Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe umKristu kufanele agweme iziphuzo nokudla okune-caffeine?
IBhayibheli alikwenqabeli ukuphuza ikhofi, itiye, i-maté neziphuzo ezine-caffeine nokudla ushokoledi one-caffeine. Nokho, imiBhalo inezimiso ezingasisiza ukuba senze izinqumo ezinengqondo. Okokuqala make sixoxe ngesizathu esenza abanye abantu bazigweme iziphuzo nokudla okune-caffeine.
Isizathu esiyinhloko ukuthi i-caffeine ingase ibhekwe njengesidakamizwa esiguqula imizwelo, esithinta ingqondo. Futhi umuntu angaba umlutha wayo. Incwadi osokhemisi ababhekisela kuyo ithi: “Ukudla izinto ezine-caffeine eningi isikhathi eside kungase kubangele ukuba umzimba uyijwayele futhi umuntu abe umlutha wayo. Lapho umuntu eyiyeka angase aphathwe ikhanda, abe nenhliziyo encane, ethuke, akhathazeke noma abe nesiyezi.” Ukugula okukuphatha uma uyeka i-caffeine kuye kwacatshangelwa ukuba kufakwe kanye nokunye okubangelwa ukuyeka izidakamizwa kuyi-Diagnostic and Statistical Manual of Mental Disorders. Ngakho, kuyaqondakala ukuthi amanye amaKristu angase angazidli izinto ezine- caffeine ngenxa yokuthi afuna ukugwema noma ikuphi ukulutheka futhi afisa ukubonisa ukuzithiba.—Galathiya 5:23.
Abanye bakholelwa ukuthi i-caffeine iyingozi kumuntu noma kumntwana ongakazalwa. AmaKristu kumelwe athande uNkulunkulu ‘ngawo wonke umphefumulo wawo,’ ngakho awazenzi zonke izinto eziyosheshe ziwabulale. Futhi njengoba eyalwa ukuba athande nomakhelwane bawo, ayazigwema izinto ezingase zilimaze umntwana ongakazalwa.—Luka 10:25-27.
Ingabe kuyadingeka ukukhathazeka ngalezo zinto eziphathelene nempilo? Kunempikiswano ngokuhlobana kwezifo ezihlukahlukene nokusetshenziswa kwe-caffeine. Abanye abacwaningi babika ngisho nokuthi ikhofi linempilo. Ngo-2006, umagazini i-Time wabika: “Ekuqaleni ukuhlola kwasikisela [ukuthi i-caffeine] ingase ibangele umdlavuza wesinye, ukuphakama komfutho wegazi nezinye izifo. Ucwaningo lwamuva aluzange nje luphikisane nalokho okushiwo ngenhla kodwa luye lwathola nezinzuzo ezithile ezibalulekile. I-caffeine ibonakala inokuthile okuvikela ukulimala kwesibindi, isifo i-Parkinson’s, isifo sikashukela, i-Alzheimer’s, amatshe atholakala enyongweni, ukucindezeleka futhi mhlawumbe nezinye izinhlobo zomdlavuza.” Mayelana nokusebenzisa i-caffeine, omunye umagazini wabika: “Kuyaqondakala ukuthi isihluthulelo siwukulinganisela.”
UmKristu ngamunye kufanele azenzele isinqumo sakhe esisekelwe endleleni aqonda ngayo ukwaziswa kwamuva okutholakalayo mayelana ne-caffeine nasezimisweni zeBhayibheli ezibonakala zihilelekile. Ngokwesibonelo, umKristu okhulelwe angase akhethe ukuyeka ukudla izinto ezine-caffeine phakathi nokukhulelwa uma ephetha ngokuthi ingalimaza umntanakhe ongakazalwa. Uma umKristu ethola ukuthi lapho engayitholi njalo uyacasuka noma agule ngandlela-thile, kungase kube ukuhlakanipha ukuba ayiyeke okwesikhashana. (2 Petru 1:5, 6) Amanye amaKristu kufanele asihloniphe leso sinqumo, angaphoqeleli umbono wawo.
Kungakhathaliseki ukuthi isiphi isinqumo osenzayo mayelana neziphuzo nokudla okune-caffeine, khumbula isiyalo sikaPawulu: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 Korinte 10:31.