Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 6/22 k. 12-k. 14 isig. 7
  • Ukubhema I-glue Kungangilimaza Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhema I-glue Kungangilimaza Ngempela?
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufa Ngokungazelele
  • Ukungcolisa Umzimba Nezinye Izingozi
  • Ungakuzami!
  • Ukusebenzisa Kahle Imithi Kadokotela Nokuyisebenzisa Kabi
    I-Phaphama!—2009
  • Intsha Nezidakamizwa
    I-Phaphama!—2003
  • Amanxeba Afihlekile Okuxhashazwa Kwabantwana
    I-Phaphama!—1991
  • “Isikhathi Sokuphola”
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 6/22 k. 12-k. 14 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Ukubhema I-glue Kungangilimaza Ngempela?

“KUMNANDI—njengokubuka opopayi.” Usho kanjalo uSveta, intombazane eneminyaka engu-13 ubudala yaseMoscow, eRussia.a Kodwa uSveta akababazi ifilimu noma i-video yamuva nje. Uchaza okuhlangenwe nakho kwakhe ngohlobo oluthile lokusebenzisa kabi izidakamizwa oluthandwa izinkulungwane zentsha emhlabeni wonke—ukubhema i-glue.

Nokho, i-glue imane ingenye yezinto eziningi ezibhenywa intsha ethile. Ngokwesibonelo, eBrithani, izifutho zokunukisa kahle umoya, izinto zokokhela umlilo, kanye “neminye imikhiqizo yasendlini evamile engu-20 kuya kwengu-30 . . . kusetshenziswa kabi,” ngokukamagazini i-Young People Now. Lokhu kuhlanganisa “izifutho zokudambisa izinhlungu, upholishi wefenisha, nezinto zokulungisa amathayi.” Phela, enye intsha ize ibheme nesisi sezicishamlilo! Ngakho-ke kunembe kakhulu ukubiza lomkhuba oyingozi kodwa othandekayo ngokuthi “ukusebenzisa kabi izincibilikisi” noma “ukusebenzisa kabi izinto ezihwamuka ngokushesha,” njengoba bewubiza kanjalo abanye ochwepheshe.

Kungakhathaliseki ukuthi basebenzisa kabi i-glue noma upholishi wefenisha, abakubhemayo lokhu bafuna imiphumela efanayo. Ngokomunye umthombo, bafuna “ukuvukwa ‘amadlingozi’ afana nokudakwa utshwala.” Izincibilikisi zishibhile futhi zitholakala kalula kunezidakamizwa ezinamandla njenge-cocaine. Ngakho umagazini waseBrithani i-New Scientist wabika: “Izincibilikisi seziyisidakamizwa sabampofu, abasha nabaswele: izingane ezingenamakhaya zaseGuatemala nezakhamuzi zabomdabu zaseNyakatho Melika, kanye nentsha esemahostela nasezindaweni zokukhosela ebusuku zaseBrithani.” Ezinye iziphathimandla zikholelwa ukuthi eBrithani, oyedwa kumantombazane nabafana abayishumi abevé eshumini nambili uye wabhema izincibilikisi. Kodwa imiphumela ngokuqinisekile iyalimaza.

Incwajana ethi Drug Misuse ichaza ukuthi “umhwamuko wezincibilikisi ezihogelwayo ungena emaphashini futhi ngokushesha ufinyelele ebuchosheni.” Izincibilikisi zilimaza isimiso sezinzwa, futhi njengotshwala, zingabangela umuzwa wesikhashana wokwesasa. Kwabanye abazibhemayo, zibangela ngisho nokusangana kwesikhashana—futhi akukhona konke okujabulisa njengalokho okuchazwe uSveta ekuqaleni. “Ngabona amagundane amaningi,” kusho osemusha okuthiwa uDavid owabhema i-glue lapho eneminyaka engu-14 ubudala. “Ayeyizinkulungwane—amancane ephuma kwamakhulu. Ngacabanga ukuthi ayedla umngane wami.” Osemusha waseJapane okuthiwa uKazuhiko, owaqala ukubhema i-glue lapho eneminyaka engu-17 ubudala, uyakhumbula: “Ngabona umhlaba uvuleka futhi ngihlaselwa izilo.”

Khona-ke, kungani ukubhema izincibilikisi kukhanga kangaka kwenye intsha? ULee, owaqala ukubhema i-glue lapho eneminyaka engu-13 ubudala, uthi: “Ngokuyinhloko, okubangela ukuba abantu bakwenze ukuzama ukubalekela iqiniso.” Yebo, kwenye intsha, ukudakwa izincibilikisi kuyindlela yokukhohlwa izinkathazo. Abanye banxanela injabulo; bacabanga ukuthi ukusangana okwethusayo kunjengefilimu elithusayo lokuzilibazisa. “Ezinye izizathu,” kusho uMnyango Wezempilo wase-Ireland, “zihlanganisa ilukuluku lokufuna ukwazi, ukusabela ekucindezeleni kweqembu lontanga, imizamo yokuzuza isikhundla, ukuqeda ukungazethembi nemizwa yokungagculiseki.”

Ukufa Ngokungazelele

Kungakhathaliseki ukuthi kukhanga kangakanani, ukubhema izincibilikisi kuwumkhuba obulalayo! Kwabulala abantu abangu-149 eBrithani ngo-1990, futhi ngezinye izikhathi kubulala ngemizuzu embalwa nje. Kubizwa ngokuthi “ukubulawa ukubhema ngokungazelele.” Ngokwesibonelo, uRachel wayevame ukuthela engalweni yakhe uketshezi lokusula amagama emshinini wokuthayipha bese elubhema esikoleni. Ngolunye usuku walubhema esebhasini. Wehla ebhasini wawa. Wasukuma okwesikhashana waphinde waqumbeka phansi—wafa! URachel wayeneminyaka engu-15.

Okwethusa kakhulu iqiniso lokuthi izincibilikisi zingakubulala uqala ngqá ukuzisebenzisa kabi! I-Re-Solv, inhlangano yaseBrithani yokusiza abaswele eyasungulwa ukuze kulwiwe nokusebenzisa kabi izincibilikisi, ibika ukuthi “u-18% wabo bonke abantu abasebenzisa kabi izincibilikisi owafa phakathi kuka-1971 no-1989 kwakungabantu ababeqala ngqá ‘ukubhema.’” Omncane kunabo bonke owafa wayeneminyaka eyisishiyagalolunye kuphela ubudala. Njengokusebenzisa kabi utshwala, ukusebenzisa kabi izincibilikisi kungashiwo ukuthi kuluma ‘njengenyoka futhi kuhlaba njengebululu.’—IzAga 23:32.

Ababhemi bangafa futhi ngenxa yezingozi ezivela lapho bengaphansi kwethonya lezincibilikisi. Abanye baye bawa ezakhiweni noma baminza. Abanye baye baquleka futhi bakhwingcwa ubuhlanzo babo. Abanye baye bafa ngenxa yokubhema bezigubuzele ikhanda ngepulasitiki; badakwa kakhulu bahluleka nokususa ipulasitiki, bafuthelana. Abanye futhi baye basha bangqongqa lapho lezincibilikisi zibamba umlilo.

Ukungcolisa Umzimba Nezinye Izingozi

Nakuba kungebona bonke ababhekana nemiphumela edabukisa ngalendlela, omunye uchwepheshe uyabhala: “Umuntu ohlala ekusebenzisa kabi lokhu uyazi ukuthi ‘ungcolisa’ umzimba wakhe futhi uba nesifuba esibuhlungu, ukuyenda, izinhlungu zekhanda, ukulahlekelwa inkumbulo kanye nensada yezinye izimpawu angavamile ukuzivuma.” ULee (ocashunwe ekuqaleni) uyakhumbula: “Ngangiphathwa ikhanda elinkenketha kakhulu kunawo wonke ake angiphatha ekuphileni kwami.” Inhlangano i-Re-Solv ithi ukubhema izincibilikisi kungalimaza nezinso nesibindi, kungakhubaza ingqondo, futhi kungabangela ukucindezeleka.

Kukhona-ke nezingozi zokuziphatha. Abanye ababhemayo baye baba amasela ukuze basekele umkhuba wabo. Noma cabangela okwabikwa kuyi-Daily Yomiuri yaseJapane: “Omunye wabasha abathathu abathweswa icala lokubulala intombazane eyevé eshumini nambili [wathi] akazange azizwe enecala lapho ebulala lentombazane ngoba wayengaphansi kwethonya [lezincibilikisi] ngalesosikhathi.”

