Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 5/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iradon—Ingabe Iyingozi Ekhaya Lakho?
    I-Phaphama!—1991
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Inkinga Yekhofi
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 5/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuthumba Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Ungenzi Lutho Oluwubuwula, Kungenjalo Ngizokubulala.” (November 22, 1991) Nami futhi ngangiyisisulu sokuphanga engathunjwa kukho emotweni yami. Owayengithumba wayazi ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova ngoba njalo ngangibiza ngokuzwakalayo igama likaJehova. Ngenhlanhla, angizange ngixhashazwe ngokomzimba ngaphandle nje kokuvuvukala izihlakala ngenxa yokuboshwa nokuklwebheka ngenxa yokuphonswa ebhuthini. Ngahlala ngizolile futhi ngakwazi ukuphuma ebhuthini ngesihlalo sangemuva semoto yami. Lesenzakalo kanye nokuqulwa kwecala kwaba wundabizekwayo. Ummeli wami, omakhelwane, abangane, nomkhaya bathi ngasinda ngenxa kaJehova.

E. M., United States

IBhayibheli alithembisi ukuvikelwa okuyisimangaliso ngabantu bakaNkulunkulu namuhla. Nakuba kunjalo, kuyafaneleka ngempela ukuzwakalisa ukubonga kuNkulunkulu lapho umKristu esinda esimweni esisongela ukuphila. (1 Thesalonika 5:18)—ED.

Ikhofi Isihloko senu esithi “Inkinga Yekhofi” (April 22, 1991) sathi itiye, ukhokho, neziphuzo zecola zinecaffeine. Lokhu kungaba yiqiniso ngetiye necola, kodwa hhayi ngokhokho. Ukhokho uqukethe itheobromine, engafani necaffeine. Inkomishi kakhokho ingakunika umdlandla, kodwa lokho kungenxa yoshukela okuwo.

E. M., Israel

I“theobromine” iyikhemikhali enemiphumela efana neye“caffeine” engqondweni. Ngokwe“Encyclopedia Americana,” amabhontshisi kakhokho ‘ane“theobromine” efinyelela ku-3% kanye nezilinganiso ezincane ze“caffeine.”’ I“Compton’s Encyclopedia” inezela ngokuthi “kwabanye abantu abashesha ukuzwela isilinganiso se“theobromine” [esikushokoledi] singaveza imiphumela efanayo neye“caffeine.”—ED.

Izixwayiso Zomzimba Udokotela wami wayeseholidini lapho ngiqala ukuba nalokho engangicabanga ukuthi kuyizinkinga ezincane zempilo. Ngase ngizimisele ukungazinaki izimpawu ezixwayisayo ngenkathi ngithola isihloko esithi “Ukulalela Izixwayiso Zomzimba.” (October 8, 1991) Njengoba kwasikiselwa, ngafuna usizo lwezokwelapha, futhi lapho ngixilongwa kwatholakala ukuthi nginomdlavuza. Ngenxa yokuthi ngalalela izixwayiso zami zomzimba, utholakale kusenesikhathi futhi welashwa.

S. S., United States

Ikhilikithi Ngibonga kakhulu ngencazelo enhle ngokukhethekile yomdlalo wekhilikithi esihlokweni esithi “Ikhilikithi noma Ibaseball—Uyini Umehluko?” (November 8, 1991) Kube ushintsho olujabulisayo endleleni ikhilikithi elivezwa ngayo ngokuvamile ezintweni eziyigugu zalelizwe. Ngokwenzuzo yabaseBrithani, mhlawumbe ngolunye usuku singaba nesihloko esinikeza incazelo ecace ngokufanayo yomdlalo webaseball. Ngokungefani nebhola lezinyawo laseMelika, lomdlalo awukaze ube othandwayo lapha.

A. E., England

Ukuqhumisa Kwebhomu Lamaphekula Ngiqedile ukufunda isihloko esithi “Sasinda Ekuqhumeni Kwebhomu Lombulali.” (January 8, 1992) Eqinisweni, angazi ukuthi ngingathini! Ngempela kwakuyisibonelo sokukhuthazela. Ukholo lukaSusan Schulz nokuzimisela ngokuqondene nendaba yokumpontshelwa igazi kwakubaluleke kakhulu; kwakunjalo futhi nangendlela umyeni wakhe, uPeter, azwakalisa ngayo uthando lwakhe ngoSue naphezu kokulimala ngokomzimba okwabangelwa ukuqhuma. Ngokuqinisekile, akumina ngedwa owahlabeka umxhwele ngalesihloko!

G. J. S., Brazil

Iradon Njengoba ngihilelekile ngokomsebenzi ekuhloleni izilinganiso zeradon emakhaya, isihloko esithi “Iradon—Ingabe Iyingozi Ekhaya Lakho?” (October 22, 1991) sangithakazelisa ngokukhethekile. Nathi iradon ithinta amaphaphu abantu ababhemayo ukwedlula alabo abangabhemi. Futhi kufanele kuphawulwe ukuthi intuthu kagwayi yandisa inani lezinhlayiya zothuli okunganamathela kuzo imikhiqizo yemisebe. Lokhu kwandisa ingozi engokwempilo kwabangabhemi endaweni egcwele intuthu.

O. B., Germany

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela