Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 3/8 k. 11-k. 13 isig. 5
  • Izilwane Ziyisipho Esivela KuNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izilwane Ziyisipho Esivela KuNkulunkulu
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuhlobo Bazo Bokuqala Nabantu
  • Ubuhlobo Obukhulu Obuqhubekayo
  • Ukuzithanda Ngokweqile Izilwane Ezifuyiwe
  • Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngezilwane Ezifuywayo
    I-Phaphama!—2004
  • Ingabe Umntanakho Ufuna Ukuba Nesilwane Esingumngane?
    I-Phaphama!—1993
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ingabe Abantwana Baphephile Enjeni Yakho?
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 3/8 k. 11-k. 13 isig. 5

Izilwane Ziyisipho Esivela KuNkulunkulu

INGABE wake wavakashela e-zoo noma esekisini? Ingabe wawufisa ukubamba noma ukuphulula esinye salezo zilwane ezinhle—mhlawumbe ibhubesi elinamandla noma ihlosi elikhulu? Kumelwe ukuba wachazeka lapho ubona umqeqeshi noma umnakekeli wezilwane enza kanjalo. Yebo, eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, umlobi weBhayibheli wathi: “Zonke izinhlobo zezilo zasendle kanye nezinyoni nezinto ezinwabuzelayo nezidalwa zasolwandle zingezokuthanjiswa futhi ziye zathanjiswa abantu.”—Jakobe 3:7.

Zonke izinhlobo zezilwane ziyajabula lapho ziboniswa uthando futhi zinakwa. Ngempela kuyajabulisa ukuzibona ziphila nabantu abazikhathalelayo abaye bazithambisa. Umlobi ongumRoma uPliny, owabhala cishe ngesikhathi esifanayo nomlobi weBhayibheli uJakobe, wakhuluma ngokuthanjiswa kwezindlovu, amabhubesi, amahlosi, izinkozi, izingwenya, izinyoka ngisho nezinhlanzi.

Empeleni, ukuthanjiswa kwezilwane ukuze zifuywe kwaqala ezikhathini zasendulo. Esikhathini eside ngaphambi kokuba uJakobe noPliny babhale, abaseGibhithe babethambisa izilwane zasendle bese bezifuya. Namuhla izilwane eziningi ozithola e-zoo ungazithola nasemizini yabantu kwamanye amazwe.

Ubuhlobo Bazo Bokuqala Nabantu

IBhayibheli, eliwumlando wokuqala ngqá womuntu, libika ukuthi umuntu wokuqala, u-Adamu, waqamba izilwane amagama. IBhayibheli lithi: “Noma yiliphi igama umuntu ayeliqamba umphefumulo ngamunye ophilayo, lelo kwaba yigama lawo. Ngakho umuntu waziqamba amagama zonke izilwane ezifuywayo nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izilo zasendle.” (Genesise 2:19, 20) Kusobala ukuthi u-Adamu wajwayelana kahle nezilwane ukuze aziqambe amagama afanele. Kodwa wayengakudingi ukuvikelwa—ngisho nasezilwaneni zasendle. Zaziphila naye ngokuthula, futhi yeka indlela okumelwe ukuba wayekujabulela ngayo ukuhlala nazo!

UNkulunkulu waphathisa u-Adamu nomkakhe, u-Eva, umthwalo wokunakekela izilwane. Ngokwenjongo kaNkulunkulu echazwe eBhayibhelini, abantu kwakumelwe ‘bathotshelwe yizinhlanzi zolwandle nayizidalwa ezindizayo zamazulu nayizilwane ezifuywayo nayiwo wonke umhlaba nazo zonke izilwane ezihamba phezu komhlaba.’—Genesise 1:26.

Ubuhlobo Obukhulu Obuqhubekayo

Uma abantu bezibusa ngendlela efanele izilwane, umphumela ungajabulisa kakhulu. Isilwane esithandwayo singaba njengomngane oyigugu, size sibhekwe ngisho nanjengengxenye yomkhaya. Ukuthi kwakunjalo ezinkulungwaneni zeminyaka edlule kubonakala ekulandiseni kweBhayibheli ngendoda empofu ‘eyayinewundlu elilodwa lensikazi, elincane.’ Umprofethi uNathani watshela iNkosi uDavide ngaleli wundlu, ethi ngale ndoda empofu: “[Leli wundlu] lalidla ucezwana lwakhe, liphuza endebeni yakhe, lilala esifubeni sakhe, laba njengendodakazi kuye.”—2 Samuweli 12:1-3.

Abaningi namuhla bangaqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuba isilwane sibe umngane othandwayo, sibe njengelungu lomkhaya. Cabanga ngomkhaya othile ohlala eduze kwaseHarare, inhloko-dolobha yaseZimbabwe. Abazali bathengela ingane ngayinye inja ukuze ibe umngane. Lapho omunye walaba bafana, owayeneminyaka engaba ngu-8 ngaleso sikhathi, ehamba nenja yakhe, kungazelelwe kwaqathaka imamba esihlahleni phambi kwakhe. Le mamba yagadla, kodwa inja yaphonseka phakathi kwemamba nalo mfana njengonyazi, yasindisa ukuphila kwakhe. Ucabanga ukuthi le nja yaba igugu kangakanani kulowo mkhaya?

Abantu abayizithulu bazazisa kakhulu izinja eziqeqeshelwe ukuba zibasize. Owesifazane othile uthi: “UTwinkie uyezwa uma kungqongqoza othile, abese esondela angithinte umlenze angiholele emnyango. Ngokufanayo, lapho uTwinkie ezwa ukukhala kwewashi likahhavini wesitofu, uyagijima eze kimi, bese ngimlandela. Uma kukhala inhlabamkhosi yomusi noma yomlilo, uTwinkie uqeqeshelwe ukuba angithinte abese elala phansi ukuze abonise ukuthi kunengozi ekhona.”

