Ukuthokomala Eqhweni
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFINLAND
UMA bengagqokanga ngokwanele futhi bengenazo izicathulo, abantu bebeyohlupheka kakhulu futhi baze bafe ngesikhathi sasebusika esibandayo eNyakatho Ekude. Kodwa ezilwaneni eziningi ukuphila kuyaqhubeka, kungakhathaliseki inkathi yonyaka. Ngaphandle kokuthembela ejazini loboya noma izimpaphe ezifudumele, izilwane zisebenzisa nekhono elimangalisayo lokufudumala kweqhwa.
Iqhwa linezinhlayiya ezakhiwa ngokuqondile umhwamuko—amasentimitha angu-25 eqhwa alingana namanzi angaba amasentimitha angu-2,5. Ngakho-ke, iqhwa linomoya omningi, ovaleleke ngaphakathi kwalezi zinhlayiya. Lo mklamo omangalisayo wenza iqhwa libe yisivikelo esihle kakhulu emakhazeni ashubisa umnkantsha, livikela okusanhlamvu nezimila kuze kube yilapho iqhwa lincibilika entwasahlobo. Khona-ke, njengenqwaba yamanzi ajiyile abumbeke ngokuma kwendawo, iqhwa liyancibilika, limatise inhlabathi futhi ligcwalise nemifudlana.
Ukuphila Ngaphansi “Kwengubo”
Ngaphansi nje kwaleli qhwa kunezilwane ezinhlobonhlobo ezincane, ezinoboya ezihambahamba emihubheni zenza imisebenzi yazo yansuku zonke, ingxenye enkulu yayo ewukwehla zenyuka zithungatha ukudla. Zihlanganisa amagundane okuthiwa ama-lemming, ama-vole nama-shrew—ayizilwane ezincane ezidla izinambuzane, ezivame kakhulu ebusuku futhi ezihlobene nezimvukuzane. Ngakolunye uhlangothi, amagundane avame ukubonakala enqamula phezu kweqhwa efuna amajikijolo, amantongomane, okusanhlamvu kanye namagxolo athambile ezihlahla ezisakhula.
Izilwane ezincane ezincelisayo zililondoloza kanjani izinga lokushisa komzimba elifanele? Eziningi azigcini nje ngokuba noboya obufudumele kodwa zilondoloza ukushisa komzimba kwangaphakathi ngokugaya ukudla ngokushesha. Njengoba ungase ucabange, kudingeka ukudla okuningi ukuze zikwazi ukwenza lokhu. Ngokwesibonelo, usuku ngalunye ama-shrew adla izinambuzane, amaqhimiza neziphungumangathi ezinesisindo esicishe silingane nawo. Uma kuqhathaniswa, uhlobo lwawo oluncane kakhulu—i-pygmy shrew—ludla ngisho nangaphezu kwalokho! Ngakho-ke, cishe sonke isikhathi lapho engalele asuke efuna ukudla engaphezi.
Lezi zilwane ezincane ezincelisayo zibuye zibe intandokazi yezilwane ezidla ezinye, kuhlanganise nezikhova kanye nezinhlobo ezimbili zikachakide, i-ermine ne-least. Njengoba benemizimba emincane futhi beshesha, ochakide bakuhlomele kahle ukuhamba emihubheni efihleke ngaphansi kweqhwa befuna ukudla. Bazingela ngisho nonogwaja, abakhulu kunabo ngomzimba.
Izikhova nazo ziyazingela. Isikhova i-great gray owl sinendlebe ebukhali kangangokuba singezwa futhi silandelele igundane okuthiwa i-vole ngaphansi kweqhwa—uma iqhwa lingeliningi kakhulu. Lapho lesi sikhova sesilitholile igundane, singena phakathi eqhweni, sibambe isisulu saso ngamazipho aso axhakathelayo, sihambe naso. Kodwa uma iqhwa liliningi, lingase libangele indlala ngisho nokufa ezilwaneni eziningi ezidla ezinye kanye nokwanda ngokweqile kwalezo ezidliwayo.
Ukuze zingabulawa yindlala phakathi nobusika obungenakudla, izilwane eziningi zisebenzisa amafutha asemzimbeni eziwanqwabelanisa phakathi nezinyanga zasehlobo ezifudumele. Kodwa ngokuvamile ukudla okuthile kusuke kukhona. Ngokwesibonelo, izinyamazane okuthiwa ama-moose zidla amagatsha amancane ezihlahla, ikakhulukazi zikaphayini. Izingwejeje zidla okusanhlamvu okunomsoco okungaphansi kwezidleke zazo, kanti onogwaja badla amagxolo ezihlahlana, izinti namahlumela. Ezinye izinhlobo zezinyoni zithanda amajikijolo abandayo kanye nezinhlamvana zikaphayini.
Zitshuzela Eqhweni Zisuka Emoyeni!
