Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 12/8 k. 26-k. 27 isig. 3
  • “Isinkwa Sethu Semihla Ngemihla”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Isinkwa Sethu Semihla Ngemihla”
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ususinambithile Isinkwa Sokuphila?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • “Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu​​—⁠‘Isinkwa Sokuphila’
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu—“Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 12/8 k. 26-k. 27 isig. 3

“Isinkwa Sethu Semihla Ngemihla”

“USIPHE namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla.” Ngokungangabazeki uyawaqaphela lamazwi ukuthi ayingxenye yomthandazo owaziwa kakhulu kweyake yashiwo—obizwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi. (Mathewu 6:9, 11) Emuva osukwini lukaJesu, isinkwa sasiwukudla okuyinhloko kwaIsrayeli futhi sasingaba uphawu lokudla okungokwenyama.

Ezingxenyeni eziningi zezwe namuhla, isinkwa asisekona ukudla okuyinhloko njengoba kwake kwaba njalo. Isinkwa sethu semihla ngemihla esingokoqobo namuhla ngokuvamile siyinto nje ehambisana nokudla. Nokho, isinkwa sisaqhubeka sinendima ebalulekile ekuphileni kwezigidi emhlabeni wonke.

EMexico omama bamakhaya benza izingcezu zesinkwa ezizacile ezibizwa ngokuthi amatortilla. ETopiya abesifazane benza isinkwa esilula ngokuthela okuthile okushubile kube izindilinga epanini elishisayo. Emazweni aseNtshonalanga isinkwa sikhiqizwa kakhulu sinokwakheka nobukhulu okuhlukahlukene ngokumangalisayo. Futhi omama bamakhaya abaningi kulawomazwe bayaqhubeka bejabulisa imikhaya yabo ngezinhlobonhlobo abazibhakela zona ekhaya.

Ubani okungenzeki aconse amathe ngenxa yephunga elimnandi lesinkwa njengoba sikhishwa kuhhavini? Lingadonsela abantu abadlulayo esitolo esithengisa isinkwa. Abaningi libenza babe nenkumbulo ejabulisayo yekhaya nokulondeka kwasebuntwaneni.

Ukuthi ubani owasungula ubuciko bokwenza isinkwa akwaziwa. KuGenesise 3:19, izoni zokuqala ezingabantu zatshelwa: “Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini.” Ngokusobala, igama elithi “isinkwa” lapha lamane lasetshenziswa njengophawu lwakho konke ukudla. Nokho, kuGenesise 14:18, 19 sifunda ukuthi lapho umpristi uMelkisedeki ephuma ukuba azobusisa inzalamizi uAbrahama, “waletha isinkwa newayini.” Lokhu ngokungangabazeki kwakubhekisela ohlotsheni lwesinkwa olwaluwukudla okuyinhloko kubantu bangezikhathi zasendulo. Kwezinye izingxenye zaseMpumalanga Ephakathi, isinkwa sisabhekwa kanjalo.

IGibithe lasendulo lalinababhaki abathengisayo, njengoba kwenza izizwe zakamuva, njengeGreece neRoma. Ekupheleni kwekhulu le-19 leminyaka, ukuguqukela kwezezimboni kwakwenzeka ngamandla. Ukwenziwa kwesinkwa kwakungasagcini ekhaya kodwa kwase kudlulela nakumafekthri ukuze sikhiqizwe kakhulu. Imiklamo eminingi emisha yahlangabezana nezidingo zalokukhiqiza: imishini ehlanganisayo, amachain conveyor (okuthile kokudlulisela phambili isinkwa), ohhavini bokubhaka abazishintshayo, kanye nemishini yokusika neyokusonga. Ukwenziwa kwesinkwa kuye kwathuthuka kusukela ebucikweni basekhaya kuya kusayensi yezentengiselwano.

Esiningi, uma kungesona sonke, sesinkwa esikhiqizwayo namuhla ezindaweni ezinezimboni sikhiqizwa abezentengiselwano. Futhi siyaqhubeka siyingxenye ebalulekile yokudla ezizindeni eziningi zempucuko. Bekuyoba njani ukudla kwakusihlwa okunespaghetti ngaphandle kwesinkwa samaNtaliyane esinoqweqwe? Noma cabanga ngokudla okunomsoco kwamaJalimane kwesauerkraut (iklabishi elimuncu) okungenapumpernickel (uhlobo lwesinkwa senhlama emuncu) ensundu futhi eqinile! Ubani ongenqaba amapancake ekuseni ngosuku olubandayo lwasebusika? Amapancake amane nje ayisinkwa esithoswe ngokushesha esenziwe ngofulawa wokusanhlamvu, ufulawa kakolo, noma ufulawa webuckwheat (ukolo wemfuyo).

Uhlobo lwesinkwa oluye lwathandwa kakhulu emazweni aseNtshonalanga yilolo olusetshenziswa ekwenzeni ipizza yamaNtaliyane. Futhi kuyajabulisa ukulubona lwenziwa; ngisho nabantu abadala abavuthiwe bangakubuka bemangele njengezingane njengoba umbhaki wepizza ezungezisa ngokushesha ucezu lwenhlama oluyindilinga eyisicaba phezu kwekhanda lakhe ngobuciko obunjengobomdlali wesekisi.

Ingabe singadliwa yiwo wonke umuntu? Ngokuqinisekile kunjalo! Kodwa mhlawumbe enye yezindlela zokujabulela isinkwa iwukuba uzame ukuzibhakela esakho siqu. Ungase umangale ngokwaneliseka ongakuthola kulomzamo wakho siqu. Futhi kungenza umama wekhaya abe nomuzwa wokufeza okuthile azenzele kona lowo angenakuba nawo egumbini lokuhlanza izingubo noma ebhakedeni lokukolobha.

Indlela yokwenza isinkwa elapha izokusiza ukuba wenze isinkwa esikhukhumaliswa ngemvubelo esithandwa kakhulu emazweni aseNtshonalanga. Ukulinganisa nokuhlanganisa izithako kungaba okujabulisayo. Futhi ukuxova inhlama kungaba indlela enempilo yokuqeda zonke izinhlobo zokukhungatheka! Ukubuka lapho isinkwa sikhukhumala nakho kungesinye isici esihlaba umxhwele sokwenza isinkwa. Ukukhukhumala kubangelwa ukubila kwemvubelo. Lapho ifakwa enhlameni, imvubelo ibangela amagwebu omoya wecarbon dioxide, yenze inhlama ibe nezimbotshana. Manje inhlama iyaxovwa, imiswe okwezinkwa, bese iyayekwa ukuba iphinde ikhukhumale emapanini esinkwa ngaphambi kokuba zibhakwe. Kamuva izinkwa zifakwa kuhhavini—futhi yeka iphunga elimnandi eligcwala endlini yakho! Okumnandi kunakho konke ukunambitheka kwaso. Ungase ukuthole kunzima ukubuyela esinkweni esithengwa esitolo. Futhi lapho usukwazi ukubhaka isinkwa, ungase ushukunyiselwe ukuba uzame ukubhaka ngofulawa abehlukene, njengokakolo, ibhali, irye, okusanhlamvu, irayisi, izambane, noma isoybean.

Yiqiniso, kungase kube lula kakhulu ukuba umane uthenge ezinye zezinhlobo ezihlukahlukene zezinkwa ezenziwa abezentengiselwano. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi uthola injabulo ekusibhakeni noma ekusidleni, kungakhathaliseki ukuthi siyingxenye eyinhloko yokudla kwakho noma simane siwukudla okwenezelayo, zama ukuba ungasibukeli phansi isinkwa. UNkulunkulu uqobo osilungiselela “isinkwa sethu semihla ngemihla”!

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 27]

Indlela Yokwenza Isinkwa

Ncibilikisa isigaxa esisodwa semvubelo (noma amaphakethe amathathu emvubelo eyizinhlamvu) ezinkomishini ezine zamanzi afudumele

Faka izinkomishi ezinhlanu zikafulawa (kakolo noma omhlophe) bese uyahlanganisa

Yibeke endaweni efudumele ukuze ikhukhumale ubukhulu bayo buphindeke kabili

Faka izinkezo ezincane ezimbili zikasawoti, ingxenye yenkomishi kashukela, nengxenye yenkomishi yamafutha emifino

Hlanganisa kahle

Faka ezinye izinkomishi ezicishe zibe zine zikafulawa ukuze uqinise inhlama

Yixovele endaweni okuthelwe ufulawa kuyo imizuzu engu-15

Yiyeke ikhukhumale esitsheni esigcotshwe ngamafutha ukuze ubukhulu bayo buphindeke kabili

Yixove kancane, bese uyihlukanisa ibe yizinkwa ezine

Ziyeke zikhukhumale imizuzu embalwa emapanini agcotshwe amafutha

Zibhake ezingeni lokushisa elingamadegree Celsius angu-163 ihora elilodwa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela