Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 7/8 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkolo? Ayibalulekile
  • Imiphumela Yengculaza
  • Ukuhleleka Endaweni Yonke
  • Ukwehluleka KweSonto Kuyavunywa
  • “Isidakamizwa Esisetshenziswa Kakhulu”
  • Qaphela Umthofu
  • Isimiso Samanzi Esingaphansi Komhlaba SaseJerusalema
  • Abathungathi Bemikhondo Yezilwane Bayantuleka
  • Awukakabi-mdala Kakhulu
  • Amantombazane Awafuneki
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ingculaza—Ukubulala Kwayo Izingane Ngokudabukisayo
    I-Phaphama!—1991
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Kungani IAfrika Ihlupheka Kangaka?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 7/8 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Inkolo? Ayibalulekile

Inkolo ayibalulekile kakhulu ekuphileni kwabantu abaningi baseYurophu kunemikhaya yabo, imisebenzi, abangane, nokuzijabulisa. Lisho kanjalo iphephandaba lamaKatolika laseParis iCroix, libika ngokutholakele ekuhloleni kwamuva nje okwenziwa emazweni aseYurophu angaphezu kuka-20 futhi okwakuhlola izindinganiso nezinkolelo zabantu baseYurophu banamuhla. “Izinkolelo zenkolo ezingokwesiko, kanye nethonya leSonto ekuphileni kwansuku zonke, kwehla ngokungenakuphikwa,” kusho isihloko. Ngokwabacwaningi, “ukwehla kokubaluleka kwenkolo kungase kuchazwe njengokubangelwa ukwehluleka okusobala kwamasonto ukusiza abantu ukuba babhekane nezinkinga zabo zansuku zonke.” ICroix ibika ukuthi nakuba iningi labantu lilahla izimfundiso zamasonto ezingokwesiko, “ngaphandle kweSweden, abangaphezu kwamaphesenti angu-50 balabo ababuzwa bathi bayakholelwa kuNkulunkulu.”

Imiphumela Yengculaza

Umqondisi wohlelo lwengculaza lomhlaba wonke lweNhlangano Yezwe Yezempilo, uDkt. Michael Merson, usaba ukuthi umqedazwe wengculaza ungase ube nemiphumela engathi sína emphakathini nakwezomnotho, kusho umagazini waseFrance iPresse Médicale. Ekhuluma emhlanganweni okhethekile wengculaza weWorld Bank owawuseBangkok, eThailand, uDkt. Merson waxwayisa ngokuthi “ukufa okungenani koyedwa kwabayisihlanu kwabancane nabantu abadala abaneminyaka ephakathi esikhathini esifushane kuyoletha iziyaluyalu emphakathini, ukuphazamiseka kwezomnotho, futhi ngisho nokuntengantenga kwezombangazwe emazweni amaningi.” Kakade, abaningi bamalungu abantu baseAfrika abakhiqiza kakhulu sebeye bafa ngenxa yalesifo, futhi yonke imikhaya iye yafa emadolobheni asemaphandleni ngenxa yayo. Abantu baseAfrika abangaphezu kwezigidi eziyisithupha kulindeleke ukuba bafe ngenxa yengculaza eshumini leminyaka elizayo. Izilinganiso zakudala zithi abantu abangaba izigidi ezingu-9 kuya ku-11 emhlabeni wonke banegciwane iHIV, elibanga ingculaza—isibalo izazi ezithi siyophindeka kathathu eminyakeni eyisishiyagalombili ezayo.

Ukuhleleka Endaweni Yonke

UPaul Davies, uprofesa wezifundo zesayensi yemvelo eYunivesithi yaseNewcastle upon Tyne, eNgilandi, njengososayensi, uye wenza izinkulumo eziphikisayo encwadini yakhe entsha iMind of God. Uphetha ngokuthi ukuba khona komuntu akuyona nje ingozi yokudalelwa kodwa uthi “ngempela sihloselwe ukuba lapha.” Uyabhala: “Ngomsebenzi wami wesayensi, sengikholelwa ngokuqine ngokwengeziwe ukuthi indawo yonke ebonakalayo ihlanganiswe ngokuhlakanipha okumangalisa kangangokuthi anginakukwamukela njengeqiniso elingenangqondo. Kimina, kubonakala sengathi kumelwe ukuba kunencazelo yezinga elijule ngokwengeziwe. Ukuthi umuntu ukhetha ukubiza lelozinga elijulile ngokuthi ‘uNkulunkulu’ kuyindaba yokuzithandela nokuchaza.”

Ukwehluleka KweSonto Kuyavunywa

Ababhishobhi abangu-15 bamaRoma Katolika basemazweni aseAfrika iBurundi, iRwanda, iTanzania, iUganda, neZaire muva nje baye bavuma ukuthi naphezu kokuba khona “kwamaKristu” amaningi abhapathiziwe endaweni, “izingxabano zangaphakathi ziye zaholela ekubulaleni, ekubhubhiseni nasekususweni kwabantu ngempoqo.” Bathi, izingxabano zobuzwe nezobuhlanga ziye zabangela “ukwesaba okubi, ukungathembani nokuxhaphaza okugxile emibonweni yobuhlanga . . . engahlangani nokholo lobuKristu.” Njengoba kubikwe kuyiEcumenical Press Service, umnyango wezindaba woMkhandlu Wezwe WamaSonto, ababhishobhi bavuma ukuthi umsuka wenkinga “uwukuthi ukholo lobuKristu alukangeni ngokwanele engqondweni yabantu.”

“Isidakamizwa Esisetshenziswa Kakhulu”

“Icaffeine iyisidakamizwa esisetshenziswa kakhulu emhlabeni,” kusho umagazini wamuva nje weAmerican Journal of Psychiatry. “Ukuhlola kubonisa ukuthi ukuyeka icaffeine kubanga izimpawu zekhanda elibuhlungu, ukukhathala, nokozela okuqala phakathi namahora angu-12 kuya ku-24 futhi kuthathe isikhathi esingaba isonto elilodwa. Lezimpawu zingaba zimbi futhi zibonakala zingesinye isizathu sokuqhubeka kokusetshenziswa kwekhofi.” Nokho, ikhofi akulona kuphela elingumthombo wecaffeine. Itiye, iziphuzo ezibandayo (njengamacola), nezidakamizwa eziningi ezidayiswa ngokusemthethweni (izinto ezisiza ukunciphisa umzimba, imithi yediuretic, eyokuvuselela amandla, eyokuqeda izinhlungu, eyomkhuhlane nokusabela kabi ezintweni) nazo futhi zinezilinganiso eziphawulekayo zecaffeine. Ngokomphumela, abantu abaningi abanomuzwa wokuthi sebedla ukudla okungenacaffeine bangase bazizwe izimpawu zokuyeka ngaphansi kwezimo ezithile, ngokwesibonelo lapho belaliswe esibhedlela.

Qaphela Umthofu

“Ukuguliswa umthofu kuyisifo sendawo sezingane ezincane esivame kakhulu nesicekela phansi emphakathini,” kusho uDkt. Vernon N. Houk, umqondisi weNational Center for Environmental Health and Injury Control yeZikhungo Zokunqanda Izifo zaseU.S. Ngaphansi kwezindinganiso ezintsha, izingane ezisukela ezigidini ezintathu kuya kwezine eUnited States ezingaphansi kweminyaka eyisithupha ubudala zinamazinga omthofu egazini aphakeme ngokwanele ukuba abangele imiphumela emibi yempilo, njengokungakwazi ukufunda nokuphazamiseka kokuziphatha. Umthombo omkhulu wokuguliswa umthofu ezinganeni uvela ezingcezwini nothuli lopende abanomthofu abasetshenziswa emakhayeni asemadala. Nakuba umthofu wonakalisa ngokukhethekile ezinganeni ezisakhula, uwushevu futhi nakubantu abadala. Muva nje, abathandi bewayini balulekwa ukuba bangaphuzi ngezingilazi ezenziwe ngikristalu elinomthofu, njengoba umthofu ungase ungene ewayinini. Izixwayiso zaphuma futhi eziphathelene namaphepha okugoqa anomthofu amboza izivalo emabhodleleni amawayini. Abaphuza iwayini batshelwa ukuthi ngemva kokususa iphepha lokugoqa, kufanele basule insalela yomthofu emlonyeni webhodlela ngendwangu emanzi—kutuswa ukuba imanziswe ngento eneacid, njengamanzi kalamula noma uvinika—ngaphambi kokususa isivalo.

Isimiso Samanzi Esingaphansi Komhlaba SaseJerusalema

“Isikhathi esingaphezu kweminyaka eyikhulu, abavubukuli nezazi-mlando baye badidwa izindlela ezingahlelekile, ukukhuphuka nobukhulu bezimiso zamanzi ezimbili ezingaphansi komhlaba ezatholakala ngaphansi kwezinsalela zaseJerusalema lasendulo,” kuphawula umagazini iScience News. “Nakuba abacwaningi abaningi bebheka lezimiso zamanzi ezingaphansi komhlaba njengomkhiqizo wonjiniyela nezisebenzi zokwakha zakuqala, ezazithambekele emaphutheni, ukuhlaziya okusha kubonisa ukuthi izakhamuzi zalomuzi ongcwele zasishintsha ngobuciko isimiso esingokwemvelo semisele nemihubhe ukuze ziqiniseke ngokuthola amanzi anokwethenjelwa.” NgokweBhayibheli, kwakuwulwazi lwemihubhe engaphansi komhlaba okwenza uDavide wakwazi ukuthatha ngokuphumelelayo lomuzi eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule. (2 Samuweli 5:8) Lokhu kuhlola okusha kubonisa ukuthi kwakunezimbobo ezimbili ezingaphansi komhlaba ezaziphumela ngaphandle kwezindonga zalomuzi wasendulo.

Abathungathi Bemikhondo Yezilwane Bayantuleka

“Uma singaqapheli, . . . ngokushesha bangase baphele abathungathi bemikhondo yezilwane eningizimu yeAfrika,” kubhala uLouis Liebenberg kuyiAfrican Wildlife. Umbhali, oyisazi ngalendaba, usaba ukuthi ubuciko bokuthungatha buzophela. Abanye babathungathi abahle kakhulu kakade sebeye bafinyelela ubudala lapho bengasaboni kahle emehlweni. Abathungathi banesikhundla nje kuphela sokuba izisebenzi ezingenamakhono futhi bathola amaholo aphansi, okuyizizathu ezibalulekile ezikhonjiwe zokunyamalala kwalomsebenzi. Izinto azibonakali zingaba ngcono “uma nje abathungathi bemikhondo yezilwane besabukelwa phansi isizukulwane esincane, esifuna ukuthola into ‘engcono’ kunabadala kunaso.” Kodwa abathungathi abanokuhlangenwe nakho bayadingeka ekuvimbeleni ukubulawa kwezilwane nasekuphatheni izindawo ezigcina izilwane, ngakho “ukuthungatha kufanele kubhekwe njengomsebenzi okhethekile,” kusho uLiebenberg. “Ukuba umthungathi oyingcweti kudinga ukuhlakanipha okungaphezu kokusesilinganisweni.”

Awukakabi-mdala Kakhulu

Amantombazane amabili aseJapane avele esembozweni sikamagazini wamuva nje uKin (okusho “iGolide”) Narita noGin (okusho “iSiliva”) Kanie. Okukhanga kakhulu ngabo ukuthi baneminyaka eyikhulu ubudala futhi bangamawele. Baphile kakhe, baphapheme, futhi bayazikhulumela. “Batholwa” imeya yaseNagoya ngoSeptember 1991 lapho ibavakashele “NgoSuku Lokuhlonipha Abagugile.” Kusukela ngalesosikhathi bobabili baye babonakala kakhulu kuthelevishini kanye nakwezokuthengisa nomagazini. NgoFebruary, uKin noGin baqalisa emsebenzini wokurekhoda ngokwenza icompact disc. Ngalowonyaka bavakashela futhi ihhovisi lentela ukuze babeke emafayelini izincwadi zentela ngokokuqala ngqá ekuphileni kwabo. Impumelelo esheshayo nomcebo kuye kwabashiya bengahlabekanga umxhwele. Bathi abanasidingo semali futhi eningi bayisa kwezenhlala-kahle.

Amantombazane Awafuneki

ENdiya abesifazane basebenzisa ubuchwepheshe beultrasound ukuze bathole ukuthi umbungu wabo ungowesilisa noma owesifazane. Uma ungowesifazane, umbungu ngokuvamile uyakhishwa. Lokhu kuye kwaphumela ezilinganisweni zobulili ezishintshe ngokuphawulekayo. Ngokwesibonelo, eHaryana State, kwabesilisa abangu-1 000 kunabesifazane abangu-874. “Izilinganiso ezimbi zobulili azibangelwa ukuthi ambalwa amantombazane azalayo (noma akhulelwayo) kodwa ngenxa yokuthi ambalwa avunyelwa ukuba azalwe noma asinde,” kusho umbiko weUN. Abesifazane bacatshangelwa njengabayizindleko. Ngesikhathi somshado kumelwe kunikezwe izimpahla nezipho lapho indodakazi isinengane. Ukuzalwa komfana kuyagujwa, kodwa hhayi okwentombazane. Indoda ingase iyilahle inkosikazi engabelethi ingane yesilisa, noma ingase ngisho ithathe inkosikazi yesibili. Lenkinga ikhona futhi phakathi kwamaNdiya ahlala kwamanye amazwe. IMedical Post yaseCanada muva nje ibike ngesikhalo sokuthi “odokotela basemphakathini waseColumbia yaseBrithani wamaSikh aseMpumalanga Ndiya basiza abesifazane ukuba bakhiphe izisu uma umbungu utholakala ungowesifazane ukuze bazame owesilisa ngesikhathi esilandelayo.” Njengoba ubulili bombungu bungatholakala kuphela ngokunembile ngemva kwamasonto angu-16, eyesilisa ngokuvamile iyakhishwa. Unina akatshelwa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela