Ingubo Yasebusika
INGABE wake wahlabeka umxhwele lapho ubuka izulu likhithika? Uma kunjalo, ngokungangabazeki uzovuma ukuthi lona ungomunye wemibukwane emihle kakhulu nenokuthula—ikakhulukazi uma ulondekile futhi uthokomele endlini kungenasidingo esiphuthumayo sokuba uthathe uhambo. Njengoba lengubo emhlophe inqwabelana, kubonakala sengathi isakaza ukuthula nokuzola okukhulu kuyo yonke indawo. Ngisho nomsindo wasedolobheni uyadamba njengoba kukhithika izigidigidi zamakhekheba eqhwa athambile.
Nokho, ingabe akumangalisi ukuthi into ebonakala ithambe njengeqhwa elikhithikayo ingaba ebhubhisayo? Amadolobha aphithizelayo njengeNew York—evame ukubizwa ngokuthi “idolobha okungalalwa kulo”—angama ngokuphelele uma iqhwa linqwabelana libe likhulu ngokwanele.
Khona-ke, akumangalisi ukuthi uNkulunkulu wabuza indoda ethembekile uJobe: “Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho, engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi, na?” (Jobe 38:22, 23) Lapho lisetshenziswa uMdali walo, uJehova uNkulunkulu, iqhwa lingaba isikhali esisabekayo ngempela.
Nokho, iqhwa ngokuvamile lifeza indima yokulondoloza ukuphila kunokuba lilethe imbubhiso. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uNkulunkulu “uyanika iqhwa njengoboya.” (IHubo 147:16) Iqhwa lifana kanjani noboya? IBhayibheli lisebenzisa kokubili iqhwa noboya ukuze libonise ukuhlanzeka nobumsulwa. (Isaya 1:18) Kodwa kunokunye ukufana okubalulekile. Kokubili iqhwa noboya kusebenza njengezivikelo. I-World Book Encyclopedia ithi: “Uboya . . . buvikela emakhazeni nasekushiseni.” Futhi ngokuqondene neqhwa, i-World Book iphawula ukuthi nalo “lisebenza njengesivikelo esihle. Iqhwa livikela izitshalo nezilwane ezizifihlayo ebusika emoyeni obandayo wasebusika.”
Ngakho ngokulandelayo lapho ubuka izulu likhithika, ungase ufune ukucabanga ngamandla kaNkulunkulu asabekayo. Noma ungase ukhethe ukucabanga ngesivikelo esihle asinikezayo njengoba emboza indalo yakhe ngengubo emhlophe, ngendlela efanayo umzali onothando angalalisa ngayo umntanakhe ezingutsheni embhedeni.