Umbono WeBhayibheli
Isizathu Sokuba Izithombe Ezingcolile Zibe Yingozi
IZITHOMBE ezingcolile azisagcini nje kuphela ezitolo ezidayisa izinto ezingcolile kanye nasemibukisweni yobulili. Sezibukiswa emphakathini. Emazweni amaningi, zihlohlolozelwa phambi kwamehlo esakhamuzi esivamile komagazini, amaphephandaba, izincwadi, izinhlelo zeTV, amabhayisikobho, kanye namavideo. Ingabe into esakazeke kangaka ngempela ingaba ingozi kangako?
Kodwa ziyini ngempela izithombe ezingcolile? Izithombe ezingcolile zichazwa “njengokubukiswa kokuziphatha okuxekethile (njengasezithombeni noma ngezincwadi) okuhloselwe ukuvusa inkanuko yobulili.” Leyoncazelo icacile. Kodwa kuphakama izimpikiswano lapho kuziwa ekutholeni lokho okuvusa inkanuko yobulili nalokho okungayivusi. Yiqiniso, ngokwesilinganiso esithile, lokho okuthiwa yizithombe ezingcolile kuxhomeka esweni lomuntu okubukayo. Ngamanye amazwi, lokho okushukumisa inkanuko yobulili komunye umuntu kungase kungayishukumisi komunye. Nokho, ukuhlola kwamuva okwe-nziwa kubantu abangu-5 000 eJalimane kwembula ukuthi ezingeni elithile, izincwadi zokuziphatha okuxekethile zithinta cishe wonke umuntu, kokubili abesilisa nabesifazane.
Ingabe Ukuvuswa Kwezifiso Akulungile?
Ukuvusa isifiso esivumelana nezimiso zikaNkulunkulu—sanoma iluphi uhlobo—akuhlakaniphile uma ingekho indlela yokusanelisa ngendlela efanelekile. Ngokwesibonelo, uma okunye kokudla okuthanda kakhulu kungatholakali, ngokunokwenzeka ngeke uzizwe wanelisekile uma njalo ugqolozela izithombe zakho komagazini noma ezincwadini. Ngakolunye uhlangothi, uma—mhlawumbe ngezizathu ezingokwempilo—ungavunyelwe ukuba ukudle, ukuhlala ucabanga ngakho ngokunokwenzeka kuyokuholela ekoneni okuyingozi. Ngokufanayo, umuntu obhemayo ozama ukugqashula kulomkhuba ngeke awandise amathuba akhe okuphumelela ekwenzeni lokho ngokuchitha isikhathi ebuka ngokulangazelela abanye abantu bebhema.
Ngokuphathelene nezifiso zobulili, ngokombono weBhayibheli, injabulo ivela ngokuzanelisa ngokufanelekile phakathi kwemingcele yomshado ojabulisayo. (1 Korinte 7:2-5; Heberu 13:4) Khona-ke yeka indlela okungahlakaniphile ngayo ngomuntu ongashadile ukuba avuse izifiso angeke akwazi ukuzanelisa! Lokhu kumane nje kuholele ekukhungathekeni, noma okubi ngisho nangaphezulu, ekuzaneliseni ngokuphendukela ekushayeni indlwabu noma ebufebeni, ngaleyondlela eqe imithetho nezimiso zaphezulu.—1 Thesalonika 4:3-7.
Ingabe lokhu kusho ukuthi izithombe ezingcolile azinayo ingozi uma ushadile? Cha, leyomithetho engokomBhalo yokuziphatha iyasebenza futhi nakubantu abashadile. Futhi, izithombe ezingcolile zivusa izinkanuko zobugovu, zivumele ukwanelisa izifiso zomuntu siqu, kuyilapho uthando lugxila ekwaneliseni komuntu izidingo zomlingane wakhe. Izithombe ezingcolile ziholela ebulilini bokungacabangeli nobobugovu, lokho okuthi nakuba kwenziwa phakathi kobuhlobo bomshado, bululaze futhi bungabonisi uthando.—1 Korinte 13:5.
Kunokuba ziqinise uthando lomshado, izithombe ezingcolile ziyalubulala ngokulululaza, zilusonte. Ubuhlobo bobulili njengoba buvezwa ezithombeni ezingcolile buyiphupho elibi kakhulu ngenxa yokuthi budlulisela izigijimi ezingaqondile nezilimazayo ngobuhlobo bomshado. Ngaphandle kwalokho, ubuhlobo bokuphila okungokoqobo bungaphezu nje kobulili; bakhelwa othandweni, ukuntela, ukukhulumisana, kanye nokunakekelana. Ngokuphambene, izithombe ezingcolile zingaze ngisho zibe isiphazamiso phakathi kombhangqwana oshadile.
Izithombe ezingcolile zehlisela abantu ezingeni lezilwane ezenza ubulili nje ngomzwelo ongokwemvelo. Azikhuthazi ukuzithiba, okuyisithelo somoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23) Zingavula indlela yobulili obusontekile. Lezi zimane nje ziyizizathu ezimbalwa zokuba amaKristu abalekele izithombe ezingcolile.
Khona-ke, iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli siwukuthi: “Uthokoze ngomfazi wobusha bakho . . . Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami, ugone [ngokwezwi nezwi noma uma kubekwa ngenye indlela, ngezithombe ezingcolile] isifuba somfokazi, na?”—IzAga 5:15-20.
Nokho, umuntu angaligwema kanjani noma akhululeke ethonyeni lezithombe ezingcolile?
Indlela Yokukhululeka Ethonyeni Lazo
Ukuze unqobe ukuheha kwezithombe ezingcolile, iBhayibheli liyeluleka: “Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka.” (Kolose 3:5) Lapha, igama ethi “bulalani” ngokucacile lidlulisela umqondo wokushaya ubulale—hhayi nje ukucindezela—noma iliphi ilunga lomzimba ebelingasetshenziselwa kulezozenzo zokuziphatha okubi.
Nokho, lokhu kumelwe kuqondwe ngomqondo ongokomfanekiso, hhayi ongokoqobo. AmaKristu awelulekwa ukuba anqamule izitho zawo zomzimba. Uma “sibulala” ngokuzimisela imicabango yobulili, ngeke sehlulwe ukuheha kwezithombe ezingcolile, ngaleyondlela sisebenzise amalunga emizimba yethu, anjengamehlo, ngendlela engafanele. (Qhathanisa noMathewu 5:29, 30.) Ngakho iBhayibheli liyeluleka, khipha izifiso ezimbi ngakho “konke okulungileyo, konke okumhlophe,” bese ‘uzindla ngalokho.’—Filipi 4:8.
Yini enye engasiza? Ukukhumbula—mhlawumbe ngisho nokwazi ngekhanda—imibhalo yeBhayibheli, enjengalena elandelayo:
“Phendula amehlo ami, angaboni okuyize.”—IHubo 119:37.
“Konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, . . . akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.”—1 Johane 2:16.
“Yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe sizala ukufa.”—Jakobe 1:14, 15.
Noma yini engaqalisa isenzo esiwuchungechunge esiphelela ekufeni ingabizwa ngokufanelekile ngokuthi iyingozi, futhi izithombe ezingcolile ziyifanela kahle leyoncazelo! Khumbula: “Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.” Ungazivumeli izithombe ezingcolile ukuba zikulahlekisele ukuphila okuphakade!—Galathiya 6:8.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Kunokuqinisa uthando lomshado, izithombe ezingcolile ziyalubulala ngokulululaza, zilusonte