Umkhosi Weqhwa WaseSapporo
Ngumlobeli we-Phaphama! eJapane
HAKATHI nezinyanga ezinde zasebusika, iSapporo, idolobha elisenyakatho yeJapane, lihlala limbozwé iqhwa. Izinyanga ezinhlanu kuya kweziyisithupha onyakeni, cishe yayingekho indlela yokuzijabulisa kwezakhamuzi kwaze kwaba yilapho abaphathi bomuzi behlangana futhi beveza isu: umkhosi weqhwa onezithombe ezinkulu eziqoshwe ngeqhwa.
Ngo-1950, abafundi basesikoleni esiphakeme basizwa ekwakheni izithombe eziyisithupha, ezisukela emamitheni amathathu kuya kwamane ubude. Abantu abangaba ngu-50 000 beza ukuzobona i-“Venus de Milo” eyenziwe ngeqhwa nezinye izithombe eziqoshiwe. I-Yuki Matsuri, noma uMkhosi Weqhwa, yaba nesiqalo esihle.
Phakathi neminyaka lomkhosi uye wanda ngobukhulu nangokuthandeka. Manje unyaka ngamunye, izivakashi ezingaba yizigidi ezimbili, kuhlanganise neziningi ezivela emazweni angaphandle, ziyeza zizobukela ngokumangala okukhulu amakhulu emifanekiso eqoshiwe eyenziwe ngeqhwa. Lesisenzakalo esiwumbukwane esingesona esingokwenkolo esithatha izinsuku eziyisikhombisa sesibe isenzakalo esiphawulekayo esikhulu kunazo zonke kulo lonke elaseJapane.
Ukuhambahamba Phakathi Nomkhosi
Phakathi kwezindawo ezintathu lomkhosi owenzelwa kuzo, iPaki lase-Ōdori lingenkulu. Lendawo okwakulahlwa kuyo iqhwa ebusika ihlanganisa imigwaqo engu-11 yedolobha enkabeni yaseSapporo. Kulendawo naseMakomanai, eqhele ngebangana, kungabonakala imifanekiso eqoshiwe emikhulu ewumbukwane. Izingane zimangaliswa abalingiswa abakhulu ngendlela engavamile abavela ezinhlelweni zethelevishini nezincwadi zamahlaya ezizithandayo. Kunomlingiswa wesimanje omangalisayo u-Ultraman abafanyana abathanda ukumlingisa. Futhi eduze nje kukhona u-Chibi Maruko-chan nabangane bakhe, izingane ezivezwa kopopayi bethelevishini abathandwayo.
Nabantu abadala futhi bayamangala. IParis Opera House eyakhiwe kahle ngokuyingqayizivele, enezindonga ezihlotshisiwe nezithombe zabaculi ophahleni, ayizibeki. KuneGerman Diet House yakudala, isakhiwo esenziwe ngeqhwa ngendlela eyinqaba. Kulula ukubona i-Arabia Castle eno-Aladdin ‘nesibani sakhe semilingo.’
Okusithibezwe ngandlela-thile izithombe ezinkulu imifanekiso eqoshiwe eseCitizens Square, eminingi yayo equkethe isigijimi esikhethekile. Umfanekiso weBrandenburg Gate umi njengesikhumbuzo sokuhlanganiswa kweJalimane muva nje. Eminye yalemifanekiso eqoshiwe iveza ukukhathalela ngomhlaba, isimiso sawo sezinto eziphilayo nendawo ezungezile, nezilwane.
Ekupheleni kwePaki lase-Ōdori sithola i-International Square lapho amaqembu avela emazweni amaningi encintisana khona. Abanye balabaqophi bemifanekiso bayizingcweti ngokuvamile ezisebenza nge-marble, amatshe, nezinye izinto. Ngamunye wanikezwa isigaxa seqhwa esiyisikwele esingamamitha amathathu esiqiniswe kusengaphambili futhi wanikezwa izinsuku ezintathu zokuqeda umfanekiso wokungenela umncintiswano.
Kodwa yenziwa kanjani lemifanekiso emikhulu, futhi abaqophi bayo bakufinyelela kanjani ukucophelela okumangalisa kangaka?
Indlela Imifanekiso Yeqhwa Eyenziwa Ngayo
Ukwakha umfanekiso omkhulu kanjalo akuwona umsebenzi olula. Emkhankasweni owodwa, isakhiwo esiphelele singase sithathe isikhathi esingangenyanga, esihilela umsebenzi owenziwa abantu abangaphezu kuka-1 500. Omunye umfanekiso womncintiswano wawuyisithombe seSiteshi iFlinders Street, eMelbourne, e-Australia. Ubukhulu baso babungamamitha angu-35 ubude, amamitha angu-35 ububanzi, namamitha angu-15 ukuphakama. Kwadingeka amaloli angu-1 400 athwala amathani amahlanu lilinye ukuthutha amathani angu-7 000 eqhwa elasetshenziswa kuso. Akumangalisi ukuthi kusukela ngo-1955 umsebenzi omkhulu wokwenza lemifanekiso emikhulukazi uye wenziwa amabutho okuvikela, kamuva ajoyinwa ababeqeqeshwa emnyangweni wezokucima umlilo. Ake sibone indlela abazakha ngayo lezithombe ezinkulukazi zobuciko bokusebenza ngeqhwa.
Okokuqala, kumelwe kukhethwe lokho okuzokwenziwa. Kuqoqwa ukwaziswa nezithombe. Ngokusekelwe kulokhu, kwenziwa imifanekiso ngobumba, i-papier-mâché, noma ngezinye izinto. Khona-ke, esikhathini esingangenyanga ngaphambi kwalomkhosi, kuqoqwa iqhwa elihlanzekile bese lithuthelwa endaweni yokwakha. Lapho lifike lithululwe, lifakwe efulemini enkulu yokhuni bese liqiniswa ngamanzi. Ngokulandelayo lefulemu iyasuswa, kumiswe isikafula, bese ukuqoshwa komfanekiso kuqala ngentshiseko.
Ngokuvamile zisebenza bonke ubusuku lapho izinga lokushisa lingaphansi kwezinga-qhwa, izingcweti zisebenzisa izimbazo namafosholo ukuze zilungise isiqu bese zisebenzisa amathuluzi amancane okuqopha ukuze ziqedele.
Abantu ngabanye namaqembu bangahlanganyela nabo kulenjabulo. Cishe ingxenye yesithathu yamakhulu afake izicelo zokungenela umncintiswano avela kulo lonke izwe akhethwa ngenkatho inikezwa iziqondiso ezivela eqenjini elikhethekile lezingcweti. Ngamunye walabafaki bezicelo unikezwa isigaxa esiyisikwele esingamamitha amabili seqhwa eliqinisiwe nezinsuku ezinhlanu zokuqeda isithombe sakhe esiqoshiwe.
Izinto Ezikhangayo Ezihlaba Umxhwele
Imifanekiso eqoshiwe eyenziwe ngeqhwa elingaqinisiwe inezela omunye umbono omuhle kulomkhosi. Eminingi yenziwa amalungu eNhlangano Yabaqophi Bemifanekiso Yeqhwa. Abaningi bangabapheki abavela emahhotela adumile ngokuvamile ababonakalisa amakhono abo ezindaweni zokwenzela amadili. Bayakushisekela ukuza eSapporo, futhi imiphumela iyajabulisa.
Ukudlalwa kwezingoma nemibukiso kunezela esimweni senjabulo. Kunemincintiswano, amaqembu adlala umculo ehamba, umdanso, ukushibilika eqhweni, nokunye okuningi. Izingane nazo zijatshuliswa izindawo zokushibilika eqhweni eziningi ezilungiselelwe ukuzijabulisa nezingena ngaphakathi kulemifanekiso eqoshiwe.
Isikhathi sasebusuku siyisikhathi esihle ngokukhethekile sokubuka lomkhosi. Izinkulungwane zezibani ezincane ezimhlophe eziboshelwe emagatsheni ezihlahla angenamacembe epaki, kanye nezibani eziningi ezinemibalabala ezicwebezela kulemifanekiso ebenyezelayo, zakha isimo esihlaba umxhwele sokukhanya nemibala kulendawo ekhangayo ebusika. Ngemva kokubona lomkhosi, ubuyohlabeka umxhwele ngalokho okungafinyelelwa ukucabanga nezandla ezinekhono zomuntu azinikezwe uNkulunkulu.
[Izithombe ekhasini 23]
Imifanekiso yeqhwa emikhulu njengalona ongezansi ingase ibe ngamamitha angu-35 ububanzi namamitha angu-15 ukuphakama, okudinga amathani angu-7 000 eqhwa lokuyakha