Okuphawuleka ngokukhethekile ubuhlobo obuzuzisayo phakathi kwezimpumputhe nezinja zazo eziziqondisayo. Umqeqeshi wezinja eziqondisa izimpumputhe uMichael Tucker, ongumlobi wencwadi ethi The Eyes That Lead, ukholelwa ukuthi inja eqondisayo ingakushintsha ngokuphelele ukuphila komuntu oyimpumputhe, imenze abe “nenkululeko, azimele, angahlali ndawonye futhi ibe umngane.” Ngempela, kuyajabulisa ukubona ubuhlobo phakathi kwezinja ezinjalo nabanikazi bazo!

Labo abakhubazeke nangezinye izindlela futhi abanezinja ezingabangane bajabulela ubuhlobo obufanayo. Inja yowesifazane othile osebenzisa isihlalo sabakhubazekile ifundiswe ukuphakamisa ucingo uma lukhala nokukhotha izitembu zokuposa! Enye inja yazi iziyalezo ezingu-120, ngisho nokuthatha amathini namaphakethe emashalofini asesitolo. Umnikazi wayo okhubazekile usebenzisa uthi olunesibani se-laser ukuze akhombe izinto azifunayo, bese inja izithatha izilethe kuye.

Izilwane ezifuyiwe ziyabazuzisa nasebekhulile. Udokotela wezilwane wathi izilwane ezifuywayo, kuhlanganise nezinja, “zenza ukuphila kube nenjongo ngesikhathi lapho asebekhulile bezizwa behlukanisiwe nomphakathi.” I-Toronto Star yabika: “Izilwane ezingabangane zinciphisa ukucindezeleka, ukuya kudokotela futhi zithuthukisa namathuba okusinda ngemva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo.”

I-New Encyclopædia Britannica isho la mazwi athakazelisayo: “Ukufuya izilwane kunikeza ithuba lokufundisa izingane ukuthi amalungelo ahambisana nomthwalo wemfanelo kanye nethuba lokuzifundisa okuthile ngobulili. Ngokushesha izingane zibona izilwane zikhwelana, bese kulandela izinto ezinjengenkathi yokumitha nezinkinga ezihlukahlukene ezihilelekile ekuzaleni nasekunakekeleni abantwana.”

Ukuzithanda Ngokweqile Izilwane Ezifuyiwe

Ukuthembeka okuyingqayizivele kwezilwane empeleni kwenza abanye abantu bathande kakhulu izilwane kunamalungu omkhaya. Emacaleni esehlukaniso, ngezinye izikhathi ukuthi ubani ozoba nelungelo lokuwina isilwane kuba ingxenye yenqubo yokuhlukaniselana ngempahla. Futhi abantu baye babhala izilwane zabo ezincwadini zefa njengezindlalifa zengcebo eshisiwe.

Akumangalisi ukuthi izilwane ezifuywayo ziyibhizinisi elikhulu kangaka namuhla! Kunezincwadi nomagazini abanikeza amacebiso ngazo zonke izindaba ezithinta izilwane ezifuywayo. Eqaphela ukuthi abanye abantu abafuye izilwane bazimisele ukuzitholela izinto zokunethezeka ezibizayo, amabhizinisi adayisa noma yini abanikazi bezilwane abayifunayo.

Ngokwesibonelo, umuntu usengayisa isilwane sakhe kodokotela abangochwepheshe abelapha zonke izinhlobo zezifo zezilwane. Kunodokotela bezifo zengqondo zezilwane abanganikeza isilwane imithi yokucindezeleka. Ngaphezu kwalokho, kunabameli bezilwane namanxusa omshuwalense kanye nezinkonzo zokucwalwa nezokuqeqeshwa kwezilwane ezifuyiwe. Izilwane ezifuyiwe zenzelwa nanemingcwabo. Futhi bakhona nalabo abazimisele ukuthatha izakhi zofuzo zesilwane benze esinye esifuze sona—ngemali eshisiwe!

Ngokusobala, izilwane ezifuyiwe ziyathandwa kuyo yonke indawo. Encwadini yakhe ethi The Animal Attraction, uDkt. Jonica Newby uphetha ngokuthi: “Lapho inja iza kithi igijima, itshikizisa umsila bese isikhotha njengokungathi ukufika kwethu ekhaya kuyinto enkulu impela kuyo, kubonakala kunengqondo ukubiza lokho ngokuthi ‘uthando.’ ” Ngokuqinisekile kuyaqondakala ukuthi kungani abantu abaningi abafuye izilwane beshukumiseleka ukuba nabo babonise lolo “thando.”

Nokho, ukuphatha isilwane njengomuntu kungaba nemiphumela engathandeki. Phela, isilwane asinakuzanelisa izidingo zomuntu njengoba kungenza omunye umuntu. Ngaphezu kwalokho, impilo yasedolobheni izidalela izinkinga ezinye izilwane ezifuywayo kanye nabanikazi bazo. Sizodingida ezinye zalezo zinkinga esihlokweni esilandelayo.

[Isithombe ekhasini 11]

Sekuyisikhathi eside izilwane zasendle zithanjiswa

[Umthombo]

A detail from The Great King of the Parthians Hunts With His Tame Panthers by Giovanni Stradanno: © Stapleton Collection/CORBIS

[Isithombe ekhasini 12]

Abelusi bakwa-Israyeli babephatha amawundlu ngesihe

[Izithombe ekhasini 13]

Izilwane ezifuyiwe zingabasiza abakhubazekile nasebekhulile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela