Ukuphakama Nokuwa Kwezentengiselwano Zomhlaba
Ingxenye 1b—Kungani Kufanele Sihlole Umkhakha Wezentengiselwano?
KUNZIMA ukucabanga ngezwe elingenambango wezombangazwe, ukuxabana okungokwenkolo, kanye nokukhathazeka okungokomnotho. Ezombangazwe, inkolo, nezentengiselwano kusithinta nsuku zonke ngezindlela eziningi. Uma nje ungasusa lezinsika ezintathu zomphakathi wabantu, umphumela ungaba inhlekelele?
Noma nini lapho amaqembu abantu ehlala ndawonye, isimiso esithile esingokomnotho—ukuphathwa kwekhaya—siyadingeka ukuze sibanikeze izinto kanye nezinkonzo abazidingayo. (Bheka ibhokisi ngezansi.) Ngakho wonke amakhaya alwela ukuba nesimo esihle esingokomnotho. Ngokufanayo, umnotho wabo bonke ohulumeni uhilela izici ezine eziyisisekelo: (1) ukuthola ukuthi iziphi izimpahla kanye nezinkonzo okufanele zikhiqizwe, (2) ukunquma ukuthi lezozimpahla nezinkonzo kungakhiqizwa kanjani, (3) ukuthola ukuthi lokho okukhiqiziwe kungasakazwa kanjani, bese kuba (4) ukuqondiswa kwezinto ezithile ukuze umnotho ukhule ngesivinini esifanele futhi wenze bonke abantu bathole umsebenzi.
Izimiso ezingokomnotho ezenziwa umuntu ngokungangabazeki ziye zenza ukuphila kwaba okunethezeke ngokwengeziwe, zasinika izimpahla kanye nezinkonzo esasingeke sikwazi ukuzenzela zona. Lezimiso ngokuvamile ziye zanyusa kancane kancane amazinga okuphila. Izindlela zokuxhumana ezithuthukisiwe zisivumela ukuba sifinyelele abantu kunoma iyiphi ingxenye yomhlaba ngocingo ngemizuzwana nje, ukuthumela ukwaziswa kubo ngefax ngemizuzu embalwa, futhi ngisho nokuhamba uyoxoxa nabo ubuso nobuso ngamahora ambalwa nje.
Nokho, asinakukhohlwa ukuthi umkhakha wezentengiselwano uthonya abantu ngendlela efinyelela kude. Uhlangene nezenkolo kanye nezombangazwe, ungathinta lona kanye ikusasa lethu.a Ngakho kuyafaneleka ukuba manje siphendulele ukunakekela kwethu esicini sesithathu esibalulekile somphakathi wesintu, umkhakha wezentengiselwano. Waba kanjani namandla kangaka? Uphikelelephi? Lokhu kusho ukuthini kithi siqu?
[Umbhalo waphansi]
a IPhaphama! iye yakhipha uchungechunge olubili lwezihloko ezabonisa ngokucacile indlela lokhu okuyiqiniso ngayo ngezimiso zenkolo nezingokombangazwe. “Ikusasa Lenkolo Uma Kubhekwa Isikhathi Sayo Esidlule,” kusukela kuJanuary 8, 1989 kuya kuJanuary 8, 1990; “Ukubusa Komuntu Kubekwe Esilinganisweni,” kusukela kuAugust 8 kuya kuDecember 22, 1990.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Ukuchaza Umkhakha Wezentengiselwano
Ungase ukuthole kunzima ukuchaza amagama afana nelithi “ezentengiselwano,” “ezohwebo,” “ezezimboni,” “ezamabhizinisi,” nelithi “ezomnotho.” ICollins Cobuild English Language Dictionary ichaza elithi “ezentengiselwano” njengelisho nje “imisebenzi kanye nezinqubo ezihilelekile ekuthengeni nasekudayiseni izinto.” Lokhu ngokufanelekile kuhlanganisa “ukuhwebelana,” “okuwumsebenzi wokuthenga, ukudayisa, noma ukushintshiselana ngezinto noma izinkonzo okwenzeka phakathi kwabantu, izimboni, noma amazwe.” Njengokulindelekile, izimpahla kumelwe zikhiqizwe noma zilungiswe ngaphambi kokuba kuhwetshwe ngazo, okuyinqubo eyaziwa ngokuthi “ezezimboni.” Futhi umsebenzi ohlobene nezentengiselwano kanye nezohwebo kuthiwa “ezamabhizinisi.”
Isayensi “yezomnotho,” “iwukufunda ngokukhiqizwa komcebo kanye nokusetshenziswa kwezimpahla kanye nezinkonzo emphakathini, kanye nokuhlelwa kwezimali zawo, umsebenzi, kanye nezohwebo.” Okusinika ukuqonda okwengeziwe ngencazelo yaleligama yiqiniso lokuthi lisuselwa emnyombweni wesiGreki ochaza ukuphathwa kwekhaya noma indawo.