Izaga ZesiZulu—Zisembulela Okuthile NgeAfrika
ISIZWE samaZulu, esihlala ogwini olugudle izindawo ezishisayo zaseNingizimu Afrika, okhokho baso basishiyela ifa lezaga ezijabulisayo ezigcizelela izifundo zokuphila ngendlela yaseAfrika ngempela. Njengoba izinkomo zamaZulu ezithandekayo zinengxenye ebaluleke kangaka ekuphileni kwawo, akumangalisi ukuthi lokhu kuyabonakala kweziningi zezisho zawo.
Ngokwesibonelo, cabangela indlela umZulu angachaza ngayo isimo lapho amakhosi amabili ezama ukuphatha umkhaya owodwa. Lokho bekungaba yinhlekelele njengokufaka ‘izinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa.’ (Akukho zinkunzi zahlala ndawonye.)
Sisakhuluma ngezinkomo, iphunga elinuka kabi lophondo olushiswa eziko alijabulisi neze kubo bonke abaseduze naleyondawo. Ngakho-ke, ngomuntu onochuku nothanda ukulwa, omunye angase athi: “Oh, nango-ke eseshisa uphondo futhi.” (Ushis’ uphondo.)
Ukuthwala umthwalo wakhe umuntu ekuphileni kubhekwa ngabantu abaningi njengokuncomekayo. AmaZulu awahlukile. Ngakho-ke, umuntu omdala angase aphawule: “Kufanele ubhekane nomthwalo wakho wemfanelo ngokuqondile, ngoba, ‘ayikho indlovu eyake yasindwa umboko wayo.’” (Akundlovu yasindwa umboko wayo.)—Qhathanisa nabaseGalathiya 6:5.
Uma othile enqwamana nobhejane ovuke umbhejazane endaweni eyihlane, isihlahla sokukhwela singaba usizo olukhulu. Yingakho kunesisho esithi: “Ungakhulumi ngobhejane uma singekho isihlahla eduze.” (Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze.) Isixwayiso sesaga sisobala.
Ngendlela efanayo, ukuzama ukusingatha izinto eziningi kanyekanye kungase kungakuyisi ndawo. “Awunakuxosha izimpala ezimbili kanyekanye,” kusho amaZulu. (Ungexoshe mpalambili.) Noma ubani owake wazama ukwenza lokhu uyokwazi ukuthi njengoba uzikhandla uxosha enye inyamazane, enye ithola ithuba lokubaleka. Isifundo? Yenza into eyodwa ngesikhathi.
Inkani engenangqondo ngokuvamile abantu abaningi abayijabuleli. Amazulu anendlela ewubuciko yokuchaza umuntu onekhanda elilukhuni kanjalo uma ethi: “Ngesikhathi ephekwa, kwaphekwa netshe kwavuthwa itshe kuqala.” (Kwaphekwa yena kwaphekw’ itshe, kwavuthw’ itshe kuqala.)
Nakuba zingaphefumlelwe ngokwaphezulu njengezaga ezitholakala eBhayibhelini, eziningi zalezisho zibonisa izinzuzo ezinhle ezisisiza ukuba siphumelele ekuphileni.—IzAga 1:5, 6.
[Isithombe ekhasini 25]
ISIHLAHLA ESILANDELAYO 10 KM