Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 53
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngezemidlalo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngezemidlalo?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ziyini izinzuzo?
  • Ziyini izingozi?
  • Ingabe Ukhetha Ukuzinikela Kokuhlonipha UNkulunkulu Noma Ukuzivocavoca?
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Ukugcina Ezemidlalo Zisendaweni Yazo Efanele
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Kufanele Ngijoyine Iqembu Lesikole?
    I-Phaphama!—1991
  • Izinkinga Ngezemidlalo Namuhla
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 53
Intsha idlala i-volleyball

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyazi Ngezemidlalo?

Ezemidlalo zingakusiza​—noma zikulimaze. Kuya ngokuthi udlalani, udlala kanjani nokuthi udlala kangakanani.

  • Ziyini izinzuzo?

  • Ziyini izingozi?

  • Okushiwo ontanga

Ziyini izinzuzo?

Ukudlala imidlalo kungazuzisa ngokwempilo. IBhayibheli liyavuma ukuthi ‘ukuqeqesha umzimba kuyazuzisa.’ (1 Thimothewu 4:8) Insizwa ebizwa ngoRyan ithi, “Ukudlala imidlalo kuyindlela enhle kakhulu yokuzigcina unobungqabavu. Kungcono kakhulu kunokuhlala endlini udlale imidlalo ye-video.”

Ukudlala imidlalo kungathuthukisa ikhono lokusebenzelana nabanye eqenjini kanye nokuzithiba. IBhayibheli liveza iphuzu elibalulekile ngokusebenzisa umfanekiso womdlalo. Lithi: “Abagijimi bagijima bonke, kodwa munye kuphela owamukela umklomelo.” Libe selithi: “Wonke umuntu onengxenye emncintiswaneni uyazithiba ezintweni zonke.” (1 Korinte 9:24, 25) Liyini iphuzu? Ukugcina imithetho yomdlalo kudinga ukuzithiba nokubambisana. Osemusha obizwa ngo-Abigail uyavuma. Uthi, “Ukudlala imidlalo kungifundise indlela yokubambisana nokukhuluma nabanye.”

Ukudlala imidlalo kungakha ubungane. Umdlalo uyabahlanganisa abantu. Insizwa ebizwa ngoJordan ithi: “Cishe yonke imidlalo ihilela ukuncintisana ngandlela-thile, kodwa uma nikugcina kujabulisa, ukudlala imidlalo kuyindlela ekahle kakhulu yokuxhumana nabangane.”

Ziyini izingozi?

Okudlalayo. IBhayibheli lithi: “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.”—IHubo 11:5.

Eminye imidlalo inobudlova obusobala nje. Ngokwesibonelo, intokazi ebizwa ngoLauren ithi: “Injongo yomdlalo wesibhakela iwukushaya omunye umuntu nje. NjengamaKristu, siyakugwema ukulwa, ngakho yini engasenza sijabulele ukubuka abantu beshaywa?”

Ongacabanga ngakho: Ingabe usuthonyekele ekudlaleni noma ekubukeleni imidlalo enobudlova uzitshela ukuthi ngeke ikwenze wenze izenzo zobudlova? Uma kunjalo, khumbula ukuthi iHubo 11:5 lithi uJehova uyamzonda umuntu “othanda ubudlova,” hhayi nje umuntu obenzayo.

Indlela odlala ngayo. IBhayibheli lithi: “Ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo [bhekani] abanye njengabakhulu kunani.”—Filipi 2:3.

Yebo, noma yimuphi umdlalo onamaqembu aphikisanayo uzoba nakho ukuncintisana okuthile. Kodwa isimo sengqondo sokufuna ukunqoba kumnyama kubomvu siyokwenza umdlalo ungabi mnandi. Osemusha obizwa ngoBrian uthi: “Umoya wokuncintisana ungakubamba ngokushesha. Lapho wenza kahle kakhulu kwezemidlalo kudingeka ukusebenzele nakakhulu ukuthobeka.”

Ongacabanga ngakho: Insizwa ebizwa ngoChris iyavuma: “Sidlala ibhola masonto onke futhi bakhona abake balimala.” Ngakho zibuze, ‘Yini engandisa amathuba okulimala? Yini engingayenza ukuze ngiwanciphise?’

Isikhathi osichitha kwezemidlalo. IBhayibheli lithi: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:​10.

Kudingeka uhlele izinto ngokubaluleka kwazo; izinto ezingokomoya kufanele zize kuqala. Imidlalo eminingi ingathatha amahora amaningana, kungakhathaliseki ukuthi uyayidlala noma uyayibukela. Intokazi ebizwa ngoDaria ithi: “Ngangihlale ngixabana njalo nomama ngenxa yokuchitha isikhathi esiningi ngibuka imidlalo kuyi-TV, isikhathi engangingasisebenzisela izinto ezingcono.”

Umuntu uqulela usawoti epuletini lokudla

Ukunaka ezemidlalo ngokweqile kunjengokufaka usawoti omningi ekudleni

Ongacabanga ngakho: Ingabe uyalalela lapho abazali bakho bekucebisa ngezinto okufanele zize kuqala kuwe? Intokazi ebizwa ngoTrina ithi: “Lapho mina nezingane zasekhaya sibukela imidlalo size sikhohlwe imisebenzi ebalulekile yasekhaya, umama wayesikhumbuza ukuthi abadlali bayahola kungakhathaliseki ukuthi siyababukela noma cha. Wayeze asibuze: ‘Nina niholelwa ubani?’ Wayesuke eqonde ukuthi: Abadlali banayo kakade imisebenzi. Kodwa uma thina singayenzi imisebenzi yesikole kanye neminye, sasingeke sikwazi ukuzinakekela ngesikhathi esizayo. Ngokuyisisekelo, umama wayesitshela ukuthi ukubukela imidlalo noma ukuyidlala akufanele kube yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwethu.”

OKUSHIWO ONTANGA

U-Abigail

“Ngaphezu kokukunika ithuba lokuzivocavoca, ukudlala imidlalo kuyanezela enjabulweni nasempilweni yakho nje. Kukusiza ufunde indlela yokuziphatha ngokuthobeka lapho unqobile nangokuhloniphekile lapho wehluliwe.”—U-Abigail.

UDeven

“Ngiyazithanda ezemidlalo, kodwa azibalulekile njengezinye izinto okumelwe ngizenze. Kimi, ukubukela umdlalo kuba umvuzo ngemva ngokwenza izinto okumelwe ngizenze. Lokho kuyangikhuthaza futhi kungisize ngibeke izinto ezibalulekile endaweni yazo.”—UDeven.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela