Ingabe Umntanakho Ufuna Ukuba Nesilwane Esingumngane?
KUZO zonke izingxenye zomhlaba abantwana bakhangwa izilwane ezingabangane. Futhi yeka izinhlobo ezihlukahlukene okufanele bakhethe kuzo! Ngokwesibonelo, uTabitha oneminyaka eyishumi nantathu ubudala, une-guinea pig njengesilwane esingumngane wakhe. UNaomi oneminyaka emihlanu ubudala unegundane elimhlophe. Futhi uBobby-John oneminyaka engu-15 ubudala okwamanje usajatshuliswa izinyane lensikazi le-kangaroo. “Linobhasikidi walo futhi liyagoqana kuwo njengoba lalinjalo esikhwameni sikanina,” kuchaza uBobby-John. “Alikuthandi kakhulu ukuphakanyiswa, kodwa lihle kakhulu.”
Abantu abadala abaningi nabo bayazithanda izilwane. Futhi ukufuywa kwezilwane nokusetshenziswa kwazo njengabangane kuhlehlela emuva ezikhathini zasendulo. Ngokwesibonelo, abaseGibithe, babefuya amakati nezimfene. Khona-ke kwakukhona umbusi waseRoma owayenesilwane esingavamile njengomngane—ibhubesi elalibizwa ngokuthi uScimitar. Wayesithanda kakhulu lesilwane sakhe esifana nekati kangangokuthi sasihlala naye etafuleni lapho edla ukudla kwasemini futhi sasilala ezinyaweni embhedeni wakhe ebusuku. AmaRoma futhi ayeqeqesha izinja nezinkawu. Ukuzilibazisa okwakuthandwa kwakuwukubukela izinkawu zigibele izinja noma zishayela izinqola.
Uma beqeqeshwe ngokufanelekile futhi baqondiswa abazali babo, abantwana bangafunda ukuzinakekela kahle izilwane zabo. Banganikezwa umthwalo wemfanelo wokuzondla nokuzinakekela. Ukufuya izilwane kungase futhi kube okufundisayo kubantwana. Njengoba kuphawulwe kuyi-New Encyclopædia Britannica, “ukufuya izilwane kunikeza ithuba lokufundisa abantwana ukuhambisana phakathi kwelungelo nomthwalo wemfanelo kanye nokuthile ngokuphathelene nobulili. Inqubo yokukhwelana kwezilwane iphawulwa ngokushesha, ilandelwe izindaba ezinjengenkathi yokumitha nezinkinga ezihlukahlukene ezihilelekile ekuzalweni nasekunakekelweni kwezinyane.”
Abazali baye basebenzisa izilwane ezingabangane ukuze babonise abantwana babo umbono oqondile ngazo zonke izinto eziphilayo—ngokwesibonelo, ukuba bangabi nonya noma bahluphekise isilwane, futhi bangasivumeli silambe noma sihlale singcolile. Nalapha, kunendlela engokoqobo yokubonisa abantwana ukuhlakanipha nekhono eliphakeme loMdali wezilwane, owenza ngasinye ‘ngohlobo lwaso.’—Genesise 1:24.
Kodwa ngokuvamile abantwana bayakhathala umthwalo wemfanelo noma bakhohlwe. Kuvamé ukuba intshiseko yomntwana ngesilwane inyamalale ngokushesha. Okuthakazelisayo kulelisonto, kalula kungaba okudinayo ngesonto elizayo. Ngakho, bazali, uma nicabangela ukunikeza umntwana wenu umthwalo wemfanelo wokufuya isilwane, khumbulani ukuthi yinina, enibadala, okumelwe nithwale umthwalo wemfanelo wokugcina.
Inhlanzeko Efanelekile Iyadingeka
Inhlanzeko enhle ibalulekile ezilwaneni ezingabangane, kodwa ibaluleke ngokulinganayo—mhlawumbe ngisho nangaphezulu—kubantwana bakho. Amakheji nezindlwana zezilwane kufanele kugcinwe kuhlanzekile, futhi ezinye izilwane zidinga ukulungiswa njalo nokugezwa. Ukuthi kungakanani ukuthintana okungokomzimba abantu okufanele babe nakho nezilwane nakho kudinga ukucatshangelwa. Khumbula ukuthi ezilwaneni eziningi ulimi lubuye lube yindwangu yazo yokugeza, eziyisebenzisa kuzo zonke izingxenye zomzimba wazo. Futhi nakuba zihlonyiselwe ukuba zisingathe amagciwane eziwadlayo, abantwana abahlonyisiwe. Ungamkhuthazi umntanakho ukuba aqabule isilwane.
Izilwane kufanele futhi zibe nezitsha zazo siqu zokudlela futhi akufanele zivunyelwe ukuba zikhothe izitsha ezisetshenziswa abantu. Lena indaba engathi sína impela, ngoba izilwane nezinyoni zinezifo eziningi ezingadluliselwa kubantu uma kungathathwa izinyathelo zokuvikela ezinengqondo. Futhi izilwane eziningi ziyaluma. Kuyiqiniso ukuthi ezinye zalezifo zincane kakhulu futhi ngokuvamile zingase ziziphelele noma zingase zibangelwe ezinye izinto ngaphandle kwesilwane. Kodwa ezinye izifo eziphathelene nokuphefumula nokuqubuka kwesikhumba ngokuvamile zithathwa ezilwaneni. Ezinye izifo zingezingathi sína ngokwengeziwe futhi zingabulala. “Amakati afuywayo, ngonyaka athelela abesifazane abakhulelwe abalinganiselwa ku-3 300 ngesifo se-toxoplasmosis, esiphumela esilinganisweni sokufa kwabantwana abangakazalwa esingamaphesenti angu-15,” kusho i-U.S.News & World Report.
Fundisa Abantwana Ukuthi Izilwane Azibona Abantu
Njengoba uthando lwabantwana ngesilwane lujula, kudingeka kuqashelwe ukuthi abeqisi futhi baqale ukuphatha isilwane sabo njengomunye umuntu noma njengesinezimfanelo zabantu noma amazinga okuqonda. Lokhu kungabangela ubuhlungu obungadingekile lapho isilwane siguga futhi sifa noma mhlawumbe sifa engozini.
Yebo, lokhu akukhona okufanele kufundiswe abantwana kuphela. Abanye abantu abadala nabo badinga ukuqapha kulokhu. Kwezinye izimo isilwane siyaphululwa futhi siphathwa njengokungathi umntwana noma ingane encane. Abantwana bangase basheshe ukulingisa izinto abaye babona abanye abantu abadala bezenza, bathululele uthando ezilwaneni zabo.
Ngakho sidinga ukugcina umbono olinganiselwe ngezilwane futhi sifundise abantwana bethu okufanayo. Basize ukuba babone ukuthi izilwane nayo yonke indalo kaNkulunkulu ephilayo zilapha ukuze zijabulise umuntu futhi azisebenzise. Kodwa kumelwe siqaphele ukuthi asiphakamisi izilwane nezinyoni ngaphezu kwendima uNkulunkulu ayehlose ukuba zibe nayo. Kwakungeyona injongo kaNkulunkulu ukuba izilwane ziphile phakade. Ubude bokuphila kwazo obulinganiselwe abubangelwa yisono sika-Adamu noEva nokuzuza njengefa isono nokufa okwaba umphumela, njengoba kunjalo ngabantu.—Roma 5:12; 2 Petru 2:12.
Lapho izilwane zinikezwa indawo yazo efanele, ziyisipho esithokozisayo esivela kuNkulunkulu sokujabulisa umuntu. Futhi hhayi nje abantwana. Abantu abaningi abanesizungu, abagulayo, nasebekhulile baye bathola inzuzo nenjabulo ezilwaneni zabo ezinothando. “Abacwaningi bathi, kwezinye izimo, izilwane—noma, njengoba abanye bethanda ukusho, ‘izilwane ezingabangane’—zingathuthukisa ukusebenza kwenhliziyo yomninizo, zibangele ukululama okusheshayo ngemva kokufa uhlangothi, zidambise ukukhathazeka futhi zehlise umfutho wegazi,” kuphawula iphephabhuku i-AARP News Bulletin.
Sisifuye Isilwane Esingumngane Noma Cha?
Khona-ke, yini oyoyenza, uma umntanakho ecela ukufuya isilwane esingumngane? Nguwena okumelwe unqume, ukhumbula zonke izinzuzo nezingozi. Izici ezinjengendawo enihlala kuyo, izindleko zokunakekelwa okufanele nokondliwa kwesilwane, iminyaka yomntanakho, nesikhathi esidingekayo sokuqondisa ukunakekelwa okufanele kwesilwane kuyodinga ukucatshangelwa ngokucophelela.
Kodwa uma unquma ukuthi kuyoba okuzuzisayo ngomntanakho ukufuya isilwane, khumbula izeluleko ezandulelayo. Khona-ke, uma ninesilwane emkhayeni, kungani ningasijabuleli ngokugcwele? Sinakekeleni kahle, futhi ufundise umntanakho ukuba enze okufanayo. Uma zinikezwa indawo yazo, izilwane azibona nje abangane abawusizo nabajabulisayo kuphela kodwa futhi ziwubufakazi obuthokozisayo bezinhlobonhlobo zezinto ezithakazelisayo, umsebenzi ongaphuphi woMdali ocabangelayo.