Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 6/8 k. 3-k. 4 isig. 4
  • Ubani Ofuna Ukuba Usozigidi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Ofuna Ukuba Usozigidi?
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imidlalo Yokubheja—Kungani Ithandwa Kangaka?
    I-Phaphama!—1991
  • Imidlalo Yokubheja—Ubani Owinayo? Ubani Odliwayo?
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Ukugembula Ngempela Kubi Kangako?
    I-Phaphama!—1991
  • Kubi Ngani Ukugembula?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 6/8 k. 3-k. 4 isig. 4

Ubani Ofuna Ukuba Usozigidi?

IMPENDULO ibonakala iwukuthi: cishe wonke umuntu. Futhi indlela elula kakhulu yokuba nguye—ngokombono othandwayo—ukuwina isizumbulu semali emdlalweni wokubheja noma emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo.a

Bekhuthazwa ukuthandwa kwayo okuchumayo—futhi befuna inzuzo eyengeziwe elethwa imidlalo yokubheja—ohulumeni kusukela eMoscow kuya eMadrid, kusukela eManila kuya eDolobheni laseMexico, baxhasa imidlalo yokubheja kaHulumeni ekhokhela imiklomelo ephakeme efinyelela emaRandini ayizigidi ezingu-275.

Bambalwa abantu ababa osozigidi. Enye indoda yaseNgilandi yayisigcwalise amakhuphoni ebhola likanobhutshuzwayo iminyaka engu-25 ngaphambi kokuba ekugcineni iwine isizumbulu semali esiyingqopha-mlando. Njengoba yayibheje ngo-R1,40, yawina cishe amaRandi ayizigidi ezingu-4,1. Okwakuphawuleka ngisho nangokwengeziwe kwakuyimali eyawinwa owesifazane othile waseNew York, owaba omunye wabawina imali eningi kakhulu emhlabeni lapho ewina amaRandi ayizigidi ezingu-151 emdlalweni wokubheja kaHulumeni waseFlorida.

Kodwa baphakathi kwabambalwa abanenhlanhla. Okuvame kakhulu isimo sikamabhalane waseSpain oseminyakeni ephakathi owayethenga amathikithi okubheja masonto onke eminyakeni engu-30. Nakuba engakaze awine lutho olungako, usalokhu ezimisele. “Ngaso sonke isikhathi ngilindela ukuwina,” esho. Ngokufanayo, indoda ethile eMontreal, eyachitha wonke umholo wesonto komunye umdlalo wokubheja waseCanada, yabeka ngamafuphi umbono wabaningi lapho ichaza: “Ukutomula okunjengalokhu kuwukuphela kwendlela abantukazana abangaphupha ngayo ngokuphila okungcono.” Kodwa ayizange iwine.

Naphezu kokukhanga kwemidlalo yokubheja endaweni yonke, olunye uhlobo lokugembula luya ngokuya luthandwa kakhulu: ukudlala imishini yokugembula. Nakuba lezigebengu ezinengalo eyodwa zingamcebisi ngokushesha, ziyamnikeza umdlali ithuba elisheshayo lokuwina isizumbulu semali—engaba imali ebonakalayo. Futhi ayisatholakali emacasino kuphela. Amaculo akhangayo, izibani ezibanikayo, nokukhenceza ngezikhathi ezithile kwezinhlamvu zemali ezihlokomayo kubonisa ukuba khona kwayo okonakalisayo emathilomu amaningi aseYurophu, kumaclub, ezindlini zokudlela, nasemahhotela.

UFrances ungumfelokazi osegugile ohlala eDolobheni laseNew York. Kabili noma kathathu masonto onke, uthatha uhambo lwamahora amabili nengxenye ngebhasi elibangise eDolobheni laseAtlantic, eNew Jersey. Lapho efika ungena kwenye yamacasino alelodolobha, futhi adlale imishini yokugembula cishe amahora ayisithupha ngaphambi kokuba abuyele ekhaya. “Angazi ukuthi bengingaba yini ngaphandle kweDolobha laseAtlantic,” ephawula. “Uyazi, kungalendlela esizijabulisa ngayo, yilokhu esikwenzayo.”

Kwabanye, ukugembula kungokungaphezulu kakhulu kokuzijabulisa nje, ukubalekela isimiso esiyinsakavukela, noma ukuzama ngethemba ukuthola ingcebo. Kubona kuyingxenye ebalulekile—uma kungeyona eyinhloko—yokuphila.

“Ngiwumgembuli ngoba ngijabulela ingozi ehilelekile,” kuchaza uLuciano, waseCórdoba, eSpain. “Angizithetheleli,” enezela, “kodwa iqiniso liwukuthi ngangizizwa ngicindezelekile, futhi kungakho ngaqala ukudlala ibingo. Khona-ke ngafuna eminye imidlalo yenhlanhla. Uzizwa ungumuntu lapho unemali egcwele ephaketheni futhi usulungele ukudlala.” Omunye onomkhuba wokugembula, owayelahlekelwe umsebenzi wakhe njengomqondisi wenkampane, wabuzwa ukuthi wayeke wacabanga yini ngokuyeka umkhuba wakhe. “Ngiwuyeke?” ephendula.  “Angi-nakukwenza lokho. Uyindlela engiziphilisa ngayo.”

Nakuba izisusa zingase zihluke, ngokuqinisekile abagembuli abalona iqembu elincane. Ngezinga elikhudlwana noma elincane, abathathu kubantu abane abadala baseMelika bayagembula; isilinganiso eSpain, okungelinye izwe lapho ukugembula kukuningi khona, siyefana. Futhi ukugembula kuyibhizinisi elikhulu. Izinhlangano zezimboni ezimbalwa kuphela emhlabeni ezinenzuzo yaminyaka yonke eyedlula leyo engeniswa imidlalo yokubheja emazweni angu-39.

Ngokusobala, ukukhanga kokugembula kunamandla. Kodwa ingabe kuwukuzijabulisa okungalimazi, noma ingabe kunezingozi ezicashile? Isaga sasendulo siyaxwayisa: “Oshesha ukuceba akayikuyekwa.” (IzAga 28:20) Ingabe lokhu kuyiqiniso kulabo abayoceba ngokugembula?

[Umbhalo waphansi]

a Ukugembula okusekelwe emiphumeleni yemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela