wangisiza kakhulu. Ngiyaqonda ukuthi akusizi ukuhlala ngikhathazekile ngokwehlukana kwabazali bami. Ngiye ngathola abangane abahle ebandleni lobuKristu. Futhi ngithola imihlangano neminye imisebenzi yobuKristu kufundisa.

D. B. G., Brazil

Inkinga YeHubble Ukukhulumela kwenu kwesithi “Ukubuka Okwezwe” (December 8, 1990) kwakwenza kwazwakala sengathi isibona-kude iHubble asiphumelelanga ngokuphelele. Nokho, baye banqoba ezinye zezinkinga zaso zokuqala, futhi siyakwazi ukubona izinto ngokucace kakhulu ukwedlula izibona-kude ezigcina emhlabeni.

D. N., United States

Kwakungeyona inhloso yethu ukuba sithi isibona-kude iHubble “asiphumelelanga ngokuphelele” kodwa kwakuwukudonsela ukunakekela ekudumaleni okukhulu emphakathini wezesayensi lapho isibuko esiyinhloko salelithuluzi kutholakala ukuthi sinephutha elikhulu.​—⁠ED.

Ukuzanelisa Okusheshayo Nginibonga kakhulu ngezihloko zenu ezithi “Ukukuthola Konke, Ukukuthola Manje!” (January 22, 1991) Zabonakala ziyimpendulo yemithandazo yami eqotho futhi zanginikeza okuningi mina ngokwami engangingacabanga ngakho. Ngajabulela ngokukhethekile imibuzo eshukumisa ingqondo enayibuza. Iyoba usizo olukhulu uma ngilingelwa ekubeni ngilandele inkambo yokuzanelisa okusheshayo.

P. D., United States

IPhaphama! Iyatuswa Izincwadi ezihlanganisa izindaba ezibaluleke kakhulu emphakathini wakithi (njengezokwelapha, ezenhlalo, nendawo ezungezile) ezibhalwa ngendlela engeyona yezombangazwe nezithinta ezenkolo kancane nezisekelwe eNcwadini yezincwadi ukuze zithole izincazelo​—⁠izincwadi ezinjalo kunzima kakhulu ukuzithola kulezinsuku. Ngakho-ke nginxusa ukuba kubhalwe ngokomthetho kumaRekhodi omhlangano ukuthi iPhaphama! ithole ukuvotelwa kokutuswa, ngokukhethekile ngomagazini bayo bakaNovember 8 no-22, 1990, abakhuluma ngezindizane ezingaqondakali nesimiso sokuzivikela somzimba.

N. B., uMkhandlu kaMasipala waseTietê

eSão Paulo, eBrazil

Isimiso Sokuzivikela Komzimba Ngangicabanga ukuthi ngiyawaqonda amazwi eHubo 139:​14: “Ngiyakukubonga [Nkulunkulu], ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.” Kodwa ngenxa yezihloko zenu ezicacile, ezishaya emhloleni ezikhuluma ngendaba ethi “Isimiso Sokuzivikela Somzimba Wethu​—⁠Isimangaliso Sendalo” (November 22, 1990), manje sengiyawazi ngokugcwele lowombhalo! Isimiso samangqamuzana esingaphakathi kithi siyesabeka. Imisebenzi yoMdali wethu iyamangalisa ngempela. Ngiyanibonga ngokucwaninga kwenu ngokungakhathali nangokuqhubekayo ngezindaba zaloluhlobo. Lezihloko zaziqinisa ukholo ngempela.

D. J., United States

Lesihloko sasimane nje sijabulisa futhi sifundisa kakhulu. Lapho ngizifunda, ngamane ngamangala ngoJehova nangandlela asenze ngayo ngokumangalisayo. Kunzima ukukholelwa ukuthi abanye abantu bacabanga ukuthi konke lokhu kwazenzakalela.

Y. S., United States

Angazi ukuthi nginganibonga kanjani ngalezozihloko ezinhle. Angikaze ngizwe noma ngifunde incazelo elula kangaka, kodwa eningiliziwe. Njengoba ngiphethwe esinye sezifo enazisho, sengikuqonda kangcono lokho udokotela wami angitshela khona futhi ngibhekene nenkinga yami yempilo.

M. R. O., Brazil

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela