Ukwenziwa Komquba Kubuyile Futhi Kuvelele Kakhulu Kunanini Ngaphambili!
UKWENZIWA komquba cishe kungangokulinywa kwengadi yasekhaya ngobudala. Amapulazi aseRoma ayenemigodi yawo yokwenza umquba, lapho indle yabantu neyezilwane yayinqwatshelaniswa khona kanye nokhula, amaqabunga, nanoma yimuphi udoti wasendlini. Ngezikhathi ezithile, kwakuthelwa amanzi ukuze asize enqubweni yokubola. Iminyaka eyinkulungwane kamuva, eSpain yamaMoor, ukulandisa kwezolimo kwachaza izindlela ezintathu zokwenza inqwaba “yendle yokwenziwa,” njengoba umquba wawubizwa kanjalo—kwenezelwa indle yamajuba ukuze kusheshiswe ukubola.
Lapho imigodi yomphakathi ibuya okwesibili ukuze kulahlwe kuyo udoti nezivundisi ezingamakhemikhali ezisebenziseka kalula nezingangcolisi ezisetshenziswa kalula otshanini basegcekeni nasezingadini, ukwenziwa komquba ekhaya kukonke kwaba cishe yinto engavamile. Kodwa ukwenziwa komquba muva nje kuye kwabuye kwaduma. Imigodi yayisiqala ukuchichima, abaphathi bamadolobha babebeka imingcele ngokuqondene nezinto ezazingase zilahlwe nobungako bazo, futhi izimali zokukhokhela ukulahla izinto zazisuka ku-R82,50 kuya ku-R275 ithani. Ngaphezu kwalokho, ukukhathalela indawo ezungezile kuye kwakhula, futhi lokhu nakho kuye kwenza ukwenziwa komquba kwaphinde kwaba imfashini.
Akukhona nje kuphela ukuthi ukwenziwa komquba kubuyile, kodwa kudume kakhulu kunanini ngaphambili. Umgomo uwukwenza umquba emigodini yomphakathi. Isihloko seNew York Times Magazine sathi: “Ukwenziwa komquba kuwubuchwepheshe obunikeza ithemba obungase bugcine sebusiza ekuxazululeni inkinga eyanda njalo yokulahlwa kukadoti. Abasekeli bako bakholelwa ukuthi kuyakwazi ukusebenzisa ingxenye kadoti—udoti wasekhishini, udoti wasengadini, ngisho namaphepha amadala—lowo abantu abaningi baseMelika manje abawulahlayo. Bakholelwa ukuthi ukwenziwa komquba kungakha amapulazi akha inhlabathi esikhundleni sokuyilimaza, ukuthi ukwenziwa komquba kungabuyisela inhlabathi egugulekile noma eyonakalisiwe, kuvikele izitshalo ezisencane ezifweni futhi kunciphise ukuthembela ezibulala-zinambuzaneni nasezivundisini zokwenziwa.”—September 8, 1991.
“Benza Ukudla Kwezilokazane”
“Abenzi bomquba abasha bafuna ukuqonda nokuqondisa inqubo esikhona kakade: ukugaya kwezilongoshane ukudla. Ngokuyisisekelo, benza ukudla kwezilokazane,” isihloko seTimes siyachaza futhi sinike imininingwane:
“Ukwenza umquba kulula kona ngokwakho, kodwa kunemininingwane eyinkimbinkimbi. Ngokuyisisekelo, kuyindlela umhlaba ophendula ngayo izinsalela zezinto ezingenziwanga lutho uzenze izinto eziwusizo ezitshalweni. Izilongoshane eziphila ezweni—izigidi zezigidi zazo ezikuyigram lomhlabathi omuhle—ngendlela emangalisayo zithanda ukudla izinto eziphilayo, lezo ngokwazo ezinengxenye enkulu yama-athomu ecarbon, initrogen, nehydrogen. Amabacterium namafungus ashisa icarbon ukuze athole amandla futhi asebenzise initrogen nenye yecarbon ukuze akhe imizimba yawo enamangqamuzana. Amaningi asebenza uma kukhona umoya-mpilo, kodwa amanye asebenza kangcono ngaphandle kwawo. Lapho ephelelwa izinto ezingenziwanga lutho, aqala ukudlana wodwa. Kukho konke lokhu kudlana nokugwinyana kuvela ukushisa, amanzi, nesikhutha nento ebizwa ngokuthi imvundela (ihumus), indidiyela yamamolecule ezinto eziphilayo aheha futhi abambe izakhi, amanzi nomoya lokho izitshalo ezikudingayo ukuze zikhule.”
Uma zinengxube ekahle emqubeni, izilongoshane zingadla ngisho namafutha kadiesel, amahydrocarbon eTNT, neuranium. Ngokuqinisekile, ziyizilongoshane ezincane ezinamandla, kodwa emqubeni owenzelwa ngemuva komuzi wakho, ngeke zibhekane nezinselele ezinjalo.
Ukwenza Owakho Umquba
Okokuqala nje, khohlwa yilezo zinqwaba ezingahlelekile zikadoti wasengadini, lapho minyaka yonke owawuvame ukulahlela khona, wonke amaqabunga, utshani, ikhwani, ukudla kwezinkomo okudala, nokhula lokho futhi okwakungenzeka ungakwazi ukukulawula. Lapho udoti wasekhishini unezelwa enqwabeni enjalo, kwakuvame ukuba iphunga elibi libe elingenakugwenywa, njengoba noma imuphi umuntu onengadi onokuhlangenwe nakho azi kahle. Ukuze uxazulule lenkinga, udinga umgqomo okahle wokwenza umquba. Inhloso iwukwenza engadini yakho inqubo engokwemvelo emangalisayo echazwe ngenhla. Yinqubo efanayo ejikelezisa izinto ezifile ezinqwabelana kunoma iliphi ihlathi, futhi ibilokhu yenzeka izinkulungwane zeminyaka. Njengenhlalayenza, uNkulunkulu wakwenza kuqala, lapho edala izitshalo eziluhlaza zasezweni lezo ekugcineni ezafa futhi waqalisa inqubo yokwenza umquba ukuze ijikelezise amakhemikhali adingekayo ukuze abuye asetshenziswe futhi.—Genesise 1:11-13.
Umgqomo ungcono ekwenzeni umquba, njengoba ugcina izinto zindawonye futhi uvumela ukuba kungene umoya kangcono, okwenyusa ukuphumelela kwenqubo yokubolisa umquba. Kumelwe kuvulwe izikhala noma izimbobo ezinhlangothini zomgqomo ukuze kungene umoya-mpilo odingwa amabacterium. Futhi, ukuswakama kumelwe kulawulwe. Umgqomo kumelwe ubekwe entweni ewuphakamisayo emhlabathini, futhi kukhethwe indawo ekahle yokuwubeka. Inqubo yokwenza umquba ayiphumeleli kahle uma ubekwe usuku lonke elangeni elishisayo, kanti ayiphumeleli kahle futhi uma uhleli emthunzini ngokuphelele.
Indidiyela yokwenza umquba ngokwayo ingabhekwa njengesamentshi elinezitezi eziningi: isitezi esisodwa sikadoti wasengadini, isitezi esisodwa senhlabathi, isitezi esisodwa sikadoti wasendlini, lokhu kuphindaphindwe kuze kube yilapho usunenqwaba engamamitha angu-1,2 kuya ku-1,5 ukuphakama. Ekugcineni, isitaki esiphelele singase sembozwe ngenqwaba yotshani noma into efana nabo.
Ngemva kweminyaka emibili uyobe unemvundela enhle kakhulu nabangane abakhulu bomuntu onengadi—imisundu eminingi. Iyosebenza ngokungakhathali ukuze ihlukanise futhi ifake umoya-mpilo emhlabathini ongaphezulu wengadi yakho. Inqubo yokwenza umquba ingasheshiswa ngokuphendula lenqwaba kanye ngezikhathi ezithile noma ngokwenezela imikhiqizo esheshisa ukubola, enjengengcosana kamanyolo. Ngokusebenzisa umgqomo owakhiwe kahle nendidiyela ekahle yezinto, inqubo yokwenza umquba ingasheshiswa kuze kube yilapho umquba usulungele ukusetshenziswa ngemva kwezinyanga ezintathu noma ezine kuphela esikhundleni seminyaka emibili.
Futhi khumbula, umquba udinga ukuphefumula, ngakho umoya owanele, kanye nomswakama okahle, kuyonciphisa ingxube kuyenze isembozo esimnandi kakhulu ezitshalweni zakho. Lapho usendlala emhlabathini ongaphezulu, itafula selendlelwe, futhi idili lezimbali zakho nemifino selingaqala. Ijabulise kanjalo ingadi yakho, futhi iyokuklomela ngesivuno esikhulu sobuhle obuyobonwa amehlo akho nokunambitheka okuyojabulisa ulwanga lwakho.