Izinyoni eziningi zisebenzisa ikhono leqhwa lokuvimba amakhaza ukuze zifudumale lapho ziphumule emini noma zilele ebusuku. Lezi zinyoni zihlanganisa i-hazel hen, i-grouse emnyama ne-ptarmigan, kanye nezinyoni ezincane ezinjenge-linnet, i-bullfinch nondlunkulu. Uma iqhwa liliningi futhi lithambile, ezinye izinyoni zimane zitshuzele kulo zisuka emoyeni, njengezinyoni zasolwandle ezingena emanzini. Leli cebo elihle alishiyi mkhondo ongase ulandelwe noma uhogelwe yizilwane ezidla ezinye.
Lapho sezingene eqhweni, lezi zinyoni zimba umhubhe ongaba yimitha ubude, okuthiwa i-kieppi ngesiFinnish. Imimoya eheleza ebusuku isusa zonke izimpawu zokuthi kunokuthile okungaphansi kweqhwa. Lapho abantu abahamba kule ndawo besondela ngakomunye wale mihubhe yezinyoni, ukufohlozela kweqhwa kuyazixwayisa. Ukufohlozela kweqhwa okungalindelekile nokundiza kwezinyoni ezibalekayo eduze kungethusa noma ubani ohamba lapho enganakile!
Ukugqoka Ingubo Yasebusika
Njengoba izinkathi zonyaka zishintsha, ezinye zezilwane zasezindaweni ezibandayo zizifihla ngokushintsha uboya noma izimpaphe zasehlobo zembathe ezasebusika ezifana nendawo eneqhwa. EFinland, izimpungushe, onongwaja okuthiwa ama-blue hare nezinhlobo eziningana zochakide ziba noboya obuwugqinsi obumhlophe noma obucishe bube mhlophe ekwindla.a
Ngokufanayo, izimpaphe zasehlobo ezihunqu ze-ptarmigan ziyashintsha zibe nombala omuhle omhlophe. Kanti amanqondo ayo, anezimpaphe ezincane phakathi nehlobo, agcwala izimpaphe, njengokungathi igqoke “izicathulo zeqhwa.” Ngisho nalapho ukubukeka kwazo kushintsha, izinyoni ezithile ezizingelwayo ziyavikeleka ngenxa yokuthi izimpaphe zazo ezishintsha umbala zifana nenhlabathi eneqhwa elithe gqwa-gqwa.
Wake wazibuza yini ukuthi kungani izinyoni, eziningi ezizihambela nje eqhweni, zingalimali, noma-ke okungenani, zibe nobunzima obukhulu? Imilenze yazo yakhiwe ngokumangalisayo, ikwazi ukulondoloza ukushisa. Leli khono elimangalisayo lenza igazi elifudumele elisuka enhliziyweni lehlele emilenzeni ukuze lifudumeze igazi elibandayo elisuka kuyo.
Yebo, kusuka ezindaweni ezineqhwa enyakatho naseningizimu kuya eZindaweni Ezishisayo, izinto eziphilayo azigcini nje ngokubekezelela izimo ezinzima kule planethi yethu. Kunalokho, ziphila ngokunethezeka kuzo. Amadoda nabesifazane abathola lezi zinto bese bezithwebula bavame ukunconywa ngemizamo yabo—futhi kube kufanele! Kumelwe simdumise kangakanani-ke uMdali wezinto ezimangalisayo eziphila emhlabeni! IsAmbulo 4:11 sithi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”
[Umbhalo waphansi]
a Amagama avamile alezi zilwane angase ahluke. Ngokwesibonelo, unogwaja okuthiwa i-blue hare unamagama amaningi, kuhlanganise nathi mountain hare, tundra hare, nelithi variable hare.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]
Ngokuqinisekile Abawona AmaKristu Esaba Amakhaza!
Phakathi nezinyanga zasebusika, oFakazi BakaJehova eFinland bagqoka ngokuvumelana nesimo sezulu futhi baqhubeke nemisebenzi yabo engokomoya. Abanye oFakazi ngenjabulo bahamba ibanga elide beya emihlanganweni yobuKristu. Empeleni, inani lababa khona emihlanganweni emaphandleni alehli phakathi nezinyanga eziningi zamakhaza. OFakazi BakaJehova bahlala bematasa nasenkonzweni yasobala. Empeleni, bakubheka njengelungelo elikhulu ukunikeza ubufakazi ngoMdali, uJehova uNkulunkulu, kangangokuthi bashiya imizi yabo ethokomele ukuze bahlanganyele ekumemezeleni uMbuso wakhe.—Mathewu 24:14.
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Ama-“petrel” asemhumeni
[Umthombo]
By courtesy of John R. Peiniger
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Uchakide i-“ermine”
[Umthombo]
Mikko Pöllänen/Kuvaliiteri
[Isithombe ekhasini 17]
Impungushe
[Isithombe ekhasini 17]
Amadada
[Isithombe ekhasini 17]
Unogwaja