Ekugcineni, ukusebenzisa kabi izincibilikisi kungaphumela ekuncikeni kuzo ngokomzwelo—ukulutheka. “Amaphesenti angaba yishumi abantu ababesebenzisa kabi izincibilikisi aba ababhemi abayimilutha,” kusho i-Glasgow Herald yaseScotland. Lokhu kungamane kuthiye ukukhula komuntu okungokomzwelo nokungokomoya. Cabangela amazwi eBhayibheli kweyoku-1 Korinte 14:20: “Ningabi-ngabantwana ngengqondo, . . . kepha engqondweni nibe-ngabakhulileyo.” Umuntu ukhula kanjani kulesici? IBhayibheli liyachaza kumaHeberu 5:14: “Ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.” Umlutha uyahluleka ukuhlakulela amandla awo okuqonda. Kunokuba ubhekane nezinkinga, uzama ukuzibalekela ngokuphendukela esimweni sokusangana esibangelwa izidakamizwa. Umagazini i-Young People Now wathi ababhemayo abayimilutha “bahlala beyizingane—abakwazi ukuqhubekela ebudaleni.”

Ungakuzami!

Kungenzeka wazi abanye ontanga abaye bazama ukubhema izincibilikisi, futhi kumane kungokwemvelo ukufuna ukwazi. Kodwa iBhayibheli lithi: “Masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Kungani uzama okuthile okungcolisa umzimba wakho noma okukwenza ungakwazi ukulawula ingqondo yakho, ngisho nokwesikhashana? Iseluleko seZwi likaNkulunkulu siwukuba “siqonde.” (1 Thesalonika 5:6) Lamazwi ngokwezwi nezwi asho ukuthi “kwangathi singasanguluka.” Kunokuba angcolise amakhono akhe okucabanga ayigugu, umKristu uwalonda ngokuhlakanipha.—IzAga 2:11; 5:2.

UKazuhiko uthi: “Ngiyazisola ngokuthi ngaqala lomkhuba.” ULee uyavuma, ethi: “Kuwubuwula. Kuyinto eyingozi ngempela ukuyenza.” Zilonde ebuhlungwini nasosizini olukhulu, futhi ungalokothi uzame ukubhema izincibilikisi. Yenza njengoba iBhayibheli lisho: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.”—IzAga 22:3.

Nokho, kungase kungabi lula ukusebenzisa lesiseluleko. “Ukucindezela kontanga” kuthiwa kungesinye sezizathu ezivamile ezenza intsha ibambeke ogibeni lokusebenzisa kabi izincibilikisi. “Umfowethu wangenza ngaba nesithakazelo sokubhema i-glue,” kusho uDavid osemusha. “Abangane bami bangifaka kukho,” kunezela uKazuhiko. Yebo, njengoba eyoku-1 Korinte 15:33 isho, “ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.” Kungani uvumela ontanga bonakalise ukuphila kwakho? UJehova uNkulunkulu, uBaba wethu wasezulwini, uyanxusa: “Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.”—IzAga 1:10.

Ngokuhlakanipha, yazisa abazali bakho uma abanye bekucindezela ukuba usebenzise izidakamizwa. Bangakusiza uqine ekuzimiseleni kwakho ukuzenqaba. Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe ulingeka ukuba uzame ukubhema izincibilikisi ngoba uzizwa ucindezelekile noma ukhungethwe izinkinga. Ikhambi elingcono kakhulu lokucindezeleka liwukuxoxa izinkinga zakho nabazali bakho noma omunye umuntu omdala ovuthiwe, onozwela. Udinga isiqondiso, hhayi indlela yokubaleka eshoshozelwa izidakamizwa. Ungasebenzisa nelungiselelo lomthandazo ukuze likusize ukhuthazele. ‘Themba kuNkulunkulu ngezikhathi zonke,’ kusho umhubi. ‘Uthulule inhliziyo yakho phambi kwakhe.’—IHubo 62:8.

Ukubhema izincibilikisi kungase kubonakale kujabulisa, kodwa ngeke kuzixazulule izinkinga zakho. Ngempela, kungonakalisa ukuphila kwakho. Hlakanipha. Ungalokothi ukuzame.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 13]

Ungavumeli ukucindezela kontanga kukuyengele emkhubeni obulalayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela